Ukhuliswe ngamabhizinisi okudla osewusozigidi nosenoxhaxha lwezitolo zamakha. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UCWANINGO alwenza ngezimboni namabhizinisi ehlukene eNingizimu Afrika lwamvezela ukuthi bambalwa abantu abamnyama abanamabhizinsi ohlobo lwe-franchise, izitolo zandawonye ezinabanikazi abahlukene.
Namuhla la mabhizinisi asekhulise uNksz uBathabile Moreki, oneminyaka ewu-38, wangusomabhizinisi owenza izigidi ngonyaka. Asemzalele nebhizinisi elisha kwenye imboni. Usanda kusungula i-The Perfume Co. Africa, ibhizinisi lamakha elinezitolo eziwu-17 eGauteng, eMpumalanga naseFree State.
UNksz uMoreki, odabuka eQwaqwa, eFree State, wangena kuma-franchise ngo-2013 ngokuxhaswa yiNational Empowerment Fund (iNEF). Yile nhlangano ebolekisa ngemali eyamcija ngokusebenza kwale mboni asenezitolo zokudla ezintathu kuyona.
Lo somabhizinisi, one-National Diploma in Tourism and Hospitality yaseWits University, uwumnikazi weDebonairs, iSteers neFishaways, izitolo zokudla eziseMidrand, eGauteng.
“Ocwaningweni engalenza ngale mboni ngathola ukuthi bambalwa abantu abamnyama abakuyona, ekubeni ibe yenza imali eningi kakhulu njengoba ingenisa umnotho olinganiselwa ku-14.7% (ezweni) ngonyaka,” kulanda yena.
Ngosizo lweNEF, waboleka imali eNedbank ayihlanganisa nayeyongile, wathenga uDebonairs eTshwane ngo-2019. UNksz uMoreki, onencwadi esihloko sithi How I Started My Business with 1 Million Rand from the Bank, wengeza ngezinye ngokuqhubeka kwesikhathi esegxile eMidrand emva kokudayisa eTshwane.
Uthi ngokubona ukuthi uyasimama kule mboni ube eseqala i-The Perfume Co. Africa, ngenhloso yokuqhubeka adlondlobale kwezamabhizinisi futhi ezoba negalelo ekwakheni amathuba omsebenzi.

“Ngiqale i-The Perfume Co. Africa ezinyangeni ezintathu ezedlule, okumanje inezinhlobo zeziqholo eziwu-32, ezihlanganisa eziwu-16 zabesilisa nezabesifazane.
“(Amakha) ethu, abiza uR170 sisinye, athakwe ngamafutha enza iphunga lawo elithaphuka kamnandi lihlale isikhathi eside empahleni, siphinde siwadayisele nosomabhizinisi abancane ngamanani aphansi ukuze bazidayisele,” kusho uNksz uMoreki.
E-The Perfume Co. Africa uqashe abantu abawu-45 nabawu-48 ezitolo zokudla zakhe.
Echaza ngempumelelo yakhe, uthi: “Ukuzikhandla kungibeke lapha ngikhona namuhla. Buka nje ukuthi ezinyangeni ezintathu sengenze imali engaphezu kwaR1.2 million nge-The Perfume Co. Africa, kanti ezitolo zokudla khona senza imali engaphezu kukaR22m ngonyaka.”
Uthi ukuba wusomabhizinisi kumfundise ukubalukeka kokusebenza ngokubambisana, nathi yikona okwenze wafika lapho ekhona manje.
“Yingakho-ke ngicebisa abafuna ukuqala ibhizinisi ukuthi bathole abantu abazosebenzisana nabo, benze ucwaningo ngamabhizinisi abafuna ukuwaqala bese bezihlupha ngokufuna ulwazi lwabangakuqondi,” kucebisa yena.
Uphethe ngokuthi ufuna ukusiza abantu abamnyama, ikakhulukazi basemalokishini nabasezindaweni zasemakhaya, baqale amabhizinisi. Usevele unohlelo olubizwa ngeTownship Economy Transformation in Franchise Eco System, onhloso yalo wukufeza loko.
“Ngifuna nokuqala ikolishi lezamabhizinisi bese ngiqhubeka nokwakha amathuba (omsebenzi),” kuphetha uNksz uMoreki.
Facebook: The Perfume Co. Africa
Instagram: bathabilemoreki
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo