Usenebhizinisi lamakhekhe elivuthiwe owasukunyiswa wukuswela imali yasenyuvesi. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

EMVA kokuphothula umatikuletsheni, uthwale kanzima eshoda ngemali yokubhalisa enyuvesi ngenxa yokuthi abazali bakhe abasebenzi. Uvuke wazithatha wafuna umsebenzi, wasebenzisa ulwazi aluthole kuwo ukuqala ibhizinsi lokubhaka adayise amakhekhe emgwaqweni.

Isithukuthezi sokuvalwa kwezwe nothando lwezibuko zelanga kumholele ekuqaleni ibhizinisi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE.

UKUKHANGISA ngebhizinisi ezinkundleni zokuxhumana ngenye yezindlela ezilula nezisheshayo zokuheha amakhasimende nokwazisa abantu ngomkhiqizo wakho, ikakhulukazi uma usaliphemba ibhizinisi lakho. Ufinyelela kubantu abaningi ngaphandle kokungena ezindlekweni ezinkulu.

Ukuba yiqhathanzipho kumholele ekusunguleni ibhizinisi lokuqoqa izibi. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

IBIMKHATHAZA indlela okubukeka ngayo indawo yangakubo ehlala ingcolile isikhathi esiningi. Kuthe ngelinye ilanga wafikelwa wumbuzo wokuthi yiliphi iqhaza angaba nalo ukushintsha loko? Impendulo kwaba wukuthi akaqale ibhizinisi lokuqoqa udoti emizini yabantu.

Kusegazini ukulwela abantu abamnnyama kosanda kuthatha izintambo kwi-ABASA. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKHOKHO wakhe ngelinye lamaqhawe ahlonishwayo eNingizimu Afrika ngokulwela isithunzi nengcebo yomuntu omnyama. Inkosi uJongumsobomvu Maqoma nowagcina efele ejele eRobben Island, lapho wayengomunye wabantu ababehamba phambili belwela ukuthi abantu abamnyama bangaphucwa umhlaba wabo.

Qikelela indlela osebenzisa ngayo imali yebhonasi, sidlulile isikhathi sokuphuphuthekiswa yisonto elilodwa likaDisemba, kuloba uNtokozo Biyela

KULE NGOSI ngithanda sibheke indaba yokusebenzisa imali yebhonasi ngalezi zinsuku zenjabulo kaDisemba. Cha, angiyena umeluleki wezezimali kodwa yiseluleko nje lesi esivela kimina njengomeluleki kwezamabhizinisi ngoba kuye kube buhlungu ukubona indlela abantu bakithi abachitha ngayo imali ngesonto nje elilodwa lenjabulo kaDisemba.

Wakhuthazwa wukudilizwa ogubha iminyaka ewu-20 asungula inkampani esidlondlobele embonini yamakhemikhali. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KWABANYE abantu kuduma ikhanda uma umuntu ediliziwe emsebenzini ngoba usuke ethatha ebeka ukuthi uzokwenzenjani esephelelwe wumsebenzi. Nokho bakhona abasheshe babone ukuthi ukuvaleka komnyango kusho ukuvuleka komunye.

Uqhubeke lapho okwagcina khona uninalume onebhizinisi lezimbadada zesimanje. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UNINALUME wayenebhizinisi eLEnza izimbadada, okuthe uma edlula emhlabeni alanganakwa muntu. Ubone kungaba yiphutha ukuyeka umbono kaninalume uphele kanjalo nje, waqhubeka lapho agcina khona ukuqhuba ibhizinisi lezimbadada ezenziwa ngendlela yesimanje.

Uneminyaka eyivile kwengu-20 angena embonini yezakhiwo oke waphatha nasezinkampanini ezinkulu, njengokusho kukayise. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UMLOMO uyadala. Sisho njalo isiZulu. Kube njalo empilweni kasomabhizinisi osemnkantshubomvu emkhakheni wezakhiwo, ugesi namanzi. Ekhula uyise wayehlale ethi kumele afundele umsebenzi ophathelene nokuphatha amabhizinisi khona ezokhombisa abantu bezinkampani ezinkulu ukuthi ibhizinisi liphathwa kanjani.

Wangena engaqondile ebhizinisini lamakhekhe eselidlondlobele laze lanamakhasimende nakwezinye izifundazwe. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

EMINYAKENI eyisishiyagalombili edlule enye yamadodana akhe yayizogubha usuku lokuzalwa. Wahluleka wancama ebheka ikhekhe elalihlotshiswe ngopopayi owu-Mickey Mouse eyayiwufuna. Wagcina engene kwi-internet ukucwaninga ukuthi lenziwa kanjani, walibhaka yena lelo khekhe.

Benza okungajwayelekile ngokubambisana ebhizinisini ukuze badlondlobale kwezemfashini. Abanye babo baxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUYE kuthiwe abantu abamnyama abathandi ukusebenzisana, ingasaphathwa-ke uma bengabantu besifazane bodwa. Kepha izintokazi eziyisithupha ezigila izimanga kwezemfashini ziyayiphikisa le mibono ngokubambisana kahle ebhizinisi lazo elinezinhlelo zokuthi libe nezitolo ezweni lonke.

BAHLEKA bodwa osomabhizinisi abebekhangisa embukisweni okhuthaza ukuhwebelana kwamazwe ase-Afrika. Abanye babo baxoxe noSLINDILE KHANYILE

BABONA kuzovuleka eminye iminyango yokukhula abanye bosomabhizinisi abebekhangise ngemikhiqizo yabo embukisweni ogqugquzela ukuhwebelana phakathi kwamazwe ase-Afrika. I-Intra African Trade Fair (i-IATF) ebise-Inkosi Albert Luthuli ICC eThekwini, eGauteng, nephele ngeSonto.

Bafundisa ngemvelo nezolimo, basize nabantu bashaywe wumoya epulazini labo. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BESE kuyisikhathi eside benentshisekeko yokuhlanganisa abantu babafundise ngokubaluleka kwemvelo nezolimo. Bagcine befeza lelo phupho labo leminyaka ngenkathi bethenga umuzi osepulazini ngo-2014, okuyiwona abawusebenzisa njengendawo egcina amagugu emvelo.

Usedlondlobele owemikhiqizo yesikhumba nokwelapha engaxutshwe namakhemikhali. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ESANDA kuqala ukuzisebenza wayethula izinkulumo mahhala emicimbini, emsakazweni, ebhalela amaphephandaba ngoba enzela ukukhangisa umsebenzi wakhe. Esinye sezihloko asidingida kuKhozi FM savula iminyango emholele ukuthi asebenzisane namanye amazwe e-Afrika.

Kuthiwa zinhle izinhlelo zokwethula ugesi ongaphehlwa ngamalahle inqobo nje uma zizovikela imisebenzi. USLINDILE KHANYILE uyabika

IZOLO kuphinde kwaqala ukucishwa kukagesi eNingizimu Afrika ngokwesigaba sesibili, nokuyinto u-Eskom othe izoqhubeka kuze kube wuMgqibelo. Lesi simemezelo sale nkampani ephehla ugesi siphinde sakhombisa ukuthi kuphuthuma kangakanani ukuthi izwe lithole ezinye izindlela zokuphehla ugesi.

Abagqugquzelwa yivuso lokuphucula impilo yakubo sebenebhizinisi lezimpahla zokugqoka eziqhakambisa ubuhle be-Afrika. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUKHULA ngaphansi kwesimo esinzima akwenzanga izelamani ezintathu zidikibale empilweni. Kunaloko bezihlale zizihlupha ngokuthi yini ezingayenza ukushintsha impilo yazo.

