UNksz uLerato Monareng, umsunguli weRudo Chicken yaseNelspruit, eMpumalanga

Izithombe: Zithunyelwe

Ufeze iphupho leminyaka eqala ibhizinisi lokufuya izinkukhu. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKHULE ezitshela ukuthi ngelinye ilanga uyoba wusomabhizinisi. Nangempela ukubambelela nokuzihlupha ngolwazi lwezamabhizinisi kugcine kuthela izithelo esefeza iphupho lakhe leminyaka eqala ibhizinisi lokufuya izinkukhu.

UNksz uLerato Monareng, oneminyaka ewu-27, waseNelspruit, eMpumalanga, usungule iRudo Chicken ngo-2019, ayibhalise ngonyaka odlule.

“Kuthe ngiqeda umatikuletsheni eLowveld High School ngo-2013, angangakwazi ukuqhubeka nemfundo ezingeni eliphakeme ngenxa yenkinga yemali, nokwaphoqa ukuthi ngifune umsebenzi ukuze ngikwazi ukuziphilisa,” kulanda yena.

Kusukela ngo-2014 kuya ku-2019 usebenze ezinkampanini ezihlukene, kubalwa nasesitolo, lapho ethi ucoshe khona ulwazi oluningi lwezamabhizinisi.

“Ocwaningweni lami engilwenzile nolwazi ebengihamba ngilucosha ngendlela, ngibonile ukuthi ibhizinisi lokufuya izinkukhu yilona elilungile ngenxa yokuthi abantu bayayithanda inyama yenkukhu futhi iwuhlobo lokudla oluyintandokazi kwabaningi.

“Nokuba yindlala kwabalimi nabantu abafuyile ngasekhaya kwenze ngabona kufanele ngiqale ibhizinisi elinjengaleli,” kusho uNksz uMonareng.

Uthi okwamanje eRudo Chicken usenezinkukhu ezicela ku-800.

Izinkukhu zaseRudo Chicken zisakhuliswa

Unezisebenzi ezintathu, esisodwa esisebenzisa umshini nezimbili ezilekelela ngemisebenzi yansuku zonke.

Uthi kuke kwaba nezikhathi ezinzima esebenzisana nabantu abathatha izinqumo ayengavumelananga nabo ngazo. Loko kwaphazamisa ibhizinisi lakhe, nokho wayibamba noma ishisa.

“Enye inselelo enkulu engake ngabhekana nayo wukuhlangana nomuntu owathembisa ukungidayisela ipulazi, nokwathi sengikhokhe imali, ngathola ukuthi lalingekho kwakuba khona,” kusho uNksz uMonareng, osebenzela eHectorspruit lapho eqashe khona ipulazi eliyiihekthare.

Izinkukhu ezichuthiwe neziphilayo ziwuR60 kodwa ziba wuR65 uma ezokudilivela. Uthi ukuba sezingeni eliphezulu komkhiqizo wakhe kumdonsela amakhasimende iMpumalanga yonke.

Izinkukhu zaseRudo Chicken sezilungele ukudayiswa

Uthi ukuba sebhizinisini kumfundise ukubekezela, ukuphokophela nokukholelwa embonweni wakhe nangezikhathi zokuzanywazanyiswa.

Weluleka abafisa ukungena ebhizinisini ukuthi bangene sebazi ukuthi ukuphatha ibhizinisi akusiyo into elula kepha kuyenzeka uma usebenza kanzima zikhathi zonke.

“Okunye futhi okungabasiza wukuzicija ngolwazi bese besebenzisa ulwazi olutholakala kwi-internet ngendlela efanele. Okukhulu kunakho wukuthi bangesabi ukwenza into abayithandayo,” kweluleka yena.

Uthi eminyakeni emibili ezayo ufisa ukuthi iRudo Chicken igcine isiyinkampani yezinkukhu eyaziwayo ezweni lonke.

“Ngifuna nokugcina senginezitolo zeRudo Chicken kuzo zonke izindawo zasemakhaya eNingizimu Afrika,” kuphetha uNksz uMonareng.

Instagram: rudochicken

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page