Wenza ezibukwayo owashiya ibhizinisi lokukhanda izimoto, wangena kwelokudla. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA
KUSUKELA eyeka ukuba wumakhenikha eqala ukudayisa i-atchar nemishini yokuhlanza izitsha namafenisha, akaze aphinde ahlukane nokuba wusomabhizinisi.
UMnu uTiyani Maluleke, waseNaledi, eSoweto, eGauteng, usanda kwengeza emabhizinisini akhe njengoba esesungule iGrub Worx, okuyibhizinisi lokudla okusheshayo okufana nama-burger.
Uthi ukusunguleka kweGrub Worx asebenzela kuyona enqoleni azakhela yona kwenzeka ngenkathi yena nomngani wakhe befuna ukuqala iMogodu Mondays, usuku lokudla ipapa nenyama yangaphakathi.
UMaluleke uthi umcabango aba nawo nomngani wakhe wenza wabona intshisekelo anayo ngalolu hlobo lwebhizinisi.
“Ngenkathi ngibona ukuthi ngingakwazi ukumelana nabantu abawu-50 ngedwa, ngabona ukuthi ngingakwazi ukuqala ibhizinisi lokudla engizoliqhuba enqoleni yokusebenzela,” kusho yena.
Uthi eqala ukulihlanganisa wazama ukuthenga izinqola, nokho wabona ukuthi zingaphezu kwamandla akhe. Yilapho elulekwa khona wumngani wakhe ukuthi azakhele eyakhe ngoba vele uwumuntu okwaziyo ukusebenzisa izandla.
“Njengoba vele ngiwumuntu ojwayele ukuzakhela izinto njengengemibhede namakhabethe, ngabona ukuthi naloku (ukwakha inqola) ngingakwazi, ngase ngakha inqola yami yokusebenzela engenanjini nezinye izinto, enomzimba nje kuphela.”
Uthi ukwakha inqola yeGrub Worx kwamthatha izinsuku ezimbili, kwase kuthatha inyanga ukwakha ikhishi. Udayisa ama-burger nama-chips okubiza uR60. Amakhasimende akhe ngawaseSoweto namaphethelo.
Konke lokhu ukuchaze njengohambo olude nobelungelula neze.
“Njalo uma sifunda noma sizwa ngosomabhizinisi asebephumelele, kukancane ukuthi bakhulume ngobunzima abahlangabezane nabo ebhizinisini. Abakhulumi kalula ngezinto ezinjengokhwantalala, ubuhlungu nezinqumo ezinzima abazithathayo ukuze baphumelelise ibhizinisi labo,” kulanda uMaluleke.
Nakuba kunjalo, nokho uthi isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyisithupha eqale iGrub Worx, kube wuhambo oluhle ebhizinisini.
“Njalo uma uma abantu bethenga ukudla kwami bahlale bemangazwa wukuthi kunohlobo lwama-burger olusezingeni eliphezulu njengaleli elokishini. Kungenxa yokuthi ngifaka inhliziyo nomphefumulo wami ekudleni engikwenzayo, engikholwa wukuthi ukusebenza kanzima yiko okwenza ngenze ukudla okunjena,” kuphetha uMaluleke.
Uthi uhlela ukwakha amanye amagatsha eGrub Worx kwezinye izindawo zaseSoweto.
Facebook: Grub Worx
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo