Ayakhula amandla emali kodwa amanani okudla asaqhubeka nokuluma. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUQHUBEKILE ukuqina kwamandla emali ngoJulayi njengoba kufinyelele ku-4.7%, kusuka ku-5.4% ngoJuni. Loku kwagcina ukwenzeka eminyakeni emibili edlule ngesikhathi emi ku-4.6%.
Izibalo ezishicilelwe iStatistics South Africa izolo zithe amandla emali aqiniswe wukwehla kwamanani ezokuthutha.
I-Statistics South Africa ithe: “Ukwehla kwamandla emali kwenyuka kwafinyelela ku-7.8% ngoJulayi ngo-2022, u-44% waloko wawudalwa ngezokuthutha. Imbangela enkulu yaloko kwakungamanani kaphethroli. Aqalile ukwehla ngoJulayi ngonyaka odlule; ezindaweni ezimaphakathi nezwe uphethroi wehlele kuR22.46 ilitha ngenyanga edlule. Loku kusho ukuthi imoto emumatha uphethroli ongamalitha awu-50 yonga uR214.
“Ukwehla kwamanani kaphethroli kunciphise ukukhuphuka kwamanani ezokuthutha. Amanani kaphethroli anciphe ngo-16.8% kusukela ngonyaka odlule. Loku kwenzeka futhi ngo-2020 ngenkathi amanani ezokuthutha ehlile phakathi kuka-Ephreli noJuni, kwaphinda futhi naphakathi kuka-Okthoba noDisemba.”
Nokho-ke, nakuloku amanani okudla asaqhubeka nokuba phezulu yize ethe ukwehla kancane. Amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala ehlele ku-9.9% ngoJulayi esuka ku-11.0% ngoJuni.
Awesinkwa nawe-cereal ehlele ku-13.1% ngoJulayi esuka ku-15.5% ngoJuni. Impuphu, okungenye yezinto ezidliwa kakhulu eNingizimu Afrika, yehle ngo-0.7% ngoJuni uma kuqhathaniswa amanani kaJulayi. Amanani enyama aqhubekile nokwehla nobesekungokwesihlanu izinyanga zilandelana, afinyelele ku-5.1%.
“Amanani obisi, amaqanda noshizi anyukele ku-14.4%, esuka ku-14.1% ngoJuni. Amanani kashizi akhuphuka mawala njengoba i-cheese spread inyuke ngo-19.5%, i-cheddar cheese ikhuphuke ngo-19%, kuthi i-gouda cheese yanyuka ngo-16.6%,” kusho iStats SA.
Lo mbiko uveze ukuthi iziphuzo ezishisayo azizibekanga phansi zanyuka ngo-9.0% ngoJulayi, zisuka ku-8.7% ngoJuni kanti ikhofi lisuke ku-10.3% lafinyelela ku-11.5%.
“Akugcinanga ngekhofi kuphela kubathandi balesi siphuzo ngoba namanani kashukela akhuphukile. Ushukela omhlophe usubiza ngo-20.8%, kuthi omnyama usubiza ngo-22.8% kunangonyaka odlule. Oswidi nabanye oncamnce banyuke ngo-18.7%, besuka ku-16.4% ngoJuni, lawa yiwona manani aphezulu kunawo wonke kusukela ngoMeyi wango-2017,” kwengeza iStats SA.
Amanani otshwala ayanyuka kancane njengoba esuke ku-6.9% ngoJuni, afinyelela ku-7.8% ngoJulayi. Amanani ewayini aphezulu ngo-9.8% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule kanti akabhiya anyuke ngo-7.4%.
“Njalo ngoJulayi nango-Agasti, iStats SA ibheka namanani omasipala. (Abantu) bakhokha imali kagesi enyuke okungenani ngo-14.5%. Amanzi anyuke ngo-9.6%, kuthi intela yezakhiwo iphezulu ngo-2.9%,” kusho iStats SA.
Usomnotho waseFNB uNks uKoketso Mano uthi ukwehla kwerandi namanani aphezulu kawoyela kuzobonakala emananini kaphethroli ngo-Agasti nangoSepthemba, okuzomisa ukukhuphuka kwamandla emali.
Uthi balindele ukuthi ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali kume ku-6.0% kulo nyaka.

