Category: Izindaba
Kuleli sonto eligqugquzela ukuhlelwa kwemali uSLINDILE KHANYILE uxoxe nongoti abakucebisa ngokwenza loku kahle
NGOMSOMBULUKO izisebenzi zenye yezimboni ezinkulu eNingizimu Afrika, imboni yokusansimbi, ziqale isiteleka ngoba zifuna ukunyuselwa amaholo ngo-8% ekubeni umqashi ubeke etafuleni u-4.4% kulo nyaka. Amalungu iNational Union of Metalworkers of South Africa (iNumsa) athe azoteleka umqashi aze agobe uphondo njengoba ethe ngonyaka odlule azwelana naye ngesikhathi kungasebenzeki ngenxa yeCOVID-19.
Asingawudedeli umgqigqo wokubuyisa ithemba kosomabhizinisi abalahlekelwe ngenxa yezibhelu, kuloba uBusi Mavuso
NGESONTO umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa wenze kahle ngokucacisa ukuthi ukugomela (iCOVID-19) kubalulekile. Mancane amathuba okuthi abantu abagomile baphathwe yilesi sifo. Lena yiyona ndlela yokubuyisela umnotho ekutheni usebenze ngokupheleleyo nokuthi sithole inkululeko yokuphindela empilweni ejwayelekile.
Kuyathokozisa ukubona ukubambisana okuhle phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso
NAMI ngifisa ukuphosa esivivaneni ekwemukeleni umengameli omusha weBusiness Unity South Africa (iBUSA) uSolwazi uBonang Mohale nephini lakhe uMnu u-Adrian Gore. Bathatha izintambo ngesikhathi esimqoka. Bangabaholi amava abo aziwayo futhi banaso sonke isipiliyoni sokuthi kudingekani ukuze amabhizinisi asimame futhi asize iNingizimu Afrika ukuthi iphumelele.
UZinhle Madela wumculi we-Afro-pop, isishoshovu samasiko esiNtu nomphathi wenkampani yobuciko iHeArt Prints
Usemncane wawuphiwa imali?
Ngangiyithola impela kanti yileyo ndlela engaba nabangani abaningi ngayo. Umama wayewumhlengikazi kanti uR2 enganginikwa wona ngisesesikoleni samabanga aphansi wawuyimali enkulu. Ngangikwazi ukuthenga izinto ezimbili ngesikhathi sekhefu, ngiphinde ngithenge futhi uma sekuphume isikole. Isiqeda, ama-chips, isixavathi, imvuthu, iyobo, i-ice block nokunye okuningi. Konke kwakubiza u-50c ngaleso sikhathi.
Lukhulu lubhekwe kuGodongwana onconywa wongoti ngokuba namava nesisoka. USLINDILE KHANYILE uyabika
UNGQONGQOSHE omusha womNyango wezeziMali unawo wonke amava adingekayo kumuntu ophethe lesi sikhundla. Uyaziqonda izimiso zomnotho kanjalo nemigomo yenhlangano ebusayo i-ANC.Kuphela nje osekuzocacisa ukuthi uyaphumelela yini wukuthi izomeseka yini inhlangano yakhe ezinqumweni azithathayo nokuthi unomgogodla kangakanani.
UXolile ‘uZion’ Vilakazi wumbhali nomhayi wezinkondlo zesiZulu nomnikazi wenkampani yezobuciko Usiba Media. Useke wahaya izinkondlo zakhe eNingizimu Afrika naseSwatini. Unencwadi ethi Intaba YaseSiyoni Yokuqala
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo. Ngangiphiwa imali ngoba ngangingakuthandi ukudla. Umama wayengipha uR5 noma uR2 uma ngiqeda ukudla. Ubaba wayevame ukungipha imali eningi, ikakhulukazi ngenkathi sengenza uGrade 7. Wayenginika imali ethi ayibe la kuR1 000. Ngiyakhumbula nje ukuthi ngelinye ilanga umama wanginika imali ngaqala ngayo ibhizinisi, ngithengisa ugwayi, ngaphinde ngenza imali ngokulanda izingane enkulisa, abazali balezo zingane babengikhokhela uR5 (ngesonto).
Luyancomeka usizo oluqhamuke noMboweni nethimba lakhe, kuloba uBusi Mavuso
WAZE wasinyakazisa uJulayi eNingizimu Afrika. Sibophe owayengumengameli wezwe, savimba abebezama ukuqumba phansi izwe kanti manje sesinamacebo acacile azolekelela ukubhekana nomphumela wodlame nokutapa, hhayi nje okwesikhashana kodwa nangomuso. Lawa ngamacebo athembisa ikusasa elingcono okuzokhula kulo umnotho.




































































