UMasipala waseThekwini utshale uR127,9 million ekulungiseni imigwaqo
YINTATHELI KAMASIPALA
KUPHELILE ukuvika imigodi emigwaqweni esedolobheni njengoba uMasipala waseThekwini uyilungisa. Ngonyaka wezimali wango-2025/26 uMasipala waseThekwini ubeke uR127,9 million ukulungisa imigwaqo ewu-13 esedolobheni.
Sekulungiswe imigwaqo engamakhilomitha awu-65, eyenza ukuthi uphiko lwemiGwaqo nokuPhatha inGqalasizinda yenze ngaphezu kwezinhlelo ebizibekele zona zokulungisa imigwaqo.
Ukutshala le mali kuyingxenye yohlelo i-Inner-City Regenation Programme oluhlose ukulungisa ingqalasizinda futhi lwenze ukuthi idolobha laseThekwini lihambisane nezikhathi zamanje. Luqinisekisa ukuthi kuyahambeka edolobheni, ezokuphepha ziyaqina futhi luqinisekisa ukuthi umnotho uyakhula enkabeni yedolobha naseziyingini zomnotho eziseThekwini.
Phakathi kwemigwaqo elungiswe kukhona Umngeni, uDkt Pixley kaSeme, uKE Masinga, uMasabalala Yengwa, uSandile Thusi, uMargaret Mncadi, uSoldiers Way, uSmiso Nkwanyana nothelawayeka Inkosi Albert Luthuli (uM4).
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/06/asimile-siyaqhuba-iminyaka-emihlanu-yokwakha-ubuxhakaxhaka-bezokuthutha-besimanje-nobuphephile/
Ukulungisa le migwaqo kusiza ukuhamba kwezimoto ezithutha umphakathi, ezihambisa izimpahla zamabhizinisi nalapho kuhamba khona abantu abahlala edolobheni. Kulunga nendlela yokusebenza kwezitamkoko, kukhanyise imigwaqo futhi kunciphisa nesidingo sokulungisa ingqalasizinda njalo.
Umasipala uncoma ukuzimisela konjiniyela, abaphathi bomsebenzi, ongoti nosonkontileka akade besebenza kulezi zinhlelo zokulungisa imigwaqo yize bekunezinselelo ezibangkwa yisiminyaminya, ukuhlelela kabusha amapayipi, isibalo esiphezulu sabantu abahamba ngezinyawo nesimo sezulu ebesishintshashintsha.

Elinye lamathimba alungisa imigwaqo kaMasipala waseThekwini limatasa
Ukuphumelela kwalolu hlelo kukhombisa ukuzibophezela kukamasipala ekwakheni ingqalasizinda ehlala isikhathi eside, ehlelekile neyenza leli dolobha lihehe kubatshalimali. Kulungiswa imigwaqo kusukela enkabeni yedolobha kuya esiyingini sasemakethe uWarwick.
Inhloko esabambile ophikweni lwemiGwaqo nokuPhatha inQqalasizinda kumasipala uMnu uThanda Zulu ithe umasipala uzoqinisekisa ukuthi uyaqhubeka nokutshala imali ekusimamiseni ingqalasizinda.
“Ukutshala imali ecishe ifinyelele ku-R128m emigwaqweni yasedolobheni kukhombisa ukuthi sizibophezele ukulungisa ingqalasizinda ebalulekile, ukuhambisa abantu, izimpahla nokusimamisa umnotho, ukuheha abatshalimali nokudala imisebenzi. Impumelelo yalolu hlelo isiqalile ukuletha imiphumela emihle kwizakhamizi nakumabhizinisi,” kusho yena.
Uthe lolu hlelo lukhombisa nokubaluleka kwamathimba kamasipala asebenza emigwaqeni engaphakathi. “Emigwaqweni ewu-13 elungisiwe onyakeni wezimali wango-2025/26, izinhlelo ezine bezisetshenzwa amathimba kamasipala kuphela, kwathi olulodwa lwasetshenzwa yithimba elihlanganise elikamasipala nelosonkontileka. Loku kukhombisa ukuphucuka nokukhula kongoti ngaphakathi kumasipala abakwazi ukuletha izinhlelo zengqalasizinda esezingeni eliphezulu nengadli imali eningi,” kusho yena.
Umasipala uzoqhubeka nokutshala imali kwingqalasizinda ezophucula ukuhambisa izidingo, elekelela ukusimama komnotho nephucula impilo yezakhamuzi zawo.

