UMnu uNtokozo Duma, umsunguli wePure Ozone Water yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Okwakwenziwa wunina mahhala ngoba ethanda impilo yena ukwenze ibhizinisi. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UNINA wathenga umshini wokuhlanza amanzi ngenhloso yokuthi umndeni wakhe nasondelene nabo baphuze amanzi ahlanzekile nahloliwe. Ngokuhamba kwesikhathi ubone ithuba lebhizinisini kuloko wagxuma wahlala eqala inkampani ehlanza amanzi bese iwadayisa.

UMnu uNtokozo Duma, oneminyaka ewu-25, waseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, uwumsunguli wePure Ozone Water, ibhizinisi lokuhlanza amanzi bese liwadayisa emabhodleleni.

Elanda ngokusunguleka kwePure Ozone Water, ayibhalisa ngo-2017, uthi unina wathenga umshini wokuhlanza amanzi engenamcabango wokuqala ibhizinisi, kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi yena wabona ukuthi angenza ibhizinisi.

“Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi kwagcina sekuyinto (umshini wamanzi) enganakwe muntu nje, okuyilapho-ke engafikelwa khona wumcabango wokuthi ngikushintshe ngikwenze ibhizinisi. Ngibe sengithenga eminye imishini emikhulu emibili,” kusho yena.

E-Pure Ozone Water akagcini ngokudayisa amanzi acwengekile kepha namanzi asetshenziwa emicimbini enjengemishado, imembeso njalonjalo.

E-Pure Ozone Water kwenziwa amanzi ahloliwe

“Senza nama-logo siwanameke (emabhodleleni) ekhasimende elisuke liwadinga kunoma yiluphi uhlobo lomcimbi elisuke liwadingela wona,” kusho uDuma. 

Amanani omkhiqizo wePure Ozone Water aqala kuR5.20 ibhodlela eliwu-340ml, uR5.70 ibhodlela eliwu-500ml, uR6.70 ilitha noR8.50 uma kuyibhodlela lejusi kanti kukhona nezaphulelo uma uthenga ngakuningi.

Ngenxa yokusimama komsebenzi, uDuma uselekelelwa yizisebenzi ezimbili eziyitoho.

Uthi phakathi kwezingqinamba aseke wabhekana nazo yinkinga yokweswela imali nokuthi ukudayisa amanzi akusiyo into elula ngenxa yokuthi abanye abantu abafundisekile ngokubaluleka kokuthenga amanzi ahloliwe.

“Ngaleyo ndlela kudingeka ukuthi uhlale unamaqhinga amasha njalo ukuze ukwazi ukuheha amakhasimende, ugweme ukuwa kwebhizinisi,” kusho yena.

Lezo zingqinamba yizo kanye athi zimfundise ukubaluleka kokubekezela, ukuba namacebo zikhathi zonke nokwehluka kwancintisana ebhizinisini.

“Lolu wuhlobo lwebhizinisi (okudlange) ukuncintisana kakhulu, ngakho kubalulekile ukuthi uyazi into oyenzayo, uzihluphe ngolwazi lokuthi ungenza kanjani ukuze amakhasimende ahlale ekhetha wena njalo.

“Yingakho ngicebisa abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi babenolwazi lwento abafuna ukuyenza ngoba akulula, ngakho kusemqoka ukuhlomela ubunzima ozobhekana nabo bese utshala isikhathi sakho ebhizinisini ukuze lichume,” kweluleka yena.

Uthi ufisa ukukhula agcine esesiza nabanye abafisa ukuqala ibhizinisi elinjena.

“Ngifuna ukuba neqhaza ekukhiqizweni kweziphuzo ezinjengejusi neziphuzo (ezibunika) amandla. Kuyongijabulisa kakhulu ukubona iziphuzo eziningi (zithi) iPure Ozone Water ibambe iqhaza ekukhiqizweni kwazo ngomuso,” kuphetha uDuma.

Facebook: Pure Ozone Water

Instagram: ozonewater_rsa

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page