Usenebhizinisi lamakhekhe elivuthiwe owasukunyiswa wukuswela imali yasenyuvesi. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
EMVA kokuphothula umatikuletsheni, uthwale kanzima eshoda ngemali yokubhalisa enyuvesi ngenxa yokuthi abazali bakhe abasebenzi. Uvuke wazithatha wafuna umsebenzi, wasebenzisa ulwazi aluthole kuwo ukuqala ibhizinsi lokubhaka adayise amakhekhe emgwaqweni.
UMnu uWonderboy Mkhize oneminyaka ewu-25, odabuka eMbumbulu kodwa osezinze eWema, eThekwini, KwaZulu-Natali, uwumsunguli weDe-Wend’s, ibhizinisi lamakhekhe aqale ewadayisa emgwaqweni ngaseMega City, eMlaza.
“Ngo-2017 ngathola itoho komunye ubaba obeneloli lamakhekhe, okuyilapho engifunde khona ukubhaka amakhekhe ezinyangeni ezintathu ngimsebenzela. Ngase ngiqala elami ibhizinisi ngo-2018 ngidayisa amakhekhe eMega City,” kulanda yena.
UMkhize, obenza unyaka wesibili kwi-Construction Management eMangosuthu University of Technology kulo nyaka, uthi ukuzikhandla kwenza ibhizinisi lakhe lidlondlobale.
“Sengiqashe abantu abathathu abangisiza ngokudayisa ematafuleni ami aseMega City, eSiphingo naseMakethe, eThekwini. Ngiphinde ngidayise amakhekhe izitolo eziwu-12 eThekwini namaphethelo,” kusho uMkhize.
Usenemoto yesithathu, kanti uthi bekungelula neze eqala leli bhizinisi ngenxa yezinkinga abebhekana nazo eMega City.
“Bengivame ukuxabana nabantu lapho ebengidayisela khona njengoba bekuke kuthi ngidayisa, kuvele kufike umuntu athi angisuke endaweni yakhe, loko obekwenza ukusebenza kwami kube nzima.
“Kwesinye isikhathi bengibuye ngihlushwe ngamaphara uma ngifika ekuseni, nobekuphoqa ukuthi ngiwaphe amakhekhe ukuze ngiphephe,” kusho yena.

Badayisa cishe lonke uhlobo lwekhekhe kodwa ayintandokazi kumakhasimende ngama-scones, ama-cream bun, ama-queen cake nama-snow ball. Abiza kusuka kuR3 kuya kuR10.
Uthi ibhizinisi limfundise ukuthi ezinye izinto zidinga ukuphoqwa ukuze zenzeke, nokuthi kumele ube nohla lomhlahlandlela osebenzela phezu kwawo ukuze udlondlobale. “Yingakho ngicebisa abafuna ukuqala ibhizinisi ukuthi babe nohlelo oluqondile lokuthi (ibhizinisi bazoliqhuba) kanjani bese bengaphosi ithawula uma bebhekana nobunzima.”
Mayelana nezinhlelo ngekusasa, uthi ufuna ukuthenga ibhikawozi bese eba nendawo evulekile yokusebenzela.
“Ngifuna nokufundisa abantu ukubhaka amakhekhe bese ngivula namathuba emisebenzi,” kuphetha uMkhize.
Facebook: Vumelani Wonderboy
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo