EMVA kokuphothula umatikuletsheni, uthwale kanzima eshoda ngemali yokubhalisa enyuvesi ngenxa yokuthi abazali bakhe abasebenzi. Uvuke wazithatha wafuna umsebenzi, wasebenzisa ulwazi aluthole kuwo ukuqala ibhizinsi lokubhaka adayise amakhekhe emgwaqweni.
LENA yingosi yokugcina onyakeni U-2021. ngithanda ukuthatha leli thuba ngikufisele okuhle kodwa mfundi wale ngosi. U-2021 awubanga muhle neze, usiphilise lubhojozi nxazonke. Baningi abanye abalahlekelwe wokuningi, okunye okufana namabhizinisi ebebeziphembela wona.
IMIZI eminingi elokishini ahlala kulo ize igqwale upende ezindongeni nasophahleni kungavuselelwa. Ubone ithuba lebhizinisi waqala ibhizinisi lokuhlanza uphahla, avuselele nopende ezindongeni zemizi yabantu
KUBENOMEHLUKO obonakalayo endleleni okusetshenziswe ngayo imali kahulumeni eminyangweni kazwelonke nasezifundazweni ngonyaka wezimali ka-2020/21. Nokho kusabhimba uhlelo eminyangweni ewukhiye ekuletheleni abantu izidingo nasemabhizinisini kahulumeni.
UKUKHANGISA ngebhizinisi ezinkundleni zokuxhumana ngenye yezindlela ezilula nezisheshayo zokuheha amakhasimende nokwazisa abantu ngomkhiqizo wakho, ikakhulukazi uma usaliphemba ibhizinisi lakho. Ufinyelela kubantu abaningi ngaphandle kokungena ezindlekweni ezinkulu.
IBIMKHATHAZA indlela okubukeka ngayo indawo yangakubo ehlala ingcolile isikhathi esiningi. Kuthe ngelinye ilanga wafikelwa wumbuzo wokuthi yiliphi iqhaza angaba nalo ukushintsha loko? Impendulo kwaba wukuthi akaqale ibhizinisi lokuqoqa udoti emizini yabantu.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa kodwa kwakumele ngiyisebenzele ukuze ngiyithole.
UKUNQENA kwabantu ukuhlanza izicathulo zabo kwenze wafisa ukubasiza ngako. Usungule ibhizinisi lokuhlanza izicathulo azishintshe nombala zibukeke zizintsha esebenzisa imikhiqizo yekhethelo.
UMA sibheka emuva ngo-2021, ngicabanga ukuthi sizobona izinto ezimbili ezicacile. Bekuwunyaka inkinga kagesi eqonge ngawo futhi kuwunyaka lapho siqale khona ukulunqoba ubhubhane. Njengoba sibheke onyakeni omusha nje, kokubili kuzosisiza.
KULE ngosi ngithanda ukukuphosela inselelo mfundi ukuthi njengoba izinsuku zikaKhisimuzi sezisondela nabantu benezinhliziyo ezinhle zokuthenga ezitolo, ngifuna wena ucabange ukuthi yiliphi ibhizinisi ongalenza ngakini ozofaka kulona imali engatheni nje ukuliqala.
UKUFUNDA kabanzi ngezolimo kwenze wathola ukuthi abalimi abaningi abamnyama bangena kulo mkhakha bengenalwazi lwawo, okwenza kube wumqansa eningini labo ukuchuma ngenxa yokungazi ukuthi benzenjani ukuze badlondlobale kule mboni.
KUKHUTHAZWE osomabhizinisi abasafufusa ukuthi bakhuthalele isikole ukuze bakhe amabhizinisi azokhula bangathembeli ekutheni bangabantu abaphiwe ukubona amathuba kuphela.
AKWANDELE bani ukuthi uthi wenza umsebenzi owubizo lwakho nokhule wazi ukuthi yiwona owuthandayo kodwa futhi uphinde uthole ithuba lokuba nebhizinisi elivuthayo lomsebenzi okukuthathe isikhathi ukubona ukuthi nawo uyawuthanda.
UKHOKHO wakhe ngelinye lamaqhawe ahlonishwayo eNingizimu Afrika ngokulwela isithunzi nengcebo yomuntu omnyama. Inkosi uJongumsobomvu Maqoma nowagcina efele ejele eRobben Island, lapho wayengomunye wabantu ababehamba phambili belwela ukuthi abantu abamnyama bangaphucwa umhlaba wabo.
UKHETHE ukushiya umsebenzi awufundele ukuze aziqalele ibhizinisi lamafutha okugcoba ikhanda nomnzimba. Kakade uvela emndenini wabantu abebedayisa njengoba kwakune-bottle store nebhusha kubo.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa. Kwakuvame ukuba wuR1 noma uR2 wokuthenga esikoleni.
I-AFRIKA ithembele kwamanye amazwe ukuze ithole imigomo njengoba ithenga u-99% wemigomo yawo kwezinye izindawo ekubeni iyizwekazi elinabantu abaningi abanezifo ezidinga ukugonyelwa.
UKHULE efisa ukuba wusomabhizinisi kodwa engazi ukuthi angaqala hlobo luni lwebhizinisi. Kuthe ngenye imini wazithela phezu kwesikhangiso senkampani yaphesheya kwezilwandle edayisa ubucwebe, yavuka intshisekelo yeminyaka lokuqala ibhizinisi, waqala inkampani edayisa ubucwebe begolide.
WABA nenhlanhla yokuthola ithuba lokufunda kabanzi ngokubiya nezinye izinto ezihambisana nako. Esafunda ngako, wathola ukuthi bayindlala abantu abamnyama kule mboni ekubeni emaningi amathuba kuyona.
NGINGATHANDA ukubona onke amabhizinisi eNingizimu Afrika enza konke okusemandleni ukugqugquzela izisebenzi zawo nomphakathi wonkana ukuthi ugome. Loku kuzosiza thina singamabhizinisi. Asisoze salunqoba ubhubhane iCOVID-19 uma singasinyusi isibalo sabantu abagomile ezweni lonke.
KULE NGOSI ngithanda sibheke indaba yokusebenzisa imali yebhonasi ngalezi zinsuku zenjabulo kaDisemba. Cha, angiyena umeluleki wezezimali kodwa yiseluleko nje lesi esivela kimina njengomeluleki kwezamabhizinisi ngoba kuye kube buhlungu ukubona indlela abantu bakithi abachitha ngayo imali ngesonto nje elilodwa lenjabulo kaDisemba.
ESEMNCANE wayegconwa ngenxa yemizamo ayeyenza ukuze umndeni wakh ulale udlile kodwa loko akuzange kumthene amandla. Kunaloko kuzale ibhizinisi lezolimo elisaqhubeka namanje ukuphucula impilo yomndeni wakhe nomphakathi.
KWABANYE abantu kuduma ikhanda uma umuntu ediliziwe emsebenzini ngoba usuke ethatha ebeka ukuthi uzokwenzenjani esephelelwe wumsebenzi. Nokho bakhona abasheshe babone ukuthi ukuvaleka komnyango kusho ukuvuleka komunye.
UNINALUME wayenebhizinisi eLEnza izimbadada, okuthe uma edlula emhlabeni alanganakwa muntu. Ubone kungaba yiphutha ukuyeka umbono kaninalume uphele kanjalo nje, waqhubeka lapho agcina khona ukuqhuba ibhizinisi lezimbadada ezenziwa ngendlela yesimanje.
UKUHLANGANA kwabanganI ababili baseezifundazweni ezihlukene kuholele ekuqaleni kwebhizinisi likapholishi wezicathulo nowamathayi ezimoto.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa wugogo, ngoba ngikhule abazali bengasekho emhlabeni.
UMNOTHO waseNingizimu Afrika awukaze uphinde ukhule kusukela kwawa umnotho emhlabeni ngo-2008 nokungakho kusukela ngaleso sikhathi imisebenzi ilokhu incipha ezweni.
EKHULA wayengakaze acabange ukuthi angaba wusomabhizinisi. Konke loko kwashintsha mhla ethi nhla ebona i-geyser engasasebenzi, okuyilapho anquma khona ukusebenzisa izingcucu zayo ukuqala ibhizinisi elikhula ngamandla.
NGEMVA kokudlula kukanina emhlabeni konke abekudinga empilweni ubekwenzelwa wuninakhulu. Kuhambe kwahamba kwanzima uninakhulu engasakwazi ukubheka zonke izidingo zakhe ngemali yempesheni.
LAZE lafika ngesikhathi esibi igciwane elisha leCOVID-19, i-Omicron. Ngalesi sikhathi nje imboni yezokuvakasha isinethemba lokuthi izoba noDisemba omuhle, sekuvele kwavaleka yonke into futhi. Loku okwenzekile kuyayibulala imboni nomnotho wethu.
ENGOSINI Yanamhlanje ngithanda sibheke Udaba olumqoka lokuthi yini eyenza ukuthi siyisizwe esimnyama sihluleke wukwakha amabhizinisi ezizukulwane njengoba imvamisa kuthi nje uma umnikazi webhizinisi efa ibhizinisi life naye?
ISIFISO sakhe kwakuwukuba wumpheki ozoduma ngokushaya ibhodwe. Nokho esenza umatikuletsheni ugcine engakwazanga ukufaka isicelo sokufundela ukupheka ngenxa yokuswela ulwazi lokuthi kungenwa kanjani kule mboni.
UMLOMO uyadala. Sisho njalo isiZulu. Kube njalo empilweni kasomabhizinisi osemnkantshubomvu emkhakheni wezakhiwo, ugesi namanzi. Ekhula uyise wayehlale ethi kumele afundele umsebenzi ophathelene nokuphatha amabhizinisi khona ezokhombisa abantu bezinkampani ezinkulu ukuthi ibhizinisi liphathwa kanjani.
EMINYAKENI eyisishiyagalombili edlule enye yamadodana akhe yayizogubha usuku lokuzalwa. Wahluleka wancama ebheka ikhekhe elalihlotshiswe ngopopayi owu-Mickey Mouse eyayiwufuna. Wagcina engene kwi-internet ukucwaninga ukuthi lenziwa kanjani, walibhaka yena lelo khekhe.
KUYE kuthiwe abantu abamnyama abathandi ukusebenzisana, ingasaphathwa-ke uma bengabantu besifazane bodwa. Kepha izintokazi eziyisithupha ezigila izimanga kwezemfashini ziyayiphikisa le mibono ngokubambisana kahle ebhizinisi lazo elinezinhlelo zokuthi libe nezitolo ezweni lonke.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa. Ngangihlala nogogo (owayenza) isiqiniseko sokuthi uma ubaba nomalume bethumele imali esuka eThekwini ngiyayithola.
BABONA kuzovuleka eminye iminyango yokukhula abanye bosomabhizinisi abebekhangise ngemikhiqizo yabo embukisweni ogqugquzela ukuhwebelana phakathi kwamazwe ase-Afrika. I-Intra African Trade Fair (i-IATF) ebise-Inkosi Albert Luthuli ICC eThekwini, eGauteng, nephele ngeSonto.
KADE kwakuyisifiso sabo ukuthuthukisa indawo yasemakhaya. Sigcine sifezekile njengoba kulo nyaka bevule indawo yezivakashi nemicimbi eyemukelwe ngesasasa.
ESEYINGANE ubekhonze ukwazi kabanzi ngencazelo yamagama abantu nomlando wezibongo zabo. Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi wasebenzisa ubuciko bokuhlobisa ebhala izincazelo zako ezenzela nje, kwagcina sekuyibhizinisi.
UKUHWEBELANA kukhulisa umnotho futhi kudala imisebenzi ephilisa abantu. KwaZulu-Natali ngesonto eledlule sibambe ingqophamlando yombukiso obizwa nge-Intra-African Trade Fair (i-IATF) eqhakambisa igalelo leNingizimu Afrika ekuhlanganiseni nasekuqiniseni amaxhama okuxhumana nawokuhwebelana ezwekazi i-Afrika.
INGOZI yenkinga enkulu yezimali eNingizimu Afrika isiphelile. Esikhathi esingaphansi kweminyaka emibili izwe liphucwe konke ebelinakho obekungasiza uma kubuyekezwa ukuthi kufanele yini abantu batshale yini ezweni nokuthi babolekwe yini imali.
NAMHLANJE ngithanda sibheke udaba losomabhizinisi abamnyama abangazihluphi ngokulula isandla ukuze basize osomabhizinisi abasafufusa. Lesi yisifo esimbi esifana nomdlavuza esizweni esimnyama.
BESE kuyisikhathi eside benentshisekeko yokuhlanganisa abantu babafundise ngokubaluleka kwemvelo nezolimo. Bagcine befeza lelo phupho labo leminyaka ngenkathi bethenga umuzi osepulazini ngo-2014, okuyiwona abawusebenzisa njengendawo egcina amagugu emvelo.
ESANDA kuqala ukuzisebenza wayethula izinkulumo mahhala emicimbini, emsakazweni, ebhalela amaphephandaba ngoba enzela ukukhangisa umsebenzi wakhe. Esinye sezihloko asidingida kuKhozi FM savula iminyango emholele ukuthi asebenzisane namanye amazwe e-Afrika.
ESIKOLENI wayaziwa ukuthi ugqoka izinto ezihlukile kwabanye futhi uzikhonzele ezemfashini. Kodwa ngoba wayeziphuzela izibalo nesayensi futhi ekhuliswe ngumama oyi-accountant, akavunyelwanga ukufundela ezemfashini uma eseqede isikole.
UKHULE ewumuntu okhonze ukuthi uma evuka azenzele inkomishi yekhofi elihlabahlosile. Namanje kuseyinto ayithandayo njengoba enzela nonina uma esuke egodukile.
Usemncane wawuphiwa imali?
IZOLO kuphinde kwaqala ukucishwa kukagesi eNingizimu Afrika ngokwesigaba sesibili, nokuyinto u-Eskom othe izoqhubeka kuze kube wuMgqibelo. Lesi simemezelo sale nkampani ephehla ugesi siphinde sakhombisa ukuthi kuphuthuma kangakanani ukuthi izwe lithole ezinye izindlela zokuphehla ugesi.
UKUKHULA ngaphansi kwesimo esinzima akwenzanga izelamani ezintathu zidikibale empilweni. Kunaloko bezihlale zizihlupha ngokuthi yini ezingayenza ukushintsha impilo yazo.
UCWANINGO alwenza ngezimboni namabhizinisi ehlukene eNingizimu Afrika lwamvezela ukuthi bambalwa abantu abamnyama abanamabhizinsi ohlobo lwe-franchise, izitolo zandawonye ezinabanikazi abahlukene.
ABANTU baseNingizimu Afrika baziwa ngokuthi bayakwazi ukwenza icebo uma kunenkinga. Nokho inkinga kagesi isidonse isikhathi eside. Nakuba kunenqubekelaphambili ekuvuleleni izinkampani ezizimele ukuthi zikwazi ukwakha kalula iziteshi zikagesi ezizophehla u-100MW nezinhlelo ezikhona zikagesi ongakhiqizwa ngamalahle kodwa sibhekene nokucinywa kukagesi esingakaze sikubone phambilini, nokuphazamisa amabhizinisi nempilo yethu mihla namalanga.
LELI yisonto elikhulu eNingizimu Afrika njengoba kuhlangene amazwe ase-Afrika eThekwini, KwaZulu-Natali, ngenhloso yokudingida ukuthi yini angayenza ukuhwebelana ewodwa njengamazwe aleli zwekazi.
USEBENZA ngokugcwele njenge-microbiologist kwenye yezinkampani ezinkulu. Yize kunjalo ubehlale enomcabango wokufuna ukuqala into yakhe ngelinye ilanga, angagcini ngokuqashwa.
IZIKHUNDLA aziphathayo ziwuhlobo lwemisebenzi ebucayi ekwazi ukuguqula impilo yabantu abaningi ngendlela enhle uma konke kusuke kuhamba kahle. Kanjalo uma kukhona lapho kuphunyuke khona kungaba yisibhicongo.
UMEHLUKO phakathi kukapende wenkampani kapende yasePitoli, eGauteng, Maduwa nowezinye izinkampani ezenza upende wukuthi awusiwo upende nje kuphela futhi akusho lutho ukuthi wenziwa wungoti oqeqeshelwe ukuhlanganisa opende kodwa wukuthi ngisho nomapendane bakhe ngabantu abaqeqeshelwe lo msebenzi.
UNGQONGQOSHE wezeziMali eNingizimu Afrika uMnu u-Enoch Godongwana uxwayise ngokuthi akufanele izwe lizibophezele ezinqumweni zesikhathi eside ngoba lithembele emalini ezongena okwesikhashana.
UBUNGANI bezinsizwa ezintathu zase-Ekurhuleni, eGauteng, kwaholela ekutheni zisungule inkampani yezokwakha.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa imali.
