Isinqumo ngemalimboleko yaseMelika sizothinta izimakethe zomhlaba jikelele. Isithombe: yiPexels

Umhlaba wonke uzobheka imalimboleko yaseMelika

YINTATHELI YOMBELE

KUZOBHEKWA ngabomvu izibalo zokulula izikweletu zemboni ezimele kuleli sonto njengoba zikhuphuke kakhulu ekuqaleni kwalo nyaka. Izinkomba zikhomba ukuthi ababheka izimakethe ezweni bazobheka ukuthi simi kanjani isimo sokutsheleka imali emva kombiko weBhange lomBuso oveze ukuthi ukuboleka imali kubalulekile njengokuyitshala embonini ezimele.

Umbiko wokudayisa kwezimpahla nawo uzobe ubhekiwe kanti yiwona ozocacisa ukuthi amanani okudayisa izimpahla ezihlukene, okubalwa nezimoto ami kuphi. i-purchasing price index kulindeleke ukuthi yehle kancane isuke ku-7,8% ngoMeyi iye ku-7,7% ngoJuni.

Phesheya, amehlo azothi njo ebhange lombuso laseMelika i-US Federal Reserve ezonquma ngemalimboleko yayo ngoLwesithathu nombiko wemali esetshenziswa ngabantu ukuthenga izimpahla ezihlukene i-core price consumer expenditure inflation ngoLwesine. Izimakethe zilindele ukuthi leli bhange lingayishintshi imalimboleko.

Kuzobe kuwumhlangano wesibili kasihlalo wekomiti elithatha izinqumo ngokwenzeka ezimakethe eBhange lomBuso uMnu uKevin Warsh, ofike ngoJuni. Ngesikhathi efika uguqule indlela leli bhange elixhumana ngayo nabantu njengoba engakhombisanga indlela abuka izinto ngayo ngabona ukuthi kuzokwenzeka ngomuso futhi wakhipha isitatimende esifingqiwe emva komhlangano.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/20/kubhekwe-isinqumo-sebhange-lombuso-ngemalimboleko/

Njengoba uWarch engakhulumanga kakhulu ngokuzokwenzeka ngomuso, abatshalimali bazobe befuna ukwazi ukuthi ngabe iBhange lomBuso lizoshaya ngezimfishane yini nokuthi uzibuka kanjani izimo eziyingozi ezihambisana nezimpi ezintsha eziphazamisa umnotho nokukhathazeka okusha ngamandla emali.

Uma kuhlanganiswa izibalo ze-personal consumer expenditure nesikali esifunwa yiBhange lomBuso laseMelika ngamandla emali, kulindeleke ukuthi isinqumo silekelele izimakethe ukubona ukuthi ngabe izonyuka yini imalimboleko ngasekupheleni konyaka.

Khonamanjajo, izibalo zekota yesibili zokukhula komnotho nezamandla emali zangoJulayi zamazwe aseYurophu zizophuma kuleli sonto. E-China inkomba yokukhiqiza i-manufacturing purchasing managers index izocacisa ukuthi ngabe imboni yokukhiqiza nemigomo emisha iza nemiphumela emihle yini. I-Bank of England kulindele ukuthi ibambe imalimboleko ku-3,75%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page