Luyancomeka unyawo aqale ngale uGodongwana futhi luzothela izithelo ezinhle, kuloba uBusi Mavuso

INGOZI yenkinga enkulu yezimali eNingizimu Afrika isiphelile. Esikhathini esingaphansi kweminyaka emibili izwe liphucwe konke ebelinakho obekungasiza uma kubuyekezwa ukuthi kufanele yini abantu batshale yini ezweni nokuthi babolekwe yini imali.
Indlela isikweletu ebesiyiyona kanjalo nemali engenayo bekubonakala sengathi uhulumeni isimphunyukile indaba yokuphatha imali kahle futhi bekungacacile ukuthi umNyango wezeziMali uzokwazi yini ukuphunga bonke laba bantu ababelesele nhlangothi zonke ngokuthi akusetshenziswe imali.
Inkinga ngengozi enjena wukuthi abantu bayayinakisisa. Izinqumo zokuthi izinkampani zitshala kuphi zenziwa kubhekwa ikusasa kanti enye yezinto ezibhekwayo yingozi yokuwa kukahulumeni. Leyo yinto engadala inkinga yezezimali bese kuholela nasenkingeni ezinkampanini. Ezinyangeni eziwu-18 ezedlule izinkampani eziningi bezingeke ziyizwisise indaba yokuzibophezela ekutshaleni imali iminyaka eminingi. Loku kunciphise ukukhula komnotho, imali engeniswe wuhulumeni nemisebenzi.
Kodwa umNyango wezeziMali usigcinile isethembiso, nosekubuyisa ithemba kosomabhizinisi. Isabelomali saphakathi nonyaka wezimali, esethulwe emasontweni amabili edlule, siveze obunye ubufakazi bokuthi isikweletu siyalawulwa nokuthi umnyango uyiphathise okwezikhali zamaNtungwa imali. Loku kubalulekile kakhulu ngoba baningi abanxusa umnyango ukuthi usebenzise imali kwezenhlalakahle.
Sekudingeke nokuthi umise ukunyuswa kwemiholo yezisebenzi zikahulumeni ebesezijwayele ukuthi nje minyaka yonke iyanyuka imali yazo. Ukwenza kanjena kubakhombisile osomabhizinisi ukuthi uhulumeni uzibhekile ngempela ezezimali.
Loku yiko kanye okudingekayo ukuqinisekisa ukuthi kunendlela esebenzayo yokunakekela inhlalakahle yenqwaba yezakhamuzi. Lo mnyango ubungavele wenze njengoba besho ngokuthi uyikhiphe leyo mali ebizoba wuR50 billion kuya phezulu kodwa loko bekuzoba yinto yesikhashana. Lezi zimfuno kumele zikhokhelwe kanti indlela yokukwenza loko wukunyusa intela noma isikweletu.
Kokubili loku bekuzoliqeda ithemba kosomabhizinisi. Ukunyusa intela bekunciphisa imali abantu abasala nayo (nakuba bekungakhona kancane ukuthi labo abathola izibonelelo bebezosebenzisa imali kakhulu) kanti ukunyuswa kwesikweletu kona bekuzophinde kuphazamise ukuphathwa kwemali kahulumeni.
Kunalokho umNyango wezeziMali ukwazile ukuphucula okulindelekile kusukela kokwakuqagulwe ngoFebhuwari ngenxa yemali eningi eqhamuke kwintela yasezimayini. Lo R120bn othe xaxa usizile ukuthi kukhokhelwe izibonelelo eziyisipesheli ezethulwe ngoba kuhlasele iCOVID-19 ukusiza abahlwempu futhi kwanyuswa nemali okukhokhelwa ngayo isikweletu.
Ngenxa yaloku kulindeleke ukuthi isikweletu siqale ukwehla ngo-2023/24. Le mali eqhamuka ezimayini ithathwa njengento yesikhashana futhi kufanele kube njalo ngoba ngeke amanani ahlale ephezulu isikhathi eside.
Ukunyusa umnotho yiyona nto eyisisombululo esingunaphakade sokuqeda ububha obubhekene nabaningi ezweni lethu. Lokho kudinga osomabhizinisi babenethemba lokuthi indlela imali ephethwe ngayo ayikho engozini. Ukukhula komnotho kusiza ngezindlela ezimbili: Okokuqala, kungenisa imali esiza uhulumeni akwazi ukuxhasa ezenhlalakahle. Okwesibili, kwandisa imisebenzi ukuze kunciphe abathembele kwezenhlalakahle.
Yiloku esakuzuza ngo-2008, isikhathi lapho kwakhula khona ithemba ezinkampanini, ukutshalwa kwemali nemisebenzi kanti abasizwa ezenhlalakahle banda ngaphandle kokubeka uhulumeni engozini. Kufanele ngabe senza konke okusemandleni ukuphinda loko.
Sizoqala sibone izithelo njengoba osomabhizinisi sebebuyelwe yithemba. Isibonelo nje, kunenqwaba yezinkampani ezilungiselela ukutshala izigidi ngezigidi ekukhiqizeni ugesi, nokuyinto emqoka ekuqinisekiseni ukuthi sinogesi owanele. Kukhona nenqubekelaphambili ekutshaleni kwingqalasizinda kusukela emachwebeni kuya emanzini.
Olunye uphawu oluzobaluleka ngoluzolethwa yisabelomali esizokwethulwa ngoFebhuwari kanti umNyango wezeziMali kuzofanele uphinde ukhombise ukuthi usazibambe ngokuqina. Kuzonyusa ithemba elivele lilethwe wuhlelo lokugoma, ukubuyekeza izinto kusukela odabeni lukagesi kuya kolwe-spectrum. Konke loku kuzonyusa ukukhula komnotho.
Into eyodwa engiphoxile ngesabelomali samaphakathi nonyaka wukuthi kuncane okujabulise osomabhizinisi abancane. Ngiyamkhumbuza ungqongqoshe ukuthi ekhuluma kwi-Sunday Times Investment Summit ngoSepthemba wathi: “Kumele sikwenze kube lula ngempela ukuba nebhizinisi.”
Angingabazi ukuthi usazolandelela kodwa bekungakuhle ukuthi kube khona asiza ngakho osomabhizinisi abancane, nokuyibona abashayeke kakhulu njengoba kunobhubhane iCOVID-19 kumanje.
Sibhekene nesimo esiphuthumayo ngodaba lokucima ugesi, nokulimaza umnotho wethu ovele uthwele kanzima futhi kumele senze konke okusemandleni ukusheshisa ukuthi kube nenye indlela yokuphakela izwe ugesi.
Okungikhathazayo kodwa wukuthi akubonakali siphuthuma. Kungani singakaqali ukufuna abantu abazongenela ukuhlungwa kwezinkampani umzuliswano wesithupha futhi silungiselele nomzuliswano wesikhombisa nowesishiyagalombili?
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa