UNkk uThulisile Mokwena, umsunguli weRBKM Chickens yaseWintersveld, eTshwane, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Ubeshiswa yintshisekelo yokuhlomela ikusasa oqale ibhizinisi lokufuya izinkukhu. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

USEBENZA ngokugcwele njenge-microbiologist kwenye yezinkampani ezinkulu. Yize kunjalo ubehlale enomcabango wokufuna ukuqala into yakhe ngelinye ilanga, angagcini ngokuqashwa.

Wukubuswa yilo mcabango isikhathi eside okwenze ukuthi uNkk uThulisile Mokwena,, oneminyaka ewu-32, waseSoshanguve, eTshwane, eGauteng asungule iRBKM Chickens, ibhizinisi lezinkukhu. Uthi uliqale ngenhloso yokuba nento azobambelela kuyona uma esethatha umhlalaphansi noma uma kwenzeka ephelelwa wumsebenzi asewenze iminyaka ewu-12.

Ukhule uninakhulu noyisemkhulu befuye izinkomo kanti wayevame ukubavakashela epulazini uma kuvalwe izikole. Uthi yilokhu okwatshala imbewu yokufuya, nokungakho ethe uma ecabanga ibhizinisi angalenza, wafikelwa yilona.

UNkk uMokwena usungule iRBKM Chickens ngo-2016 kodwa wabuye wama kancane esazicija ngolwazi lokuphatha ibhizinisi.

“Ngiqale iRBKM Chickens ngingenalwazi lwezamabhizinisi, nokwenze kwalukhuni ukuqhubeka nayo, nokuholele ekutheni ngenze izifundo ze-business administration, ngazicija kabanzi nangemboni (yokufuya).

“Kuthe sengiqede konke, ngase ngiyibhalisa ngokusemthethweni ngo-2019, ngoba bese nginolwazi olwanele lokwengamela nokuqhuba ibhizinisi,” kulanda yena.

“Okunye okwenze ngafuya izinkukhu wukuthi ocwaningweni engilwenzile ngithole ukuthi baningi abantu abazithandayo ekubeni ziyindlala ezindaweni eziningi,” kusho uNkk uMokwena.

UNkk uMokwena nezinkukhu zeRBKM Chickens

Epulazini lakhe elingamahekthare awu-42 unezinkukhu ezingaphezu kuka-2 000. Unezisebenzi ezimbili ezimlekelela emsebenzini nsuku zonke.

Uthi: “Ngibuye ngilekelelwe wumyeni wami ongisiza ngokubheka ukuthi ibhizinisi lihamba kanjani uma ngisemsebenzini ngoba mina ngikwazi ukugxila kahle kulona uma sengishayisile nangezimpelasonto.”

Izinkukhu zakhe eziphilayo zibiza uR65 iyinye, uR70 echuthiwe kanti ziwuR48 iyinye uma uzothenga eziyishumi kuya phezulu.

Okwamanje uzidayisela noma ubani ozidingayo ePitoli namaphethelo noshisanyama abaseduze naye.

Ziyatholakala izinkukhu ezichuthiwe eRBKM Chickens

Eqala iRBKM Chickens uke wabhekana nenselelo yokungakwazi ukuyisabalalisa kahle ebantwini kodwa wasizwa yizinkundla zokuxhumana.

Uthi ukuba wusomabhizinisi kumfundise ukubekezelela amakhasimende, nokubaluleka kokubona amaphutha owenzile bese ufunda kuwona ukuze ukhule uma uwusomabhizinisi. “Kusemqoka ukuzicija ngolwazi lwebhizinisi nokuthi akumele uzikhathaze ngokuthi oncintisana nabo benzani. Kunalokho gxila ekuthuthukiseni ibhizinisi lakho ngaso sonke isikhathi.”

Ufisa ukugcina esenesitolo senyama yenkukhu azodayisa umkhiqizo weRBKM Chickens.

“Ngifuna nokukhulisa i-RBKM Chickens ngendlela yokuthi umphakathi uma ufuna inyama yenkukhu uze kimina, ngibe neshisanyama yami okuzotholakala ne-sauce kuyona,” kuphetha uNkk uMokwena.

Facebook: RBKM Chickens

Instagram: @rbkm_chickens

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page