UMnu uPaul Maila, umsunguli weMazaza, yezibuko zelanga yaseGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Isithukuthezi sokuvalwa kwezwe nothando lwezibuko zelanga kumholele ekuqaleni ibhizinisi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE.

UKUKHANGISA ngebhizinisi ezinkundleni zokuxhumana ngenye yezindlela ezilula nezisheshayo zokuheha amakhasimende nokwazisa abantu ngomkhiqizo wakho, ikakhulukazi uma usaliphemba ibhizinisi lakho. Ufinyelela kubantu abaningi ngaphandle kokungena ezindlekweni ezinkulu.

Nokho kuMnu uPaul Maila, umsunguli wenkampani yezibuko zelanga iMazaza, ukukhangisa ngazo ezinkundleni zokuxhumana yinto yokugcina ebisemqondweni wakhe njengoba ethi udumo lubuye luphazamisane. UMaila, ongumlingisi, wazi kahle ngodumo – okuhle nokubi ngalo.

Elinye ibhizinisi uMaila akulona yiMarothodi Distillery, abambisene nomunye umlingani wakhe kuyona kodwa nayo yibhizinisi elisafufusa.

UMaila, oneminyaka ewu-41, uqale ngonyaka odlule ukwenza iMazaza. Uthe into ebimqoka kuye bekuwukuqinisekisa ukuthi izibuko zakhe zisezingeni elifanele kuqala ngaphambi kokuth ajahe ukwazisa uwonkewonke ngazo.

“Ukuxoxa kakhulu ngayo yonke into oyenzayo nako kungakuwisa. Kufanele uqale uwenze kahle umsebenzi, uwuqede ngoba nodumo lungakuphazamisa. Uma ngizifaka ingcindezi ngizohluleka. Into engiyidingayo njengamanje wukukhula kancane kancane. Ngithe nje asizivikele ngokuthi singajahi,” kusho yena.

UMaila, ozalelwe eTshwane kodwa wakhulela eTembisa, eGauteng, uthi umqondo weMazaza umfikele ngenkathi kuvalwe izwe ngonyaka odlule ngenkathi naye, njengabanye abantu ecabanga, ezinye izinto angazenza.

Ezinye zezibuko zeMazaza

Uthi ubewumuntu obevele ezikhonzile izibuko zelanga kangangokuthi emotweni yakhe bekuba khona okungenani amapheya amathathu kodwa ubethenga lezi ezishibhile njengoba ubengakaze eqe kuR60. Kuthe eseqala enza uphenyo wahlangana nodaba olwaluchaza ukuthi kungani izibuko zibiza.

“Ngaqala ngaphenya ukuthi ngingaba kanjani nezami izibuko. Ngathola umuntu ozongenzela phesheya kodwa ukuzibhala igama lami ngangizokwenza lapha eNingizimu Afrika. Kwake kwaba nzima ngithola nabantu ababeshansa, (ngalahlekelwa) yisikhathi nemali.

“Manje sekuwumkhiqizo osuhlangene kahle yonke into futhi sengibheke ekutheni ngibubhalise ngokuphelele ubunikazi bawo (i-patenting).”

Kuzibuko kukhona ezabesilisa, ezabesifazane nezabantu bobulili bonke. Zibiza phakathi kukaR250 kuya kuR350 ipheya kanti isikhwama sazo singuR150.

“Lezi noma ngingahlala phezu kwazo, aziphuki,” kusho uMaila ngeqholo.

Enye inhlobo yezibuko zeMazaza

Kukhona indawo yokucwala izinwele ezitholakala kuyo eSoweto kanti kukhona nesinye isitolo sezimpahla zokugqoka ezizotholakala kuso maduzane kodwa basaqedela izingxoxo nomnikazi wazo. Ne-website ezoba ne-online store izoba khona maduze.

Uthi kulolu hambo lokuzisebenza ayenzeka amaphutha kodwa into emqoka wukufunda kuwona nokuqaphela ukuthi uxoxa nobani.

“Uma ngempela ukholelwa kuleyo nto oyicabangayo, yenze uhluleke uzamile. Ungayicabangi kuze kweqe futhi ungenzi into ngoba ubona abanye beyenza. Thola ulwazi, hamba uye esikoleni, ukhokhele abantu abazokusiza.

“Ukuzisebenza akulona uhambo lukanoma ubani. Kwesinye isikhathi nguwena kuphela osuke uyibona le nto oyizamayo. Ukuthi uke wazama into yangaphumelela akusho ukuthi nelandelayo ozoyizama ayizukuphumelela futhi akusho ukuthi ngeke waphindela kulena engalunganga uphinde uyozama,” kweluleka uMaila.

Instagram: @itspaulmaila

  •  Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page