IKwaZulu-Natali izofukula umnotho waseNingizimu Afrika nge-gas
WUBONISWA MOHALE
UMNOTHO waseNingizimu Afrika uzolawulwa yiKwaZulu-Natali eminyakeni embalwa ezayo njengoba kuzokwakhiwa isikhumulo se-gas esikhulu iZululand Energy Terminal (iZET) echwebeni laseRichards Bay, KwaZulu-Natali.
I-ZET iyingqalasizinda yokuqala enkulu ye-liquefied natural gas (iLNG) eNingizimu Afrika kanti kuvele ukuthi izozanamathuba ahlukene ebhizinisi nawemisebenzi esithangamini seStandard Bank ebeseMhlanga, eThekwini.
Inhloko ye-Oil and Gas Coverage Southern Africa eStandard Bank uMnu uPaul Eardley-Taylor ithe iZET ifike ngesikhathi esifanele lapho izwe lidinga iLNG ukukhulisa umnotho.
“I-ZET iyivulandlela ekwakheni ingqalasizinda enkulu yeLNG ezweni. Silindele ukuthi ize namathuba omnotho acela kuR98,6 billion ngoba kusazokwakhiwa ezinye izikhumulo zeLNG eThekwini, eFree State, eMpumalanga nakwezinye izindawo,” kusho yena.
Wenze isibonelo sokuthi eMozambique ukutholakala kweLNG kungenisa imali engaphezu kwangoR180bn ngonyaka emnothweni, sekudale imisebenzi ewu-150 000 kanti isaqhubeka nokungenisa imali.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/06/24/kuzohlomula-iningizimu-afrika-ngesikhumulo-esisha-selng-kuloba-uzakhele-madela/
Umqondisi weZET uMnu u-Oliver Naidu uthe izinhlelo zabo zokwakha isikhumulo seLNG zihamba kahle ngoba zonke izigaba ziqhubeka ngaphandle kwezihibe.
“Okuhle wukuthi sesinawo amakhasimende azothenga umkhiqizo wethu, okuyi-Eskom ne-ExxonMobil South Africa. Kuyaqala ukuthi kwakhiwe ingqalasizinda yalolu hlobo ngathi, ngakho abazosilandela bazofica sekulula ukwenza okuningi.
“Maningi amathuba omnotho ahambisana neLNG nawemisebenzi. Kusukela ngesikhathi sokwakha, kunamathuba onjiniyela, awokuthutha umkhiqizo namanye amaningi. Sizolukhipha uhlu lwawo ngokuhamba kwesikhathi ngoba konke sikwenza ngezigaba zakhona,” kusho yena.
Uthe ngeke basale ngaphandle osomabhizinisi abancane futhi abantu baseMhlathuze bazowathola amathuba omsebenzi nawebhizinisi ngoba omunye umbandela abawunikiwe ngowokuthi kufanele kuqashwe abantu bakuleli zwe futhi nezinsiza zitholakale kuleli zwe.
Yize iZET izoqala ngokulanda i-gas eMozambique kodwa ngokuhamba kwesikhathi kulindeleke ukuthi iyithathe kuleli njengoba ucwaningo luveza ukuthi ikhona.
I-group executive for Strategic Delivery e-Eskom uMnu u-Alfred Seema ithe kubalulekile ukusebenzisana neZET ngoba i-gas izofaka ugesi owu-3 000MW ohlanzekile.

USeema uthi i-Eskom izosebenzisana neZET
“Izosisiza ukwandisa ugesi ohlanzekile esiwuphehlayo iLNG ngoba sinowomoya nowelanga. Akusho ukuthi iLNG izoqeda ngogesi ophehlwa ngamalahle nowenuzi kodwa izolekelelela njengoba siqinisekisa ukuthi izwe alibuyeli esimweni sokucisha kukagesi,” kusho yena.
Inhloko ye-Client Coverage eStandard Bank South Africa uNkk uThandiwe Legwaila ithe bangumeluleki ezinhlelweni zeZET kanti balindele ukuthi kubenamathuba amaningi omnotho eMhlathuze, enyakatho yeKZN.
“Siyibhange elikwaziyo ukubona amathuba omnotho futhi siyikhathalelele iNingizimu Afrika ne-Afrika njengoba sitholakala emazweni ahlukene kuleli zwekazi. I-LNG izoqinisekisa ukuthi asiwuhluphekeli ugesi eNingizimu Afrika, nokuzosiza ukukhulisa umnotho. Ikusasa lamandla asezweni lethu lizosimamiswa yizinqumo ezizenza manje,” kusho yena.

