Usihlalo webhodi yePublic Investment Corporation uxoxe nezisebenzi
YINTATHELI YOMBELE
USIHLALO webhodi yenkampani kahulumeni iPublic Investment Corporation (iPIC) uMnu uDavid Masondo uhlangane nezisebenzi mathupha ukuzichazela ngesimo esikhona kulesi sikhungo sikahulumeni esengamele imali yabo.
UMasondo, oyiphini likangqongqoshe womNyango weziMali uhlangane nezisebenzi zePIC ngoLwesine, lapho echaze ngokumisa isikhulu esiphezulu sayo, uphenyo lomlawuli wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA), ukushintsha kobuholi nangemithetho elandelwayo ezinkampanini zikahulumeni.
Echaza ngokumisa isikhulu esiphezulu uthe abazange nje basithathele phezulu lesi sinqumo kodwa ngemva kokuthola umbiko wezinsolo zokungaphathi kahle, bathole iseluleko somthetho kummeli ozimele.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/16/amanzi-angena-endlini-kwipublic-investment-corporation-kusula-abaqondisi-ababili/
“Ngemva kokuthola iseluleko, sibone kungcono ukuthi isikhulu esiphezulu sePIC (uMnu uPatrick Dlamini). Kubalulekile ukuthi sicacise ukuthi ukumiswa kwakhe akusho ukuthi unecala kodwa senze obekufanele kwenzeke. Besingeke sikwazi ukuziba umbiko esiwutholile ngoba unezinsolo eziqinile. Siyibhodi elithenjwa ngezigidi zemali yomhlalaphansi yabantu baseNingizimu Afrika, ngakho kufanele senze okufanele ngaso sonke isikhathi,” kusho yena.
Utshele izisebenzi ukuthi zingakhathazeki kodwa ziqhubeke nomsebenzi ngoba izinto ezaziphenywa yijaji eselathatha umhlalaphansi iJaji uLex Mpati ziyalunga. Ubalule ukuthi iPIC isibuyise uR10 billion wesikweletu sayo esiwuR19bn okweletwa yizinkampani ebitshale kuzona.
Mayelana nophenyo lweFSCA uthe bebengazi ukuthi ike yacela umbiko mayelana nokuqukethwe embikweni wabaveza inkohlakalo kubaphathi bePIC phambilini. Loku ukubone njengokungatholani phakathi kobuholi bePIC neFSCA futhi uthe emva kokuthola ngaloku bayithumela imininingwane edingekayo.
Echaza ngesikhundla se-chief investment officer ebambile uMnu u-August van Heerden, uthe: “Ngaphansi kwesivumelwano sethu nekhasimende lethu elikhulu iGovernment Employees Pension Fund (iGEPF) kufanele abatshala imali baqokwe ngemvume yalo. Ibhodi yeGEPF ibingahambisani nokuqoka uVan Heerden. Senze okusemthethweni okuhambisana nesivumelwano sethu. Sibe sesiqoka uMnu u-Leon Smit ukuthi abambe lesi sikhundla,” kusho uMasondo.
Uthe umbiko wePwC osuthunyelwe kwiSpecial Investigating Unit nako kulandela umthetho ngoba njengoba bephethe imali kufanele bathembeke ebantwini.
Unxuse izisebenzi ukuthi zingalaleli inzwabethi kodwa zinake ezaziswa khona ngoba akukho abakufihlayo. Uthembisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baphethe ngobuqotho futhi bayiqaphile imali yabo.

