Akuzanywe amanye amaqhinga okufukula umnotho, kuloba uNtokozo Biyela
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yimaphi amaqhinga uhulumeni waseNingizimu Afrika angawasebenzisa ukuze umnotho usimame. Ziningi izindlela uhulumeni wakithi azizamile ukusimamisa umnotho, ikakhulukazi uma kukhulunywa ngamabhizinisi abantu abamnyama kodwa iningi lalezo zindlela aziphumelelanga.
Iningi lezindawo zikahulumeni elisiza ngemali libeka eqhulwini indaba yokubolekisa ngemali kosomabhizinisi abasafufusa. Impela amabhizinisi amaningi ayayidinga imali kodwa futhi maningi namanye adinga ukuvulelwa imigudu yokuhweba noma amathuba okwenza umsebenzi nohulumeni noma nezinkampani ezizimele.
Ake ngithathe lesi simo esibhekene naso njengamanje. Ngithe uma ngizwa ukuthi lezi zinkampani ezikhiqiza umgomo weCOVID-19 zikhuluma indaba yokuthi ngokuhamba kwesikhathi kuzosiphoqa ukuthi siloku sivuselelela umgomo, ngazibuza ukuthi kazi zingaki izinkampani zabantu abamnyama ezihweba ngemijovo?
Uma ubuka lezo zinkampani zisemafutheni, njengamanje zenza itshe lemali. Ake ngikuthathe kancane, ngishaye izibalo ezimfishane ukuthi mhlawumbe ngabe yimalini lezi zinkampani eziyenzayo. Ake sithi nje umjovo wonke ubiza uR10.
ENingizimu Afrika kunabantu abalinganiselwa ku-60 million. Asithi uma wonke umuntu ezogonywa njengokuhlela kukahulumeni kusho ukuthi zisuka nje amadaka kudingeka imijovo ewu-60m. Akesenze isibonelo ngomgomo ophindwa kabili. Kusho ukuthi inani lemijovo lizokhula libe wu-120m.
Asithathe inani lika-120m siliphindaphinde ngoR10. Kusinika uR1.2 billion okuhwetswa ngawo ngale mijovo. Asikayibali eyemijovo yokuvuselela ezayo. Umbuzo wami uthi ngabe yingxenye engakanani kule mali ezotholwa yizinkampani zabantu abamnyama?
Yingakho ekuqaleni ngibale indaba yokuthi empeleni ukusimama kwezinye izinkampani zabantu abamnyama akudingi imali kodwa kudinga ukuvulelwa amathuba okuhweba nohulumeni noma izinkampani ezizimele.
Yiningi kabi lemali ukuthi ingaya ezinkampanini eziphethwe abelungu. Nohulumeni wethu ngabe wenza iphutha elikhulu ngokungawavuli amathuba okuthi izinkampani ezimnyama ezikulo mkhakha zihlomule noma amathuba okuthi nalezo ezingekho kulo mkhakha zivulelwe iminyango zingene.
Ake ngibuyele ephuzwini lami ebengizama ukulibeka mayelana nokuthi iyiphi indlela engcono yokuthi uhulumeni akhe imisebenzi, ikakhulukazi emadolobheni asemakhaya ukuze ekugcineni kusimame umnotho wezwe lethu. Uvo lwami luthi uma ngibheka endimeni yokukhiqiza noma yokunikeza ngobuchule obuthile, uhulumeni wethu kufanele akhe izindawo ezizoba nezimboni ezihlukene nezindawo ezinamahhovisi okuqashisa.
Uma esenze njalo bese ekhipha lezi zindawo mahhala kwabafisa ukuqala noma abasebenza ezimbonini ezithize. Labo somabhizinisi into abazoyikhokhela kuphela wugesi abazowusebenzisa, amanzi nemali yocingo. Impoqo ibe yinye nje ukuthi lapho bevula khona imboni kumele baqashe abantu abahlala lapho emisebenzini engadingi izicucu nobuchule kodwa yonke lena nje abantu bakithi bengafundiseka kalula, leyo nkampani ibaqeqeshe. Yonke imisebenzi edinga ubuchule nezicucu zemfundo uma engekho owakuleyo ndawo, sebengafunake ngaphandle; nasemahhovisi ngokunjalo.
Loku kuyokwenza ukuthi kuqashwe abantu abaningi abebengenawo umsebenzi, kuphinde futhi kusize ukusimamisa umnotho walawo madolobha asemakhaya bese kufukuleka umnotho wezwe lonke.
Ngicabanga ukuthi lolu hlobo lohlelo yilona olungathela izithelo. Uma sikhuluma iqiniso elimsulwa, izindleko ezinkulu abasunguli bamabhizinisi abazithola sebebhekana nazo ebhizinisini yizindleko zokuqasha indawo yokusebenza nokukhokhela izisebenzi. Enkulu kakhulu kunazo zonke eyendawo.
Uma lowo mthwalo ungasuswa emahlombe osomabhizinisi kungasiza kakhulu ukusimamisa amabhizinisi abantu abamnyama, ikakhulukazi emadolobheni asemakhaya.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting.
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela