Usewuqweqwe lukasomabhizinisi owaqala ngokusebenza esitolo sikayisemkhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ABAHOLI bezinkampani bangesabi ukuvulela izisebenzi isifuba futhi baveze obala yonke into uma kusuke kunezinselelo ngoba isikhathi esiningi yiyona ndlela yokuthi bathole amaqhinga amasha. Loku kuyasiza nangokuthi izisebenzi zibathembe futhi zisebenzisane nabo ekutholeni izixazululo zenkinga esuke ikhona ngaleso sikhathi.
Lona wumgomo uMnu uTebogo Hlapi, usihlalo weTFH Projects nesikhulu esiphezulu seNkoto Investments, awulandelayo ekuphatheni lezi zinkampani.
UHlapi, oneminyaka ewu-40, waqeqeshelwa ukuba yi-accountant kanti uneminyaka ewu-14 aqala ukuzisebenza ngokugcwele. Ngaphambi kokuba namabhizinisi, wasebenza emabhange nasezimayini.
“Sesike sanezinselelo zokuthi amakhasimende ethu awu-10 amakhulu anenkinga yemali, angakwazi ukusikhokhela. Uma ungayitholi imali, awukwazi ukuholela abantu. Uma ungakwazi ukuholela abantu, uyazi kwenzakalani.
“Ngenkathi ngisebenza ezimayini (kwakuthiwa) abantu yibona ibhizinisi labo, hhayi okumbiwa phansi. (Kwakuthiwa) uma unekekela abantu, bazokusiza ukhulise ibhizinisi lakho, nokuyiyona nto esiyenzayo enkampanini yethu.
“Enye yezinto osomabhizinisi abangayenzi wukuveza izinto obala. Kodwa uma ukhuluma nabantu ubenze baqonde isimo, izisombululo eziningi ziqhamuka kubona, uthole abantu bethi ‘siyakuzwa mhlawumbe ungasiholela u-40% bese enye ubuye uyasikhokhela’,” kusho uHlapi.
I-TFH Projects isebenzisana nezimayini ukuqhuba izinhlelo zokuthuthukisa amabhizinisi asafufusa ngaphansi kohlelo, i-enterprise development. Isebenzisana nomasipala ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo ezilethelwa umphakathi ziyafinyelela kahle futhi umphakathi usuke uqonda ukuthi uhlelo oluthile lumayelana nani.
Iyona futhi le nkampani ebhekelela izinhlelo lapho uHlapi esuke emenywe khona ukuthi ayoba yisikhulumi nokushicilelwa nokudayisa incwadi asanda kuyikhipha ethi Memoirs of a Black Entrepreneur.

INkoto Investments yona ithuthukisa izakhiwo, yakha futhi iqashise ngamahhovisi nezindlu ezincane ezingomahambanendlwana. Inendawo yokwenza imicimbi nokungcebeleka okuthiwa yiBig Fish.
UHlapi, okhuliswe ngunina, waqala ukwazi ngamabhizinisi ngenxa kayisemkhulu uMnu u-Elias Hlapi owayenesuphamakethe. Kusukela eneminyaka ewu-10 wayesebenza kulesi sitolo.
“Umsebenzi wami kwakuwukugada lapho kudayiswa khona oswidi. Kwakufanele ngibabale, ngazi ukuthi bangaki, ngibadayise. Kwakuthi uma sesiqedile kufanele ngibale ukuthi bangaki abasele, ngiqhathanise nemali engenile ngabasele. Yilapho ngaqala khona ukwazi ngendaba yokungena nokuphuma kwemali, i-statement of income and expenditure,” kukhumbula yena.
Ukhule nakho lokhu njengoba nasesikoleni wayedayisa kanti ngezimpelasonto wayehamba nomzala wakhe owayedayisa iphephandaba.
Ibhizinisi likaHlapi lokuqala kwaba ngelokwakha imiqasho emhlabeni awudayiselwa wunina ngoR140 000 emva kokubona ithuba lokushoda kwendawo yokuhlala.
Ngokuhamba kwesikhathi kwaqhamuka elinye ithuba lokuqashisa ngezindlu ezincane ezingomahambanendlwana kanti namhlanje sebenezindlu ezingaphezu kuka-100.
Amakhasimende abo wuhulumeni nezinkampani ezizimele.
Enye yezinto akholelwa kuzona wukuthi uyiqede into oyiqalile noma ngabe kuthiwa endleleni kuqhamuka izingqinamba. Uthi yinto emsiza kakhulu lena nasemabhizinisini.
“Ngesikhathi ngisenyuvesi konke engangikwenza ngangenzela uMa ngoba wayekholelwa kakhulu ekutheni udinga imfundo ukuze uphumelele kodwa ngangazi ukuthi ngifisa ukuba wusomabhizinisi. Kodwa-ke ngiyabonga ngoba uyacabanga ukuthi kusiza kanjani ukuthi ngiyi-accountant njengoba ngiwusomabhizinisi.
“Uma ulandela iphupho lakho kwenze loko wazi ukuthi kuzoba nezinselelo futhi kunezinto eziningi ezizokwenza ufune ukuyeka. Ngikhumbula ngisho ngisesenyuvesi, kukhona isikhathi lapho ngangifisa khona ukuyeka yize ngangiphasa kahle kodwa le nto yokuthi ngafundiswa ukuthi umuntu uyayiqeda into ayiqalile, yiyona eyenza ngaqhubeka,” kusho yena.
UHlapi une-National Diploma in Cost and Management Accounting ne-National Diploma in Internal Audit kwaseVaal University of Technology.
Njengomuntu osebenza kakhulu ngokusiza ukukhulisa izinkampani ezincane, uHlapi uthi nakuba zikhona izimboni ezenza kube lukhuni ukugcina ezinye izimfanelo njengokuthi mhlawumbe umuntu efisa ukuthola ilayisensi yokuba nemayini kodwa ezinye izinto ezilindelekile ezinkampanini yizinto ezenzekayo futhi okumqoka ukuthi abantu bazijwayeze ukuzihlonipha.
Uthi abantu abangafuni ukugcina izimfanelo ezinjengokukhokha intela nokubhalisa kuyo yonke iminyango umuntu okusuke kudingeka abhalise kuyo ngokwemboni ahweba kuyo akufanele balindele ukusizwa.
“Yonke indawo kunemithetho, ngisho nasemakhaya ethu imbala. Inkinga wukuthi igenge encane yanamhlanje ithanda izindlela ezinqamulelayo. Ucabanga ukuthi kunomuntu okufanele akunike umsebenzi kaR100 million kodwa kungekho ndawo lapho kubhalwe khona ukuthi izinto ozenzayo nosuke wazenza ukuthi uzenza kanjani, kungekho mlando ndawo. Abantu abafuni ukuqala kancane,” kukhala uHlapi.
Uthi kuyamthokozisa ukwazi ukuthi ufaka isandla ekwakheni amathuba emisebenzi eNingizimu Afrika, amathuba asewatholile yena empilweni, abantu ahlangane nabo nezindawo asezivakashele ayengakaze acabange ukuthi angazithola ekuzona.
Okunye ngaye:
- Uzalelwe eBekkersdal, eGauteng;
- Uganiwe futhi unabantwana abathathu;
- Uyikholwa futhi elisebenzayo ebandleni;
- Uphumula ngokuhlala nomndeni wakhe;
- Ukhonze ukufunda izincwadi ezikhuluma ngamabhizinisi nokuba wumholi;
- Ukhonze isiklabhu nedombolo;
- Emculweni uthanda i-classic, i-deep house nowokholo.