Asebemnkantshubomvu emabhizinisini bakhuthaze abasafufusa ukuthi bakhuthalele nesikole. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUKHUTHAZWE osomabhizinisi abasafufusa ukuthi bakhuthalele isikole ukuze bakhe amabhizinisi azokhula bangathembeli ekutheni bangabantu abaphiwe ukubona amathuba kuphela.
Osomabhizinisi abavule ngosuku lokuqala lweDurban Business Fair (iDBF) basho ngazwi linye bathi abasaphemba amabhizinisi noma abahlela ukuwaqala ababe ngabangani nesikole futhi bazikhandle.
OMnu uTheo Baloyi, uVeli Ngubane, uGladwin Malishe, uSibonelo Mbatha noNkk uThandeka Mngomezulu basho ngo-elethu ukuthi enye yezinto ezinkulu ezimise amabhizinisini abo wukuzihlupha ngokufuna ulwazi.
UBaloyi, umnikazi weBathu Shoes, ekhiqiza amateki, uthe ukusebenza njenge-accountant, nalapho asebenzela khona iPwC, enye yezinkampani ezinkulu ezenza lo msebenzi emhlabeni, kwamvula amehlo.
Amathuba awathola amthatha amfaka e-United Arab Emirates, lapho ehlale khona iminyaka emihlanu. Ukubona ububha bulokhu budlangile ngakubo e-Alexandra, eGoli, eGauteng, nokuqaphela ukuthi onke amanye amazwekazi anamagama amateki asungulwe khona ngaphandle kwe-Afrika kwamenza wabona isisombululo.

“Yayingihlupha into engangiyibona njalo uma ngibuyile ngivakashile ekhaya ukuloku ngibona ukuthi impilo ayibi ngcono. Esikhundleni sokuthi ngilibale wukwahlulela abantu engikhule nabo, ngaqonda ukuthi akuwona wonke umuntu othola umfundaze okhokhela yonke into (njengami), akuwona wonke umuntu oqeda enyuvesi ngesikhathi, akuwona wonke umuntu ozosebenzela inkampani enkulu emhlabeni.
“Ngakhetha ukuletha ushintsho ngisebenzisa uthando lwami lwamateki ukwakha amathuba emisebenzi, sakhula kanjalo. Ngashiya umsebenzi, ngathatha yonke imali engangiyongile ngabuyela ekhaya ngaqala ibhizinisi, ngihlala emva kwendlu (enkulu) ekhaya,” kukhumbula yena.
Enye indlela esamsiza ngayo isikole uBaloyi wukuthi wakwazi ukwenza ucwaningo kahle, nokwamthatha izinyanga eziwu-18, ngaphambi kokuvula iBathu. Uthi kwathi esebona ukuthi inkampani iyakhula, kwamsiza futhi ukuba yi-accountant ngoba wabona nokuthi sekufike isikhathi sokuqinisekisa ukuthi zonke izinto zimi ngononina endleleni okuqashwa ngayo, yindawo abasebenzela kuyo nokunye okuningi. Namuhla iBathu inezitolo eziwu-30 kanti iqashe abantu abawu-300.
Le ngqungquthela, ongqikithi yayo ibigqugquzela osomabhizinisi ukuthi babone amathuba amasha bangadikibaliswa yiCOVID-19, ibinanesigcawu lapho bekukhuthazwa khona intsha nesinye sokucobelelana ngolwazi sabantu abasembonini yamafilimu.
UNgubane, omunye wabasunguli be-Avatar Agency, inkampani enkulu yabantu abamnyama kwezokukhangisa, phecelezi i-advertising agency, wenza iziqu zobummeli e-University of Cape Town ngaphambi kokwengeza ngezokukhangisa eRed & Yellow School.
UNgubane uthe ngale kwesikole, enye into emsizile wukuphokophela ukwenza umsebenzi oseqophelweni eliphezulu ngaso sonke isikhathi, ukuzikhandla nokuthemba uNkulunkulu.

“Saqala eminyakeni ewu-10 edlule ngoR2 000 nekhompyutha kuphela. Kodwa namhlanje yithina inkampani yezokukhangisa yabantu abamnyama enkulu kunazo zonke. Ngaphambi kweCOVID-19 besingenisa imali (elinganiselwa) kuR200 million. Kunzima ukuzisebenza, kuyagqilazana emqondweni, emzimbeni kodwa uma uzimisela futhi uhlale uphokophela, uzophumelela. Ngesikhathi uvelela kakhulu yilapho kumele uzikhandle khona kakhulu,” kweluleka yena.
I-Avatar isebenzela emazweni ahlukene kanti kumanje isanda kuthola inkontileka eShanghai, eChina, lapho yenza khona umkhankaso oya emazweni awu-42.
“Akekho umuntu ozokweseka amaphupho akho futhi alikho iphupho elingasile. Ukubambisana yiyona ndlela yokwenza izinto ngendlela ehlukile,” kwengeza uNgubane.
UNkk uMngomezulu, naye oyi-accountant, waqala ngenkampani egxile kulo msebenzi awufundele esaqashiwe ngo-2009 ngaphambi kokuzisebenza ngokugcwele ngo-2013. Ngokuhamba kwesikhathi ungene emkhakheni omusha egxile ezakhiweni wasungula iTotal Serve Facilities Management.
“Yimboni lena okuncintiswana kakhulu kuyona, inemithetho eminingi eyilawulayo futhi kuyabiza ukugcina leyo mithetho. Kuthathe iminyaka emithathu ngaphambi kokuthi umuntu asebenze into ebonakalayo.
“Kudingeke ngizifundise okudingekayo, ngaphuma ngayofuna amathuba. Ukuzisebenza yindlela oyihamba wedwa, kudingeka ukwazi ukushintsha masinyane futhi ube nezindlela eziningi zokungenisa imali futhi ube namanye amaqhinga ocuphe ngawo uma icebo lakho lokuqala lingaphumeleli.”
Obemele uMasipala waseThekwini yikhansela uMnu uNkosenhle Madlala. Uthe ukuqhubeka kwale ngqungquthela ehambisana nombukiso wosomabhizinisi neDurban Fashion Show kukhombisa ukuzinikela komkhandlu ekuthuthukiseni osomabhizinisi.
Kule ngqungquthela kukhishwe imiklomelo ehlukene yokuthuthukisa osomabhizinisi.