UNksz uNondumiso Khumalo, umsunguli weFlaura Aura yaseThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Usewusomabhizinisi okhula ngamandla osizwe yikhono elicijwe esakhula. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

IKHONO lokubhaka amakhekhe afundiswe lona kubo limtakukile ngenkathi ephelelwa wumsebenzi. Manje selimenze omunye wosomabhizinisi abaziwa ngokubhaka nokufukula abantu besifazane.

UNksz uNondumiso uKhumalo, waseCabhane eMthwalume, oGwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natali, usungule i-Flaura Aura, inkampani yokubhaka ngo-2017.

Ngaphambi kokuzimela, uNksz uKhumalo one-Honours kwi-Social Science kanti manje wenza i-Master’s, usebenzele inhlangano engenzi inzuzo efunela abantu besifazane basemakhaya usizo lwezimali.

“Ngisebenze iminyaka emihlanu kwi-NGO (nginxusa) izinkampani ukuthi zixhase ngemali. Kwafika isikhathi lapho inkampani iphelelwe khona yimali. Yilapho engaqinisa khona ikhono lami lokubhaka ngoba ngangibona ukuthi umsebenzi wokuqashwa uzophela,” kulanda yena. 

Ekhuthazwa abangani, usungule iFlaura Aura. Uyiqale ekhaya ngoba ubengenayo indawo yokubhaka. Amakhasimende akhe asabalalise igama lakhe ngokuxoxa ngamakhekhe akhe, walekelelwa nayizinkundla zokuxhumana.

Imilingo yaseFlaura Aura

“Seliqalile ibhizinisi ngibe sengiya kwiNational Youth Development Agency, ngacela ukuxhaswa ngoba ngidinga imishini ukuze likhule ibhizinisi libe sezingeni elifanele. Engikufundile lapho wukuthi uma uyocela usizo lwemali kumele uye ibhizinisi selikhona. Ungayi usenomcabango kuphela, kungekho okuphathekayo,” kweluleka uNksz uKhumalo. 

Ngenxa yokuthanda ukucobelela abanye ngolwazi, uNksz uKhumalo uhlele izigcawu zosomabhizinisi abancane ukuthi bacijwe ngebhizinisi nezinye izindlela zokuthola usizo.

Ngaphambi kokuhlasela kweCOVID-19 uNksz uKhumalo ubefundisa mahhala ukubhaka esitolo sakhe. “Amakilasi ngiqale ngiwenza mahhala nje ngifundisa abantu ukwenza ama-scones ukuze bazidayisele nabo. Loku ngikufunde kuMama… ukuthi uma uwumuntu kumele usize abantu kwesinye isikhathi ungalindeli inzuzo kodwa wenze ngenhliziyo ekhululekile. Baningi abantu engisebenze nabo nami futhi abangisizile ngolwazi ngesikhathi ngiqala kuleli bhizinisi. Omunye wabantu engisebenze nabo wumbhaki nompheki omncane uSippy ‘The Cooking Teen’.”

I-Flaura Aura inesitolo esibhaka siphinde sidayise amakhekhe ayizinhlobo ezehlukene kusukela kwawosuku lokuzalwa kuya kwawemicimbi ehlukene. Ukuvalwa kwezwe ngonyaka odlule, kuvule ithuba elisha lokusabalala kwebhizinisi njengoba le nkampani yethule amaphakethe engxube yokubhaka, i-pre-mix abantu abayithengayo ukuze bazibhakele ekhaya.

I-pre-mix yenza kube lula amakhasimende azibhakela ekhaya

“Ngenkathi izwe livaliwe ngangimatasa ngifundisa abantu ukubhaka ngase ngifikelwa wumcabango we-pre mix ukuze (kuzoba) lula ukuthi abantu bayithenge bazibhakele emakhaya abo.”

Amakhekhe eFlaura Aura aqala kuR400 kuya phezulu. I-pre-mix iqala kuR100 iphakethe elincane, inyuke ngobukhulu balo.  

Ukukhomba ukusimama kwayo, iFlaura Aura maduze izophakela enye yezindawo zokudla ngamakhekhe enye.

Okwamanje uNksz uKhumalo uqashe izisebenzi ezine. Uthi usohlelweni lokuba nebhikawozi enkulu ezobhaka idayise amakhekhe nezinkwa, idale amanye amathuba omsebenzi.

UNksz uKhumalo, wemiyeko emuva, nethimba leFlaura Aura

Uma engabhakeli amakhasimende akhe, usuke ematasa efundisa abantu ukubhaka njengoba eseqale uhlelo lokukhokhisana uma ekufundisa ukubhaka.

Facebook: Flaura Aura 

Twitter: @nduruza

Instagram: flauraaura

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page