Ukusebenza komasipala kuneqhaza ekukhuleni komnotho, kuloba uBusi Mavuso

ABANTU baseNingizimu Afrika baphumile bayovota (ngoMsombuluko), abanye baphume emvuleni. Lokhu kukhombisa ukuthi imandla kangakanani intando yabantu njengoba abantu beqinisekisa ukuthi bayalisebenzisa ivoti labo.

Nakuba ukhetho lukahulumeni kazwelonke kuyilona olugqama kakhulu kodwa uma ngibuka, ngibona kuwukhetho lohulumeni bezindawo olubaluleke kakhulu. Abakhethwayo kumele baqinisekise ukuthi siyazithola izidingo okufanele zihlinzekwe wumasipala ngendlela efanele. Into eyenzakalayo wukuthi inqwaba yomasipala bahlulekile wukuhlinzekela izakhamizi. Kusukela ekuqoqweni kukadoti kuya ekuletheni amanzi nogesi, imvamisa lezi zinto azihlinzekwa ngendlela esilindele ngayo.

Loku kungahlinzekwa kwezidingo kuphazamisa nosomabhizinisi. Komasipala yilapho kuxega khona ezinhlelweni zethu zokukhulisa umnotho, nokwenza kubize futhi kube lukhuni ukuqhuba ibhizinisi. Ukuphazamiseka kwamanzi noma ugesi ngenxa yokuhluleka kwengqalasizinda kamasipala kuba wumthwalo onzima emabhizinisini.

Kunenqwaba yezibonelo zezinkampani ezinkulu esezike zaphoqeleka ukuthi zivale noma zishintshe indawo ezikhiqizela kuyona ngenxa yokungathembeki kwezidingo ezihlinzekwa wumasipala. Inkampani eyenza imikhiqizo yobisi iClover kwadingeka ukuthi ivale ifemu enkulu kunawo wonke akhiqiza ushizi eNingizimu Afrika eLichtenburg ngenxa yendlela okwakubheda ngayo umsebenzi kamasipala emva kokulahlekelwa yimali eningi ngenxa yezinkinga zamanzi nogesi.

Abakhiqizi benkukhu i-Astral kwadingeka ukuthi bayise enkantolo umasipala iLekwa ukuze bathole izidingo efemini yabo eseStanderton, eMpumalanga. Le nkampani yiyona eqashe abantu abaningi kuleli dolobha kodwa ukuphazamiseka kwezidingo ezivela kumasipala kuyilahlekisela ngezigidi, nokuyinto okungeke kukwazi ukuthi iqhubeke. Lezi yizibonelo ezaziwayo nezidumile, ziningi ezinye izinkampani ezenza okuhle kodwa ezincane futhi ezingasho lutho kodwa ezivele zivale noma zithuthele kwamanye amazwe. Lokhu kwandisa le nkinga ebhekene nomasipala.

Enye inkinga amabhizinisi abhekene nayo yizindleko zokuvala isikhala lapho omasipala behluleka khona. Lokhu kungaba ukuvikela umsebenzi, ukufaka ama-generator nezinto zokuhlanza nezokugcina amanzi. Imvamisa futhi izinkampani kugcina sekuyizona ezihlinzeka nomphakathi ngalezi zidingo. Ezinye zithumela onjiniyela bazo ukuyolungisa izindawo zomasipala okufanele zihlanze amanzi. Izinkampani eziningi zikwenza lokhu njengengxenye yokweseka imiphakathi ezikuyo kodwa kuyizindleko. Uma singaba nomasipala abasebenza kahle, izindleko zokuqhuba ibhizinisi zingehla, nokungavulela iminyango ezinye izinkampani eziningi. Lokho kungasiza ukukhulisa umnotho nokuqasha abanye abantu abaningi.

Umbiko woMcwaningimabhuku-jikelele ngokuphathwa kwezimali komasipala uyadabukisa. Akubanga ngisho ikota yomasipala eyakwazi ukuthumela imibiko ekhombisayo ukuthi iqhuba kanjani ngokwezinjongo zawo. Bangu-86% abangakwazanga ukugcina izimfanelo ezihambisana nomthetho wokuthenga impahla. Yirekhodi elingemukelekile leli. Kusho ukuthi imali kahulumeni evele ishoda ayisetshenziselwa ukulethela abantu izidingo okufanele ngabe bayazithola, imali engasetshenziswanga kahle ngonyaka odlule ingaphezu kukaR26 billion. Yimali lena ebingasetshenziswa ukuthuthukisa ingqalasizinda nezidingo. Kodwa omunye umphumela lokhu okunakho wukuthi abaqashi bavele bathuthele kwezinye izindawo.

Ukusebenza kwentando yabantu kumele kukwazi ukuxazulula lezi zinkinga. Iningi lalabo abavotile izolo bazwakalise ilaka labo ngokuhlinzekwa kwezidingo. Nokucinywa kogesi ngokwesigaba sesine okwenzeke ngesonto eledlule kukucacisile lokhu kanti abanye osopolitiki bebejahe ukuqinisekisa abavoti ukuthi omasipala bayaphenya ezinye izindlela zokuhlinzeka ugesi. Yizinto okuhle lezi ukuzisho kanti njengoba seludlulile ukhetho ngithemba ukuthi sizobona umnyakazo wamakhansela amasha ngakho.

Amaqembu epolitiki kumele abe nabantu abenele komasipala, aqoke abantu ngoba bazi umsebenzi ngisho ngabe kuthiwa abayiphi inhlangano, abantu abazohlinzeka abantu ngezidingo. Abavoti bakhombisile ukuthi ngeke bakwamukele ukungahlinzekwa kwezidingo ngaphandle kokuthi kube khona othwala lelo cala.

Amakhansela amasha anezinhloso ezinhle ahlalelwe wumsebenzi onzima. Ngiyazwelana nawo. Ebhizinisini ayikho into enzima njengokuguqula izinto. Ngiyazi kodwa ukuthi baningi abantu abangawasiza. KwiBusiness Leadership South Africa (iBLSA), inqwaba yamalungu ethu yenze umsebenzi omkhulu ukweseka omasipala futhi izoqhubeka nokwenza njalo. Maningi amathuba okubambisana futhi ngizosebenzisana nezinhlangano zosomabhizinisi ukuze sibambisane nezisebenzi zikamasipala ezifuna ukulethela imiphakathi izidingo. Ngokubambisana singathuthukisa ukuhlinzekwa kwezidingo futhi sikhulise nomnotho.

Ingcindezi ebhekene neNingizimu Afrika, osomabhizinisi nohulumeni kwesihwebelana nabo kwamanye amazwe ukuthi sisheshise ukwenza izinto ngendlela eyonga imvelo inyukile eminyakeni edlule. Umyalezo njengoba kubhekwe kwiCOP26 wukuthi shintshani noma nizolahlekelwa.

I-spectrum sesikhashana bekuyisikhali esimqoka futhi esisebenzayo ekulweni nemiphumela yokuvalwa kwezwe emnothweni wethu. Isinqumo se-Icasa sokusihoxisa siyaxaka. Yize ebengekho obelindele ukuthi izinkampani zizosebenzisa lesi spectrum sesikhashana unomphelo, wonke umuntu ubekholwa wukuthi into ephusile ezokwenziwa yi-Icasa wukuthi isiyeke kuze kudayiswe lesi esingunomphelo noma kudlule ubhubhane.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page