UMnu uSaziso Dlamini, umsunguli weNative Nyosi Honey yaseGreytown, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Ngenkathi abanye beqhela besaba ukutinyelwa, yena ubone zinoju waqala ibhizinisi. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UKUTHOLA ulwazi ngezolimo nokuthola ithuba eliyingqayizivele lokucijwa kwabantu basemakhaya kumholele ekutheni aqale ibhizinisi elinganakekile lezinyosi zoju.

UMnz uSaziso Dlamini, odabuka eMakhabeleni, eGreytown, KwaZulu-Natali, uwumnikazi woju iNative Nyosi Honey. UDlamini uwumdidiyeli wezinhlelo emsakazweni womphakathi iRadio Khwezi.

Leli phupho liqale ngo-2019 ngesikhathi uDlamini eba yingxenye yezinhlelo ze-Afri 100 African Forest Landscape Restoration Initiative ne-AUDA-NEPAD World Resources Institute, inhloso yazo phakathi kokunye okuwukubheka izindlela zokuthuthukiswa kwabantu ezindaweni zasemakhaya ngaphansi kwezifunda zeNEPAD.

“Kusukela ngisakhula ekhaya kwaDinda bengiwumuntu onothando lokuthi ngelinye ilanga ngibe wumgcini wezinyosi. Besiye sizibone izinyosi sisakhula zihlangene, sichazwe yiloko. Lithe uma livela leli thuba, ngase ngilisebenzisa ngokuthi ngithole ukuqeqeshelwa lomsebenzi ePitoli, lapho ngakwazi khona ukuba nesitifiketi (salo) msebenzi,” kulanda yena.

Into uDlamini ayithanda kakhulu wukuthi wakhetha ibhizinisi elingadumile ebantwini abaningi, ikakhulukazi uma becabanga ukuqala ibhizinisi.

Izinyosi zifakwa emabhokisini ehlukene, lapho zakha khona amakhekheba oju. Uma ngabe selisinda ibhokisi yilapho bebona khona ukuthi ibhokisi selilungele ukukhanywa uju.

Uju lweNative Nyosi lunomsoco futhi ngolwemvelo njengoba lungafakwe makhemikhali.

UDlamini uthi umkhiqizo wakhe uthengwa nawodokotela abawusebenzisela ukwelapha.

Amabhokisi okugcina izinyosi eNative Nyosi

“Inhloso yami wukuthi ngilekelela abafisayo ukwenza lo msebenzi ngokubachushisa nokubafundisa kabanzi ngokuba ngabagcini bezinyosi; nokuthi nje kumele njengezwe laseNingizimu Afrika sizikhiqizele, siphinde sizidayisele olwethu uju singaluthathi emazweni angaphandle afana (noChina) (noZambia) (kodwa) sibe sikwazi ukuzenzela nathi.”

Unendawo lapho egcina khona izinyosi eSilverstream, lapho esebenza khona nomndeni wakhe nethimba likababa nendodana.

“Lo msebenzi wenza ngixhumane nemvelo. Uma ukulo msebenzi kumele ungathukutheli uma uzoya kuzona izinyosi ngoba ziyakuzwa uma udiniwe noma uma umoya wakho ungakhululekile bese zikutinyela,” kusho yena.

Okwamanje umkhiqizo weNative Nyosi utholakala eSave Rite kanti isezingxoxweni nePick n Pay ukuthi idayise umkhiqizo wayo.

“Uma sengixoxa nezitolo, ngithanda ukuthi nginezwi elikhulu ngokuthi umkhiqizo kumele udayiswe (ngamalini). Phakathi kwezinto esazifunda siqeqeshwa kwaba yindaba yentengo yomkhiqizo. E-Save Rite nje isitsha esiwu-500ml sidayisa uR90 bese inyuka kuya ngobukhulu bebhodlela,” kusho uDlamini.

Uju lweNative Nyosi

Noma kuwumsebenzi nafisa ukubona abantu abaningi bengena kuwona, uDlamini uthi uhulumeni akukho usizo oluphathekayo alunikeza abantu abagcina izinyosi ukuze bathuthuke ezindaweni zasemakhaya.

“Kusekuningi uhulumeni angakwenza kulo mkhakha wabagcini bezinyosi. Siyadinga asixhase (ngokuqeqesha abantu) ezindaweni abahlala kuzona ukuze bezothuthuka bakwazi ukuba namabhizinisi azohlala isikhathi eside.”

UDlamini usezingxoxweni nesinye sezikhungo zemfundo ephakeme eGoli ukuze asebenzisane naso ukufundisa nokucobelela ngalolu hlobo lwebhizinisi.

Facebook: Native Nyosi

Instagram: @nativenyosi

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page