Singenza kangcono ngenkinga kagesi, kuloba uBusi Mavuso

ABANTU baseNingizimu Afrika baziwa ngokuthi bayakwazi ukwenza icebo uma kunenkinga. Nokho inkinga kagesi isidonse isikhathi eside. Nakuba kunenqubekelaphambili ekuvuleleni izinkampani ezizimele ukuthi zikwazi ukwakha kalula iziteshi zikagesi ezizophehla u-100MW nezinhlelo ezikhona zikagesi ongakhiqizwa ngamalahle kodwa sibhekene nokucinywa kukagesi esingakaze sikubone phambilini, nokuphazamisa amabhizinisi nempilo yethu mihla namalanga.

Iyanda intsha nabamnyama abangena embonini ka-ice cream engenisa izigidi emhlabeni. USIMANGALISO NTSHANGASE uyabika

UMCIMBI wokujabula usuke ungaphelele uma zingekho izibiliboco. Esinye sezibiliboco ezihamba phambili wu-ice cream njengoba uyintandokazi kwabaningi. Akugcini nje lapho njengoba bebaningi nabawukhonze uma kushisa benzela ukuthiba ilanga.

Ukuhlukunyezwa wubugebengu kumholele ekuqaleni ibhizinisi owesifazane owenza ezibukwayo embonini yezokuphepha. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUGQEKEZELWA komndeni wakhe izikhawu ezine kwenze wabona ukuthi kumele athathe izinyathelo ezinqala. Emva kokubiza inkampani izomqinisela ezokuphepha kwakhe, wabona kuyithuba elihle lokuqinisekisa ukuthi izakhamuzi zendawo ziphephile njengaye.

Inkulu indima okusamele ikhathulwe ukuze kuthuthukiswe abesifazane ngamandla omnotho, kuloba uMusa Xulu

EZINYANGENI ezedlule kusukela ku-Ephreli kuze kube manje, inkampani yethu iMKX Associates Holdings ibizungeza ezifundazweni ezintathu eNingizimu Afrika; KwaZulu-Natali, eNtshonalanga Kapa naseMpumalanga. Loku bekuhambisna nokusiza izinkampani ezingenzi nzuzo nezikole ukuthi zithole usizo lokuxhaswa yinhlangano kahulumeni iNational Lotteries Commission.

Owafundela omunye umkhakha unobizo lokukhiqiza osomabhizinisi. Manje usengene shi ekusunguleni izikole ezizimele ezicija ingane ikwazi ukubhekana nezinselelo zesikhathi esiphila kusona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

“INGANE ephume kimina nginesiqiniseko sokuthi ngeke ihlale ekhaya iswele umsebenzi ngoba ifundiswe ukucabanga ngendlela ethize, ifundiswe ukuqala ibhizinisi, ifundiswe ukuphatha ibhizinisi, ifundiswe ukuthi izimele. Ingahlala izinyanga ezimbalwa ingasebenzi kodwa ngeke ihlale isikhathi eside ngoba izobe imatasa icabanga, ihlanganisa uhlaka lwebhizinisi ezolenza nako konke ekudingayo ukuze iphumelele empilweni. Uma iqashwa kuhle (simbonge) uNkulunkulu kodwa uma kungenzeki ngeke ihlale ekhaya ngoba (izingane) sizifundise ukuthi zicabange.”

Ongoti babheke ngabomvu udaba lwesibonelelo sikaR350 kwisabelomali saphakathi nonyaka. USLINDILE KHANYILE uyabika

NGESONTO elizayo uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzokwethula isabelomali sakhe sokuqala. Nakuba isabelomali saphakathi nonyaka wezimali, iMedium-Term Budget Policy Statement, kungesiso esokwenza izinguquko ezitheni kodwa zikhona izinto ongoti ababheke ngamehlo abomvu ukuthi uzothini ngazo.

Ukufisa ukuvala igebe lokushoda kwamagaraji kaphethroli elokishini kwenze bavula elabo kwelinye lamalokishini amakhulu ezweni. Oyedwa uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUSHODA kwamagaraji kaphethroli emalokishini aseNingizimu Afrika ngesinye sezizathu ezenze banquma ukuqala elabo elokishini langakubo eMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali.

Uthando lwezolimo lwenze washiya phansi izifundo ze-PR waqala ibhizinisi lokufuya izinkukhu. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUKHULISWA wuninakhulu owumlimi kutshale imbewu yothando lwezolimo kuyena. Nokho kuthe ekhula wathi ukuluziba, wagxila ekwethuleni izinhlelo emsakazweni nakwithelevishini, nokwenza wanquma ukwenza izifundo ze-public relations ngemva kokukuphothula umatikuletsheni.

Likhulu ijoka elibhekene neNingizimu Afrika emhlanganweni wokuvikela imvelo, kuloba uBusi Mavuso

ININGIZIMU Afrika izoya kwiCOP26 eGlasgow (eScotland) ngesonto elizayo inezinto ezinqala eyozibeka ezithebeni. Lona kuzoba ngumcimbi owumzamo omkhulu wamazwe nosomabhizinisi bomhlaba wokulwa nokuvikela imvelo. Wonke umholi wepolitiki nebhizinisi uzofika efuna ukubona umnyakazo. Ngiyathemba ukuthi nakulabo abazobe besimele kwezamabhizinisi nakuhulumeni kuzoba esifanayo nangabo.

Usewuqweqwe lukasomabhizinisi owaqala ngokusebenza esitolo sikayisemkhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ABAHOLI bezinkampani bangesabi ukuvulela izisebenzi isifuba futhi baveze obala yonke into uma kusuke kunezinselelo ngoba isikhathi esiningi yiyona ndlela yokuthi bathole amaqhinga amasha. Loku kuyasiza nangokuthi izisebenzi zibathembe futhi zisebenzisane nabo ekutholeni izixazululo zenkinga esuke ikhona ngaleso sikhathi.

Nakuba besatabalasa kodwa kuntwela ezansi kosomabhizinisi abesembonini yezokuvakasha ngenxa yokuxhaswa. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKUKHULA engenalo ikhaya kahle njengoba babehlala emjondolo kwamenza waba nesifiso sokuthi ngelinye ilanga abe nekhaya lakhe elicacile, angaziqhenya ngalo. Nokho ngokuhamba kwesikhathi lesi sifiso sivuse nentshisekelo yokusungula ibhizinisi lezakhiwo.

Basungule ibhizinisi elenza impilo ibe lula ebantwini baselokishini. Omunye wabo uxoxe noSLINDILE KHANYILE

BANGABANYE babantu okuthe ngokubheduka kweCOVID-19 babona intuba yebhizinisi elisha. Njengoba lesi sifo sivalele abantu emakhaya, bona baqhamuke nesisombululo sokusiza osomabhizinisi abenezitolo zokudla emalokishini ukuthi bangawi ngokusungula iMashesha Deliveries.

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSindiswa ‘uLady Afrika’ Zulu, umbhali nembongi yezinkondlo zesiZulu nomnikazi wenkampani ehlela imicimbi i-Afrikazania Ink. Unencwadi yeqoqo lezinkondlo esihloko sithi Mayine

Usemncane wawuphiwa imali?

Ngihlale kakhulu nobaba ngikhula. Imali waqala engipha njalo ekuseni uma ngiya esikoleni. Ngangiphatha uR1.50 nomphako. Ngokuqhubeka kwesikhathi wangibuza ukuthi kunganjani ngidle isihlanu, ngibeke ishumi zonke izinsuku, ngavuma. Leyo mali yayihlala esikoqokoqweni esasinengidi evulwa wuye. (Wagcina) esenginika imali yesonto lonke, ethi kumele ngifunde ukudla ngizibekele kungashayi uLwesihlanu ngingasenamali.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page