Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSthembiso Mhlongo, umlingisi wemidlalo yethelevishini. Useke walingisa emidlalweni esingabala kuyona Ingadi, Imbewu: The Seed, Uzalo neGenerations
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa kodwa kwakumele ngiyisebenzele ukuze ngiyithole.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ibhange lokuqala kwakuyi-FNB. Cishe kwakula ko-2004 noma u-2005.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi kumele uyisebenzise ngokuhlakanipha ngoba kungenzeka ube nayo namuhla, kusasa uyidinge kodwa ube ungasenayo, ngakho akumele ujabulele ukuthi unayo nje kuphela ube ungayilondolozi futhi ungayitshali ndawo.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?
Ngiqale ngo-2005, ngihola uR350 njalo emva (kwamasonto) amabili.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngangibeka ingxenye ethile njalo ngenzela ukuyokhokha ngayo izindleko zokwenza izifundo zeSpeech and Drama.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngahlanganisa imali nogogo sakha izindlu eziqashisayo.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Akukho okungako okungalungile engingathi sengike ngakwenza ngemali ngenxa yokuthi ngiwumuntu ohlale eqinisekisa ukuthi uyiphatha ngendlela efanele.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?
Yebo, ngake ngangena kuleli elibizwa ngeMMM namanye. Ngalahlekelwa, ngaphinde ngazuza imali ethile kodwa ngafunda ukuthi angisophinde ngizihlanganise nento efana naleyo.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ukuthi kumele uyisebenzise ngokucophelela, uyilondoloze bese wenza izinto ezibalulekile ngayo.
Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingangena ebhizinisini lezindlu eziqashisayo ngoba ngikholwa wukuthi yilona hlobo lwebhizinisi umuntu angatshala kulo imali impilo yakhe yonke.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi asisebenzise imali ngokucophelela, siyilondoloze bese siyitshala lapho esingakwazi ukuyitshala khona ukuze uma kufika izikhathi zendlala yemisebenzi zisifice sizihlomele.