Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa no-Ayanda Nyuswa, umethuli wezemidlalo kwiDurban Youth Radio (iDYR)

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, ngangiyiphiwa ngisafunda amabanga aphansi. Waphela umbuso sengenza amabanga aphezulu.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?

Ngo-2015 sengenza unyaka wesibili enyuvesi. (Ngayivula eFNB).

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Imali ngangingayijwayele kangako ngisemncane kodwa nganginalo ulwazi lokubaluleka kwayo nokuthi kumele iphathwe kahle, umuntu azame ukuyonga ngaso sonke isikhathi.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?

Ngaqala ukusebenza ngo-2017, ngisebenza eVirgin Active. Ngangihola uR2 700 ngenyanga.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Umholo wami wokuqala ngathenga ngawo izinto zesikole engangizidinga.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukusiza ekhaya ngezindlela ezihlukene. Mina nomfowethu kumanje siyakha indlu kagogo. (Ngicabanga) ukuthi ayikho into enhle kunaleyo engisayenzile ngemali yami (ukudlula yona).

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukusebenzisa budlabha imali yomfundaze engangiyithola ngenza unyaka wesine enyuvesi. Ziningi kakhulu izinto ezinhle engazenza ngaleya mali kodwa okuthi uma sengicabanga ngibone ukuthi ngangingayisebenzisa kangcono noma-ke ngizame ukuyonga.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?

Cha, ngabe ngikhuluma iphutha.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Umalume wangiyala ukuthi imali yami ngingayisebenzisi budlabha nabantu abangangikhathalele. Isifundo esikhulu sokonga imali ngasithola kumama, owayekugcizelela ngaso sonke isikhathi ukubaluleka (kokonga) imali.

Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqala ngokulungisa ekhaya ngazo zonke izindlela, ngakhele nomama umuzi omusha. Imali esala lapho, ngingayitshala emabhizinisini ehlukene.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Kubaluleke kakhulu ukuphatha imali ngendlela efanele uma uyi-brand ngoba usuke uyibhizinisi uqobo, ngakho kubalulekile ukuthola abantu abazokweluleka ngokuphatha imali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page