Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSandile Moloane, umlingisi yethelevishini. Useke walingisa emidlalweni esingabala kuyona Inkohlakalo, i-Lockdown, i-Rhythm City, i-The Imposter, Ufelani ne-Amazing Grace

Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa eyokuphatha esikoleni. Ngangiyinikwa kanye nge(sonto) kuthiwe angiyisebenzise (isonto) lonke.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?
Ngaqala ngineminyaka ewu-15 ngisafunda e-boarding school, nokwakuphoqa ukuthi ngibe nayo.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ukuthi kubalulekile ukonga imali encane onayo nokuthi kumele ugweme ukuthenga izinto ongazidingi.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?
Ngiqale ngo-2008 efilimini emfishane yokuqala engalingisa kuyona. Uma ngikhumbula kahle ngaholelwa uR700.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga amateki (ayedlisa) ngaleso sikhathi engangiwathanda kakhulu.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngathenga imishini yokusebenza e-studio esekhona namanje. Ngicabanga ukuthi loko kwangisiza kakhulu ngoba leyo mishini isangisiza namanje.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukusebenzisa imali ngendlela engahlelekile, ngigcine sengiyisebenzisa ngokweqile nokuyipha abantu kungenasidingo.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ukuthi ungacabangi ukuthi impilo iyaphela namhlanje uma unemali, kunalokho yenza isiqiniseko sokuthi uyayibeka bese unakekela umndeni wakho. (Uthathe) imishwalense ukuze uma kukhona izimo eziqhamukayo empilweni zifike uzihlomele.
Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathatha uR600 000 ngiwutshale (emiqondweni) yamabhizinisi enginawo bese ngithatha uR400 000 ngiwusebenzise ezintweni ezithinta mina ngizikhulise njenge-brand. Ngicabanga ukuthi uR15 000 kuphela “engingazizwisa” ngawo.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi udumo lufika kanye, lufike nemali eningi, ngakho kumqoka ukuqonda ukuthi ngeke kuhlale kunjalo. Sebenzela ikusasa bese wenza isiqiniseko sokuthi wonga imali eyanele yokuziphilisa wena nomndeni wakho.