Ukufisa ukuvala igebe lokushoda kwamagaraji kaphethroli elokishini kwenze bavula elabo kwelinye lamalokishini amakhulu ezweni. Oyedwa uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUSHODA kwamagaraji kaphethroli emalokishini aseNingizimu Afrika ngesinye sezizathu ezenze banquma ukuqala elabo elokishini langakubo eMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali.
UMnu uNkululeko Mkhize, oneminyaka ewu-37, noMnu Kwazi Poto, oneminyaka ewu-40, baseMlaza bangabanikazi beNjize Petroleum, igaraji elikwa-AA eMlaza.
Elanda ngokuqala kwabo iNjize, uMkhize uthi: “Mina noPoto sisebenze isikhathi eside enkampanini yezokwakha, okuyilapho sithole khona ulwazi olunzulu ngokuqala ibhizinisi. Bese kuyisikhathi eside sifuna ukubamba iqhaza ekuvaleni igebe lokushoda kwamagaraji kaphethroli emalokishini.”

Uthi iNjize bayiqala ngo-2013 ngoR120 000 abawulondoloza besasebenza enkampani yezokwakha. Baqala bebesenzisa iveni ukudiliva uphethroli nodizili ezinkampani ezihlukene.
“Kuthe ngo-2019 saqala elethu igaraji likaphethroli elincane ngenxa yokubona ukuthi abantu baselokishini balidinga kangakanani. Ukwenza ucwaningo olunzulu ngohlobo lwebhizinisi olunjengalolu kwenza safeza isifiso sethu seminyaka.
“Njengamanje abashayeli bezimoto, ikakhulukazi osomatekisi (okuyibona) abalisebenzisa kakhulu, bayakwazi ukuza bezokwetha uphethroli kulona futhi siphinde sisebenzisane nezinkampani zokwakha esizidilivela uphethroli nodizili,” kusho uMkhize.
Amanani abo wuR16.10 ilitha kadizili noR17.65 ekaphethroli. Igaraji labo livulwa ngo-4 ekuseni livalwe ngo-9 ebusuku nsuku zonke. Uthi okwamanje eNjize banezisebenzi eziyisithupha.

Ukungabi nolwazi olwenele lebhizinisi besaqala nokushoda komkhiqizo kwesinye isikhathi ngezinye zezingqinamba abake babhekana nazo.
Uthi ukuba sebhizinisini kubafundise ukuba nesineke, ukubekezela nokungajahi imali. “Nokuthi-ke uma usebhizinisini kumele uhlale embonweni wakho ungaphosi ithawula ezimweni eziwuzamazamisayo bese uba nabantu asebephambili kunawe ngezinga (othekela) kubona ulwazi namacebo okundlondlobala ebhizinisini.”
UMkhize weluleke abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi bazi ukuthi ebhizinisini kumele usebenze kanzima, uzimisele.
Ngokwezinhlelo zangomuso, bafisa ukuthi iNjize igcine isinamagaraji kwezinye izindawo elokishini nakwamanye amalokishi.
“Uma sesifeze loko, siyobe sesisebenzela ukuthi iNjize Petroleum ibe khona nakwamanye amazwe,” kuphetha uMkhize.
Facebook: Nkululeko Romeo
Facebook: Kwazi Poto
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo