UNksz uMpho Phuku umnikazi we-The Lioness Security Services ne-The Lioness Lock and Key yaseSoweto, eGoli, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Ukuhlukunyezwa wubugebengu kumholele ekuqaleni ibhizinisi owesifazane owenza ezibukwayo embonini yezokuphepha. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUGQEKEZELWA komndeni wakhe izikhawu ezine kwenze wabona ukuthi kumele athathe izinyathelo ezinqala. Emva kokubiza inkampani izomqinisela ezokuphepha kwakhe, wabona kuyithuba elihle lokuqinisekisa ukuthi izakhamuzi zendawo ziphephile njengaye.

Yilapho-ke uNksz uMpho Phuku, waseMapetla, eSoweto, eGauteng, anquma khona ukuqala i-The Lioness Security Services neLioness Lock and Key. Lezi yizinkampani zezokuphepha ahlose ukuqinisa ezokuphepha ngazo futhi anqande ubugebengu elokishini.

“Ngihlala endaweni lapho izenzo zokugqekezwa kwemizi yabantu zenziwa sengathi yinto elungile, ngakho ukubona ikhasimende lami lijabule uma selibona ukuthi ikhaya lalo liphephile (yinto engithokozisa) kakhulu,” kulanda yena.

UNksz uPhuku uqale i-The Lioness Security Services ngo-2017, kwathi kulo nyaka waqala i-Lioness Lock and Key, edayisa okhiye eSoweto namaphethelo.

I-The Lioness Security Services ifaka ucingo lukagesi othangweni, ama-camera onogada neminye imishini eqinisekisa ukuphepha eGauteng yonkana nakwezinye izindawo eNorth West.

Uzibambela mathupha uNksz uPhuku kweminye imisebenzi

E-Lioness Lock and Key useqashe umuntu oyedwa kanti kweyonogada khona uqasha izisebenzi zetoho kuye ngomsebenzi osuke udinga ukwenziwa ngaleso sikhathi.

“Ukuba wusomabhizinisi yinto ebihlale ikimi. Ngike ngabhalisa ibhizinisi esikhathini esedlule kodwa ngangaqhubeka nalo ngenxa yokuthi bengisagxile emsebenzini ebengiwenza ngaleso sikhathi.

“Ngisebenze njenge-business developer, nokuyilapho engibone khona ukuthi nginobuchule bokudoba amakhasimende. Ngase nginquma ukwenza izinto ngendlela yami ngaqala ibhizinisi. Loku kusho lukhulu kakhulu kimi ngoba ngashiya umsebenzi engangiwenza ngaqala ibhizinisi, ngazi kahle ukuthi lizozikhulela lona, ngikwazi ukuzikhokhela mina nezisebenzi zami,” kusho yena.

Basebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukugada amakhasimende

Uthi uwumuntu ozikhonzile izinselelo, okwenza akuthokozele ukuba wusomabhizinisi ngisho esebhekana nezimo ezizamazamisa ibhizinisi. “Ngiyathanda ukusebenza ngezandla futhi ngizwa sengathi ngidinga inselelo kanti ibhizinisi linginika lowo muzwa ohambisana nomvuzo wokujabulela ukufeza umsebenzi osuke udinga ukwenziwa kulona.”

Weluleke abafuna ukuqala ibhizinisi ukuthi balwe nokwesaba bese benza into abafuna ukuyenza.

“Noma iyiphi inselelo obhekana nayo, iqonde ngqo bese uza nezisombululo zokuyixazulula. Nami sengike ngehluleka kaningi esikhathini esedlule ngaphambi kokuqala ibhizinisi kodwa yize kunjalo ngiqhubekile ngaya phambili, naku ngilapha namuhla,” kusho uNksz uPhuku.

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

Facebook: The-Lionesss Security & Lioness Lock and Key

Instagram: @phuku_mpho

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page