UMCIMBI wokujabula usuke ungaphelele uma zingekho izibiliboco. Esinye sezibiliboco ezihamba phambili wu-ice cream njengoba uyintandokazi kwabaningi. Akugcini nje lapho njengoba bebaningi nabawukhonze uma kushisa benzela ukuthiba ilanga.
EQEDA izifundo zokupheka eDurban University of Technology uNkk uPhumelele Mbatha wayesevele azi ukuthi lo mkhakha ayewukhethile kwakungesiwona awuthandayo.
UKUGQEKEZELWA komndeni wakhe izikhawu ezine kwenze wabona ukuthi kumele athathe izinyathelo ezinqala. Emva kokubiza inkampani izomqinisela ezokuphepha kwakhe, wabona kuyithuba elihle lokuqinisekisa ukuthi izakhamuzi zendawo ziphephile njengaye.
EZINYANGENI ezedlule kusukela ku-Ephreli kuze kube manje, inkampani yethu iMKX Associates Holdings ibizungeza ezifundazweni ezintathu eNingizimu Afrika; KwaZulu-Natali, eNtshonalanga Kapa naseMpumalanga. Loku bekuhambisna nokusiza izinkampani ezingenzi nzuzo nezikole ukuthi zithole usizo lokuxhaswa yinhlangano kahulumeni iNational Lotteries Commission.
ISIVININI okuzomele silethe ngaso ushintsho emnothweni wethu ukunciphisa umonakalo kwimvelo sesinyukile. Loku kungenxa yezivumelwano esesizibophezele kuzona namanye amazwe, nangenxa yokuthi sekulindeleke ukuthi izinkampani nohulumeni baphokophele ukuthi ibe ingasangcoliswa nhlobo imvelo ngo-2050.
NAMHLANJE ngithanda sixoxe ngemiphumela yokhetho lwangesonto elidlule. Cha, angizami ukuphendula le ngosi ibe eyezepolitiki. Kodwa singelibalekele iqiniso elithi ezepolitiki ziwathinta kakhulu amabhizinisi nokuthuthuka kwawo.
INYUNYANA yezolimo KwaZulu-Natali iKwanalu yethule ngokusemthethweni uhlelo lokucija nokucobelela abantu besifazane nentsha yasesifundazweni ngolwazi oluzobachumisa emabhizinisini, iWomen and Youth in Entrepreneurship (iWYRE).
“INGANE ephume kimina nginesiqiniseko sokuthi ngeke ihlale ekhaya iswele umsebenzi ngoba ifundiswe ukucabanga ngendlela ethize, ifundiswe ukuqala ibhizinisi, ifundiswe ukuphatha ibhizinisi, ifundiswe ukuthi izimele. Ingahlala izinyanga ezimbalwa ingasebenzi kodwa ngeke ihlale isikhathi eside ngoba izobe imatasa icabanga, ihlanganisa uhlaka lwebhizinisi ezolenza nako konke ekudingayo ukuze iphumelele empilweni. Uma iqashwa kuhle (simbonge) uNkulunkulu kodwa uma kungenzeki ngeke ihlale ekhaya ngoba (izingane) sizifundise ukuthi zicabange.”
UCWANINGO alwenzile luveze ukuthi asikho isitolo se-pizza elokishini langakubo nobekuphoqa abantu ukuthi baye edolobheni uma beyifuna. Yileso sidingo esimkhuthaze ukuthi aqale ibhizinisini le-pizza, alisungule kulo nyaka.
BANGABANYE babantu abaphelelwa wumsebenzi ngenxa yeCOVID-19. Nokho abazange basonge izandla, kunalokho bavuke bazithatha bebheka ukuthi yini abangaziphilisa ngayo.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa.
NGESONTO elizayo uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzokwethula isabelomali sakhe sokuqala. Nakuba isabelomali saphakathi nonyaka wezimali, iMedium-Term Budget Policy Statement, kungesiso esokwenza izinguquko ezitheni kodwa zikhona izinto ongoti ababheke ngamehlo abomvu ukuthi uzothini ngazo.
UKUTHOLA ulwazi ngezolimo nokuthola ithuba eliyingqayizivele lokucijwa kwabantu basemakhaya kumholele ekutheni aqale ibhizinisi elinganakekile lezinyosi zoju.
UKUSHODA kwamagaraji kaphethroli emalokishini aseNingizimu Afrika ngesinye sezizathu ezenze banquma ukuqala elabo elokishini langakubo eMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali.
ABANTU baseNingizimu Afrika baphumile bayovota (ngoMsombuluko), abanye baphume emvuleni. Lokhu kukhombisa ukuthi imandla kangakanani intando yabantu njengoba abantu beqinisekisa ukuthi bayalisebenzisa ivoti labo.
NAMHLANJE ngithanda sinabe ngodaba olusenhliziyweni yami lokwakha umnotho wethu thina bantu abamnyama kancane kancane. Ngiyazi abantu abaningi baye bangangizwisisi uma ngithi le ndlela esicabanga ukuthi umnotho ophethwe ngabelungu uzobuya ngayo, uhlelo lweBroad-based Black Economic Empowerment, ngeke kwenzeke loko.
UKUKHULISWA wuninakhulu owumlimi kutshale imbewu yothando lwezolimo kuyena. Nokho kuthe ekhula wathi ukuluziba, wagxila ekwethuleni izinhlelo emsakazweni nakwithelevishini, nokwenza wanquma ukwenza izifundo ze-public relations ngemva kokukuphothula umatikuletsheni.
KUZOQHILIKA izihlathi kubadayisi basemigwaqweni yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, emcimbini wokubanikelela ngezinsizakusebenza zokudayisa ngempelasonto.
UKUBHEDUKA kwegciwane iCOVID-19 kuholele ekutheni abashadile baseBenoni, eGauteng, bavale ibhizinisi lokudla kwabaholela ukuthi baqale ibhizinisi lokuhlanza izindlu nefenisha.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa eyokuphatha esikoleni. Ngangiyinikwa kanye nge(sonto) kuthiwe angiyisebenzise (isonto) lonke.
NGESONTO elizayo abantu baseNingizimu Afrika bazovota beyokhetha abafisa kube yibo abaphathayo kohulumeni bezindawo kule minyaka emihlanu ezayo.
USOMABHIZINISI waseNorth West ukholwa wukuthi ukutshala embonini yemfucuza akuwona udoti. Ukholwa wukuthi maningi amathuba akhona entsheni, nathi kungakuhle ukuthi iwabambe ngezandla zombili.
UKUPHUZA ngokweqile eNingizimu Afrika kuyinkinga kangangokuthi nabaphuza ngokuhlelekile bagcina benegama elibi emphakathini.
ISISI esithi ayikho inkomo yobuthongo kahle sichaza izelamani ezingabanikazi bebhizinisi elifaka amakhabethe nezinye izinto ezenziwe ngokhuni.
ININGIZIMU Afrika izoya kwiCOP26 eGlasgow (eScotland) ngesonto elizayo inezinto ezinqala eyozibeka ezithebeni. Lona kuzoba ngumcimbi owumzamo omkhulu wamazwe nosomabhizinisi bomhlaba wokulwa nokuvikela imvelo. Wonke umholi wepolitiki nebhizinisi uzofika efuna ukubona umnyakazo. Ngiyathemba ukuthi nakulabo abazobe besimele kwezamabhizinisi nakuhulumeni kuzoba esifanayo nangabo.
NAMHLANJE ngithanda sibheke izizathu noma imbangela eyenza ukuthi thina bantu abamnyama singabi nkamunkamu ekuziqaleleni amabhizinisi e-multi-level marketing, la omunye efuna abanye abazongena ngaphansi kwakhe ukuze badayise umkhiqizo othile ibhizinisi lisabalale.
NJENGOBA sekusondele isikhathi sokuphela kwesizini yokuvuna umoba, iSouth African Farmers Development Association (iSAFDA) isihlabe ikhwelo lokuthi kuxazululwe inkinga yabalimi abancane yokungabi nasivuno somoba.
ABAHOLI bezinkampani bangesabi ukuvulela izisebenzi isifuba futhi baveze obala yonke into uma kusuke kunezinselelo ngoba isikhathi esiningi yiyona ndlela yokuthi bathole amaqhinga amasha. Loku kuyasiza nangokuthi izisebenzi zibathembe futhi zisebenzisane nabo ekutholeni izixazululo zenkinga esuke ikhona ngaleso sikhathi.
UKUFUNA ukuba neqhaza abalibambayo ukufukula, ukucija nokuthuthukisa intsha enothando lomkhakha wokumodela kuholele ekusungulekeni kwenkampani yabo eyenza lomsebenzi iDestined Minds Talents Agency & Media (iDM Models).
KUSUKELA eyeka ukuba wumakhenikha eqala ukudayisa i-atchar nemishini yokuhlanza izitsha namafenisha, akaze aphinde ahlukane nokuba wusomabhizinisi.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa ngisafunda amabanga aphansi. Waphela umbuso sengenza amabanga aphezulu.
UKUKHULA engenalo ikhaya kahle njengoba babehlala emjondolo kwamenza waba nesifiso sokuthi ngelinye ilanga abe nekhaya lakhe elicacile, angaziqhenya ngalo. Nokho ngokuhamba kwesikhathi lesi sifiso sivuse nentshisekelo yokusungula ibhizinisi lezakhiwo.
BEKUMHLUPHA uma eya ezitolo ukuyothenga igrosa ukuthi emikhiqizweni yokuhlanza izindlu abayithengayo awukho nowodwa okhiqizwe wumuntu wendawo. Yiloku okumgqumgquzele ukuthi asungule ibhizinisi nokufuna ukufukula umnotho wangakubo.
IKHONO lokubhaka amakhekhe afundiswe lona kubo limtakukile ngenkathi ephelelwa wumsebenzi. Manje selimenze omunye wosomabhizinisi abaziwa ngokubhaka nokufukula abantu besifazane.
SESISEBENZISE imigomo ewu-20 million kanti bangu-10.5m abantu asebegome ngokuphelele. Ukuvumela ukugoma abantu abaneminyaka ewu-12 kuya phezulu, nokuzokwenzeka ngokuqhubeka kwesikhathi kule nyanga, kuzonyusa umgqigqo. Nokho kuyacaca ukugoma kwabantu kwehlile.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yimaphi amaqhinga uhulumeni waseNingizimu Afrika angawasebenzisa ukuze umnotho usimame. Ziningi izindlela uhulumeni wakithi azizamile ukusimamisa umnotho, ikakhulukazi uma kukhulunywa ngamabhizinisi abantu abamnyama kodwa iningi lalezo zindlela aziphumelelanga.
UKHULE ezitshela ukuthi ngelinye ilanga uyoba wusomabhizinisi. Nangempela ukubambelela nokuzihlupha ngolwazi lwezamabhizinisi kugcine kuthela izithelo esefeza iphupho lakhe leminyaka eqala ibhizinisi lokufuya izinkukhu.
USEBENZE iminyaka eminingi embonini ezimele enza izinto ezinkulu futhi konke abesuke ebekelwe kona ukuthi akufeze ubekwenza ngaphandle kwenkinga. Nokho bekunesikhala, kunento eshodayo ebimenza angagculiseki ngomsebenzi wakhe.
UNINA wathenga umshini wokuhlanza amanzi ngenhloso yokuthi umndeni wakhe nasondelene nabo baphuze amanzi ahlanzekile nahloliwe. Ngokuhamba kwesikhathi ubone ithuba lebhizinisini kuloko wagxuma wahlala eqala inkampani ehlanza amanzi bese iwadayisa.
BANGABANYE babantu okuthe ngokubheduka kweCOVID-19 babona intuba yebhizinisi elisha. Njengoba lesi sifo sivalele abantu emakhaya, bona baqhamuke nesisombululo sokusiza osomabhizinisi abenezitolo zokudla emalokishini ukuthi bangawi ngokusungula iMashesha Deliveries.
Usemncane wawuphiwa imali?
Ngihlale kakhulu nobaba ngikhula. Imali waqala engipha njalo ekuseni uma ngiya esikoleni. Ngangiphatha uR1.50 nomphako. Ngokuqhubeka kwesikhathi wangibuza ukuthi kunganjani ngidle isihlanu, ngibeke ishumi zonke izinsuku, ngavuma. Leyo mali yayihlala esikoqokoqweni esasinengidi evulwa wuye. (Wagcina) esenginika imali yesonto lonke, ethi kumele ngifunde ukudla ngizibekele kungashayi uLwesihlanu ngingasenamali.
ININGIZIMU Afrika kumele iguqule imithetho eyenza kube wumqansa ukutshala imali uma izimisele ngokudoba abatshalimali futhi kumele ike igxile kwabazinze kuleli zwe.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent