Ufunde ngebhizinisi ngokudayisa emgwaqweni ngoba exosha ikati eziko osenenkampani yamaveji esimeme. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

ESEMNCANE wayegconwa ngenxa yemizamo ayeyenza ukuze umndeni wakhe ulale udlile kodwa loko akuzange kumthene amandla. Kunaloko kuzale ibhizinisi lezolimo elisaqhubeka namanje ukuphucula impilo yomndeni wakhe nomphakathi.
UMnu uPenwell Bahula, waseSiyabuswa, eMpumalanga, usenenkampani edayisa amaveji nezithelo iLilly of the Valley Enterprises. Uthi uthi ubunzima bempilo kwaholela ekutheni aqale ukudayisa amaveji eseneminyaka eyisishiyagalombili enzela ukufaka isandla ekondleni umndeni wakubo.
“Ubaba wayevame ukungabi bikho ekhaya, kuthi noma kuthukele wakhona, asishiyele iphakethe lamaveji kuphela. Kwathi ngelinye ilanga singenakho ukudla ekhaya, mina nomfowethu sanquma ukuthatha isaka lika-anyanisi elalisele salidayisa ukuze sithenge ukudla,” kulanda yena.
Ukhule kanjalo-ke edayisa amaveji ngokubambisana nezingane zakubo, okwabasiza ukuthi bakwazi ukukhokhela izindleko zesikole nezasenyuvesi.
“Ngangihlale ngihlekwa ngibizwa nangamagama angemnandi, nokwakuthi uma ontanga yami bedlala, mina ngibe ngimatasa nokudayisa amaveji nezingane zakwethu,” kukhumbula uBahula.
Ngokusebenza kanzima ugcine enze i-IT and Multimedia Science ePC Training and Business College. Ubhalise iLilly of The Valley Enterprises ngo-2017.

Manje inkampani yakhe eqale idayisa izithelo namaveji emgwaqweni eSiyabuswa, isidayisa umkhiqizo wayo nakwezinye izingxenye zeGauteng, lapho edayisa khona u-60% wesivuno.

Ngaphandle kweLilly of the Valley Enterprises, uBahula ungumnikazi weGreen Legacy Creatives Global, inkampani yezobuciko ayisungula ngo-2016.
“Ngaqokwa njengomxhumanisi omkhulu weSweet Violet Cakery, ibhizinisi elasungulwa wumfowethu nomkakhe ngo-2019,” kusho yena.
Uthi ukungena kwezamabhizinisi kumfundise ukuthi angabukeli phansi amabhizinisi abanye abantu kungakhathalekile ukuthi makhulu noma mancane kangakanani, nokuthi asize abantu uma enalo usizo.
“Ungathuka isimanga uma ngikutshela ukuthi bona laba bantu ababehlekisa ngebhizinisi lami, yibo asebecela kimi izeluleko manje. Loko kungifundise ukuthi impilo ingashintsha ngendlela emangazayo njengedayisi.
“Okunye okungijabulisayo wukuthi ngokuzikhandla kwami, sengikwaze ukusebenza nenkampani ezinze eNew York ezongisiza ngokudayisa umculo wamaciko emazweni awu-131 kule minyaka emibalwa ezayo, kanti futhi ukuba wusomabhizinisi kuqinise ubudlelwano phakathi kwami nezingane zakithi,” kusho uBahula.
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
Facebook: Lilly Of The Valley Enterprises