Uthathe ‘udoti’ wawuphendula ibhizinisi elivuthayo. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA
EKHULA wayengakaze acabange ukuthi angaba wusomabhizinisi. Konke loko kwashintsha mhla ethi nhla ebona i-geyser engasasebenzi, okuyilapho anquma khona ukusebenzisa izingcucu zayo ukuqala ibhizinisi elikhula ngamandla.
UMnu uMatome Maphala waseSeshego, ePolokwane, eLimpopo, uwumnikazi weMatswi Braai Stands, eyenza ama-braai stand.
Elanda ngokusunguleka kweMatswi Braai Stands ngo-2017, uthi ukungatholi umsebenzi awufundele wobunjiniyela kagesi kwenza wazihlupha ngokuthi yini angayenza ukuziphilisa.
“Umfowethu wayeqeqeshelwa umsebenzi wokushisela, enomshini wokushisela engangiwusebenzisa ukuzicija ngawo ekhaya. Nganginomcabango wokushintsha i-geyser ngiyenze i-braai stand, ngase ngisebenzisa umshini kabhuti ukuzicija ngaphambi kokuthi ngikwenze njengebhizinisi.
“Ngangifuna ukubona ukuthi umcabango wami uzoba yinto enjani. Ngamangala sengibona ukuthi konke kuhamba kahle. Yangijabulisa indlela ama-braai stand engangiwenza aba yiyona, ngase ngiqala ngibheka ama-geyser angasasebenzi komakhelwane,” kulanda yena.
Uthi abanye abantu bebemnika ama-geyser angasasebenzi mahhala, abanye bamdayisele ukuze aqhubeke nokukhiqiza ama-braai stand ebhizinisi lakhe alibhalise ngonyaka odlule.
“Okumangazayo wukuthi ngisebenzisa into enganakekile njenge-geyser ukwenza izinhlobo zama-braai stand anjenge-smoker braai stand enesivalo sakhona, i-semi smoker nezinye ngisebenzisa ama-design ehlukene.
Eqala iMatswi Braai Stands, wakhuthazwa wumngani wakhe ukuthi akhangise imikhiqizo yakhe.
“Wangicebisa ngokuthi ngikhangise ngemikhiqizo yami emgwaqweni wasePolokwane ukuze ngidonse amakhasimende, loko okwangisiza ngathola inqwaba yamakhasimende athanda umkhiqizo wami,” kusho uMaphala.
Uthi ukusungula iMatswi Braai Stands kumsize kakhulu njengoba engakaze awuthole namanje umsebenzi awufundele.
“Bengilindele ukuthi ibhizinisi lami likhule eminyakeni emihlanu ezayo kodwa kumanje sengivele nginabantu abafuna ama-braai stand ami eThekwini, eGoli naseKapa.
“Kungenxa yaloko okuzothi ngonyaka ozayo ngiqale ukuwathumela kwezinye izindawo nakwamanye amadolobha ukuze iMatswi Braai Stands yaziwe nakwezinye izifundazwe zakuleli (zwe),” kuphetha uMaphala.
- Lolu daba luqala lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
Facebook: Matswi Braai Stands
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo