Inkulu indima okusamele ikhathulwe ukuze kuthuthukiswe abesifazane ngamandla omnotho, kuloba uMusa Xulu

EZINYANGENI ezedlule kusukela ku-Ephreli kuze kube manje, inkampani yethu iMKX Associates Holdings ibizungeza ezifundazweni ezintathu eNingizimu Afrika; KwaZulu-Natali, eNtshonalanga Kapa naseMpumalanga. Loku bekuhambisana nokusiza izinkampani ezingenzi nzuzo nezikole ukuthi zithole usizo lokuxhaswa yinhlangano kahulumeni iNational Lotteries Commission.

Iningi lalezi zinkampani ziphethwe futhi ziqondiswa abesifazane. Kusikhathazile ukubona indlela okungathi azikabi nawo amandla, ikakhulu kwezomnotho.

Kulo mbhalo ngithi ake sibheke ukuthi ngokwenqubo ejwayelekile emhlabeni kusho ukuthini ukunikwa amandla ozomnotho nawezokuhlela kahle, phecelezi i-social empowerment kwabesifazane?

Uphiko lwabesifazane olungaphansi kweNhlangano yeZizwe i-UN Women, ebelikade liphethwe ngowayeyiPhini likaMengameli eNingizimu Afrika, uNkk Phumzile Mlambo-Ngcuka, kuningi elikwenzayo ukunika abesifazane amandla kwezomnotho nenhlalakahle. Siyajabula uma abesifazane benamandla kule mikhakha nohlelo lokulingana yokobulili luyasukuma, kukhulisa nomnotho uma abesifazane besebenza ngoba bavama ukusebenzisa imali ngobuchule, kusimamisa namakhaya.

Elinye lamazwe ahamba phambili ekwabiweni kwamandla kwabesifazane yiSweden. Ngeshwa- ke kunezibalo ezithi:

  • emhlabeni wonke kunesibalo esiwu 2.7 billion wabesifazane abavinjwa yimithetho emazweni abo ukuthi benze imisebenzi ethile;
  • emhlabeni phakathi kwabesifazane abaneminyaka ewu-25 kuya kwewu-54, wu-63% kuphela osebenzayo;
  • abesifazane kakhulu abantula imisebenzi;
  • abesifazane bagqama kwezomnotho ezingahlelekile nasemisebenzini yesikhashana;
  • amabhange amanqika ukuboleka abesifazane imali;
  • abesifazane abakangeni ezintweni ezidinga ubuchwepheshe.

Kuningi nokunye. Kodwa ucwaningo lukhomba ukuthi lesi simo singalungiseka.

Ababhali abacwaninga kakhulu ngokunika amandla abesifazane, ikakhulu emazweni asathuthuka, uPatricia Hontagager  noKaripu Archarya bebhala ngonyaka ka-2010 bathi abesifazane banokuzizwa benamandla uma beneqhaza ezinhlakeni ezivulelekile zomphakathi, ezingaba namalungu abo bonke ubulili noma kube abesifazane bodwa.

Umbhali osebenza kakhulu nenhlangano yabesifazane emhlabeni, i-UN Women, uMarjo-Riitta Liimatainen evumelana nabanye, uthi indlela eqondile yokunika abesifazane amandla wukubanika imfundo namakhono.

Abanye ongoti babala ukuxhasa ngezibonelelo abesifazane emabhizinisini abanolwazi ngawo nokuvuleka kwamathuba okuboleka emabhange kodwa konke kube nesisekelo semfundo namakhono kwabesifazane.

Kuyacaca ukuthi imfundo namakhono kuyisisekelo esiyisona sokuthuthukisa nokugixabeza abesifazane ngamandla ezomnotho nenhlalakahle.

Nakuba ngingakawuqedi umbiko oya ohlakeni esasisebenza nalo KwaZulu-Natali, sikhulu isidingo sokuthi lezi zinkampani ezingenzi nzuzo eziholwa kakhulu abesifazane, laba abaziholayo bathuthukiswe.

Ngokuzayo sizobheka ukuthi intsha inikwa kanjani amandla ukuze singaloku sishaya imihlahlo uma sikhuluma lezi zindaba, ikakhulu ezweni elinokungalingani njengeNingizimu Afrika.

  • USolwazi uXulu uyisikhulu esiphezulu seMKX Associates Holdings

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page