Sithemba ukuthi ingqungquthela yokuhwebelana izothela izithelo, kuloba uNtokozo Biyela

LELI yisonto elikhulu eNingizimu Afrika njengoba kuhlangene amazwe ase-Afrika eThekwini, KwaZulu-Natali, ngenhloso yokudingida ukuthi yini angayenza ukuhwebelana ewodwa njengamazwe aleli zwekazi.

Lo mhlangano uvulwe wuMengameli waseNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa. Ukhulume kahle wathi kufanele amazwe ase-Afrika abambisane futhi aphokophelele ukuqeda ichilo leminyaka lokunikeza onke amazwe omhlaba okumbiwa phansi bese lawo mazwe ajike azokudayisa lapha e-Afrika sekuwumkhiqizo ophelele.

Akunambitheki ukuthi i-Afrika egcwele umnotho ongaka kokumbiwa phansi kodwa ihlwempu. Loku kukhombisa ukuthi abaholi bethu namanje noma sesathola inkululeko yezepolitiki kodwa kahle-hle siseyizigqila zamazwe aphesheya ayesicindezele.

Ngisho izwe elaziwa ngokukhiqiza ushokoledi ohamba phambili emhlabeni wonke iSwitzerland alinawo amasimu ka-cocoa. Wonke u-cocoa awufunayo awuthola e-Afrika. Ngokunjalo nekhofi lekhethelo liqhamuka lapha e-Afrika.

Siyadinga ukushintsha lesi simo sobunikazi bezinto ngokuthi senze isiqiniseko sokuthi konke okumbiwa phansi nesikutshalayo siyakuphendula thina uqobo kube yimikhiqizo eyenziwa yithina, siyenzela thina bese siyisabalalisa umhlaba wonke.

Ake ngibuyele ekuvuleni imigudu yokuhweba. Ngicabanga ukuthi lena yinto yokuqala okumele kuthi uma i-Intra Africa Trade Fair iphela kube sekunomhlahlandlela ocacile ngokuthi amazwe awu-55 ase-Afrika azokwenza kanjani ukuthi kube lula ukuhweba ndawonye ngaphandle kwezihibe.

Kuyihlazo ukuthi namanje singama-Afrika uma sifuna ukuvakashelana noma ukuhweba sisodwana kuba nzima kanjani. Ngikhumbula nje ngomunye unyaka ngangiyingxenye yethimba losomabhizinisi elaliye eDemocratic Republic of Congo. Sasihlele ukuthi sizoya eKinshasa sixoxisane nosomabhizinisi bakhona bese sidlulela eLubumbashi, idolobha elingenzansi nje kwenhlokodolobha iKinshasa. Ukusuka eKinshasa uya eLubumbashi kufana nokusuka eThekwini uya eKapa ngendiza, amahora amabili.

Kepha ngenxa yokuthi azikho izindiza ezisuka eKinshasa ziye eLubumbashi kwaphoqa ukuthi siyithimba laseNingizimu Afrika sibuye ngendiza esuka eKinshasa iye eGoli bese sithatha indiza eya eKenya. Uma sifika eKenya bese sixhuma ngendiza eya eLubumbashi, eDRC. Loku kusho ukuthi saphoqeka ukuthi siphume eDRC siye emazweni amabili ngaphambi kokuthi sikwazi ukuya eDRC futhi.

Loku kwangikhombisa ngokusobala ukuthi kusekude phambili e-Afrika. Namanje ngisazibuza ukuthi kungani uma sifuna ukuya emazweni ase-Afrika kufanele siqale e-Europe noma koDubai ngaphambi kokubuyela futhi ezwekazini. Yini ndaba abaholi base-Afrika bengavumelani ngokuthi kuzoqokwa izwe elilodwa elisenkabeni yezwekazi kwakhiwe isikhumulo esikhulu samabhanoyi lapho wonke amazwe ase-Afrika ezondizela khona njengeDubai nje bese esabalala izwekazi lonke? Yini elukhuni ukwenza loko?

Ayikho, ngaphandle kokuthi e-Afrika asinabo abaholi abacabangela abantu base-Afrika kodwa sinezigebengu ezilandela ibhodwe eliconsayo nje, ezazi ukuthi uma zisezikhundleni kumele zikhwabanise konke okukhona zibe ngogombela kwesakhe bese abantu besala behlwempu.

Ngiyethemba ukuthi lena ngeke kube ngenye ingqungquthela engathi shu, lapho kogcina ngokwenziwa izivumelwano ezingayi ndawo, zishiye osomabhizinisi nabantu base-Afrika nethemba elingekho.

Sesifikile isikhathi sokuthi sonke singama-Afrika sibenenhloso ebonakalayo yokuthi manje siphokophelele ukwakha izwekazi lethu ngaphandle kokusizwa ngamazwe asentshonalanga. Sizimisele futhi ukuzikhiqizela konke okumbiwa phansi, singathathi konke esinako sikuthumele phesheya kubuye sekumba eqolo sesingasakwazi nakukuthenga thina.

Uma ukhona eThekwini, ngingakuqguqguzela ukuthi ulibangise eDurban ICC uyozizwela ngezakho ukuthi ngabe yiziphi ezinye izinto izikhulu zezwekazi i-Afrika ezizidingidayo. 

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe, iMindset Shift Consulting 

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page