Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSimthande Myeza, umsakazi weRadio Khwezi, umbhali nomlingisi wemidlalo yethelevishini

Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa. Kwakuvame ukuba wuR1 noma uR2 wokuthenga esikoleni.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngiqale ngo-2015, ngayivula e-Absa.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngikhumbula ukuthi ngangingayitholi kalula futhi ngingayinikwa njalo. Kwezinye izinsuku nganginikwa umphako wokudla esikoleni esikhundleni semali, loko kwangifundisa ukuthi imali kumele uyisebenzise uma kunesidingo kuphela.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?
Ngiqale ngo-2015, ngiyintatheli ezimele. Umholo wakhona wawungamile ndawonye kodwa wawuba ngaphansana noma ngaphezudlwana kukaR2 000.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga ngawo izimpahla zokugqoka.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukulungisa ekhaya. Ngiyalekelela njalo uma kwakhiwa noma kulungiswa ikhaya.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Ngenkathi ngiqala ukusebenza ngenza iphutha lokungayilondolozi imali. Ngangithatha wonke umholo wami ngiwusebenzise.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?
Yebo, ngake ngalutheka kwahamba imali yami eyayibhekile impela nje. Nokho angiphindanga ngazihlanganisa nalezo zinto.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi akumele ubheke inzuzo endaweni eyodwa.
Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingafeza iphupho lami leminyaka lokwakha umtapo wolwazi wangasekhaya, eNkandla. Ngingakha, ngithenge umuzi bese ngiqala ibhizinisi.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Umkhakha esisebenza kuwona ubuye ungabi (nokuzinza) emalini esiyenza ngenyanga. Kwesinye isikhathi abanye bethu basebenza ngaphansi kwezinkontileka zonyaka okubuye kwenzeke zingavuselelwa ngonyaka olandelayo, ngakho kubalulekile ukuthi uma kukhona imali osakwazi ukuyithola uyilondoloze.