UNkk u-Amanda Mhlongo, umnikazi weManda Developers yaseThekwini, KwaZulu-Natali

Isithombe: Sithunyelwe

Uneminyaka eyivile kwengu-20 angena embonini yezakhiwo oke waphatha nasezinkampanini ezinkulu, njengokusho kukayise. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UMLOMO uyadala. Sisho njalo isiZulu. Kube njalo empilweni kasomabhizinisi osemnkantshubomvu emkhakheni wezakhiwo, ugesi namanzi. Ekhula uyise wayehlale ethi kumele afundele umsebenzi ophathelene nokuphatha amabhizinisi khona ezokhombisa abantu bezinkampani ezinkulu ukuthi ibhizinisi liphathwa kanjani.

Lo somabhizinisi ukhule emndenini okwakunamabhizinisi kuwo kusukela kuninakhulu kuya kubazali bakhe nomalume. Loko kwenza kwaba lula ukuthi asheshe acacelwe ukuthi wubizo lwakhe naye lusemabhizinisini.

UNkk u-Amanda Mhlongo udabuka eMdantsane, eMpumalanga Kapa, kodwa usezinze eThekwini, KwaZulu-Natali, nomyeni wakhe nabantwana babo abathathu.

UNkk uMhlongo unenqwaba yezinkampani kodwa inkampani yakhe yokuqala kwaba yiManda Developers, ayisungula ngo-1997 ngenkathi ethenga isakhiwo sakhe sokuqala. Ngale kokuthenga izakhiwo aqashisa ngazo, ezinye uyazithenga azilungise bese ezidayisa kanti kokunye uthenga umhlaba bese eyawuthuthukisa. Le nkampani inezakhiwo eCape Town, eNtshonalanga Kapa, naseThekwini, eKZN.

“Kwakuwu-1997 ngithenga isakhiwo sami sokuqala i-bachelor flat eCape Town. Emva kwalokho, kusukela ngaleso sikhathi cishe njalo emva kweminyaka emibili bengithenga isakhiwo ebengiqinisekisa ukuthi singaphezu kwalesi ebengigcine ukusithenga.

“Uthando lwami lwezakhiwo ngiluthatha kugogo wami. Ekhaya ugogo ubenezindlu eziningi futhi (ubehlale) akha ezinye izindlu, ezinye zilungiswa. Wayenanamapulazi, kukhona ngisho isikhathi lapho abanye omalume bami babenebhizinisi lokwakha ama-blocks.

“Leli flat lokuqala engalithenga laliwuR97 000 kodwa ngalidayisa ngoR1.5 million emva kweminyaka ewu-15. Izakhiwo angizithandeli nje ukuthi zikwazi ukukubuyisela imali ngokuphindaphindiwe kodwa ngizithandela nokuthi ziyakwazi ukukungenisela imali zisuka nje. Uma uthenga isakhiwo kusazomele sidle wena ephaketheni, akuwona umqondo umuhle lowo kodwa uma kuzothi kusuka nje ube uyibona imali yaso, uwinile.”

Ezinkampanini zikagesi namanzi kukhona abambisene nabo. Inkampani kagesi yiKrampower eyakha futhi inakekele ama-substation. Uqale ukuba yingxenye yayo ngo-2017. Eyamanzi yiWetspec, eyakha futhi inakekele ama-water treatment plant asetshenziswa womasipala ukuphakela imiphakathi amanzi. Uqale ukuba ngomunye wabanikazi bayo ngo-2012, nakuba ayeqale ukusebenzisana nabo ngo-2007.

Kuye njengokusho kukayise kuNkk uMhlongo njengoba ngaphambi kokugxila emabhizinisini akhe ngokugcwele, uphathe ezinkampanini ezinkulu enza imisebenzi enhlobonhlobo, ikakhulukazi ethinta ukuqikelela ukuthi abantu abamnyama baba yingxenye yomnotho ezingeni eliphezulu ngohlelo iBlack Economic Empowerment.

Lezo zinkampani yiCaltex Oil, esibizwa ngokuthi yiChevron, neTransnet. Ugcine esesebenzela umNyango wezokuThuthukisa umNotho eKZN, lapho ayengomunye wabantu ababesekhaleni lokuhlelela ukwakhiwa kwesikhumulo sezindiza iKing Shaka Airport neDube TradePort.

Uthi ukuzisebenza ngokugcwele kumsizile akwazi ukubhalansisa izidingo zakhe zokukhula emsebenzini nezomndeni wakhe, okuyinto eyayingenzeki esaqashiwe ngoba wayegxile kakhulu emsebenzini.

Nokho-ke ukushintshela ekuphatheni amabhizinisi akhe ngokugcwele akubanga lula. “Ngesikhathi ngiqashiwe ngase ngikwazi kahle konke okudingeka kimina njengomphathi kodwa sengizisebenza ngokugcwele ngathola ukuthi loku obekungisebenzela (ngisaqashiwe) akungisebenzeli njengosomabhizinisi. Emsebenzini kwakuwuqikelela ukuthi umsebenzi uyenziwa kahle, ukunakekela amakhasimende futhi kukhona nethimba engisebenzisana nalo. Kodwa sengizisebenza, kudingeke (ukuthi) nginake nendaba yokungena kwemali, ukulandela isikweletu ngigxile ekutheni ngiyazi ukuthi kuzongena malini. Kwakungathi ngigxile ekuzicabangeleni mina kuphela nokuthi ngangenza yonke into ngedwa.

“Ngisaqashiwe nganginendlela engenza ngayo izinto kodwa ekuzisebenzeni kwakumele ngishintshe njalo kuye nokuthi kwenzekani ngaleso sikhathi. Ngagcina sengifundile ukuthi ngihlale ngibuyekeze engikwenzile, ngibone nengiphumelele kukho,” kukhumbula yena.

Lezi zinkampani ziqashe abantu abawu-21 abasebenza ngokugcwele kodwa ngenxa yohlobo lwemisebenzi eziyenzayo, isibalo sabantu sike sifinyelele ku-200 kuye ngemisebenzi esuke yenziwa ngaleso sikhathi.  

Njengomuntu oseke wasebenza embonini ezimele nakuhulumeni, uNkk uMhlongo unemibono ethile ngokumele kwenziwe ukulekelela osomabhizinisi eNingizimu Afrika. 

“Ngesikhathi ngikuhulumeni kunemithetho esasiyibona imihle kodwa okuthe uma sengizisebenza ngokugcwele ngabona ukuthi empeleni iyabanqinda osomabhizinisi abancane. Imali ekhokhwayo nokubambezeleka kwezinto osuke uzidinga, uthola ukuthi utshala imali ukuze ulungele ukwenza umsebenzi othile kodwa kubambezeleke bese lokho kugcina mhlawumbe kuthikameze indlela okleliswe ngayo kwiCIBD kodwa leyo akuyona into esezandleni zakho,” kukhala yena.

Enye inkampani asanda kuyisungula uNkk uMhlongo yiValue Within Institute. Lena yinkampani egxile ekufundiseni abantu ngokuphatha imali nangokukhulisa umcebo kusetshenziswa izimiso zeBhayibheli.

Le nkampani uyiqale ngo-2018 kodwa uze wayibhalisa ngo-2020. Okwamanje izifundo zenziwa kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanjemanje njengoba kuba khona izikhulumi eziqhamuka ezimbonini ezinhlobonhlobo. Uqale ngokugxila ezimbonini ezimandla eKZN.

Okunye ngaye:

  • Bahlanu kwabo;
  • UneBCom Economics yase-University of Western Cape;
  • UnePost-graduate Diploma in Business Management yase-UKZN; 
  • Uke wahlala emabhodini aseKing Shaka, eDube TradePort naseHope Clinic. Manje uhlala ebhodini ye-Ikhono Foundation nawezinkampani aziphethe;
  • Uphumula ngokuhlanganyela nomndeni nabangani bakhe; 
  • Uyakuthanda ukudansa futhi wayengumdansi we-ballroom esemncane; 
  • Ukhonze izincwadi ezifundisa ngamabhizinisi, intuthuko, ezikamoya nezikhuthazayo. Ezinye zezincwadi azikhonzile ngethi: Burden of Freedom kaDkt uMyles Munroe, i-The Blue Economy kaGunter Pauli ne-The Demand Principle kaPeggy McColl.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page