Kungani singasunguli amabhizinisi ethu e-multi-level marketing?, kuloba uNtokozo Biyela

NAMHLANJE ngithanda sibheke izizathu noma imbangela eyenza ukuthi thina bantu abamnyama singabi nkamunkamu ekuziqaleleni amabhizinisi e-multi-level marketing, la omunye efuna abanye abazongena ngaphansi kwakhe ukuze badayise umkhiqizo othile ibhizinisi lisabalale.

Uma uqaphelisisa yithina bantu abamnyama kakhulu abathanda lolu hlobo lwebhizinisi. Amaningi siye siwabone evuka eduma kube ngathi aya phezulu bese eyashabalala. Abanye baze bawadidanise ne“bhanoyi”.

Nokho-ke angikhulumi ngohlobo lwebhizinisi olubizwa ngebhanoyi. Ngikhuluma ngohlobo olufana noForever namanye ozibonelayo nje ukuthi leli ibhizinisi elinezinhlaka ezimile zokusebenza futhi kunendlela ecacile abantu abenza ngayo imali, hhayi ngokuqola abanye abantu.

La mabhizinisi aqhakambisa ukuthi wena ofuna abantu abazongena ngaphansi kwakho kufanele usebenzise imikhiqizo yakhona ukuze abantu ozosebenzisana nabo babone ukuthi cha iyasebenza ngempela le mikhiqizo othi abayithenge bayidayise.

Uma bebabaningi abantu abafisa ukusebenza ngaphansi kwakho, kuba yiyona ndlela eyenza wena ukwazi ukwenza inzuzo eningi ngoba kusho ukuthi sebebaningi abantu abakusiza ukuthi usabalalise umkhiqizo wakho.

Kwesinye isikhathi ugcina ungasasebenzi nakusebenza, ususetshenzelwa ngabantu owabathola ukuthi bangene ngaphansi kwakho.

Baningi abantu asebenze izindodla zemali ngokuba kulolu hlobo lebhizinisi kodwa ngihlale ngizibuza ukuthi kungabe yini eyenza ukuthi thina bantu abmnyama singafuni ukuqala lolu hlobo lwamabhizinisi kodwa sibe mandla ukuxhasa amabhizinisi asungulwa phesheya. Kungani sisebenze kanzima, sifukuze kodwa ekugcineni imali iye phesheya? Ngisho ngabe ayiyi phesheya kodwa iphelela ezandleni zabamhlophe kakhulu, hhayi abamnyama.

Cha, ningangizwa kabi anginankinga nabantu abaziphilisa ngalolu hlobo lwebhizinisi. Into engangiphathi kahle wukuthi ngabe nalolu hlobo lebhizinisi ngenye yezindlela amabhizinisi abelungu ayisebenzisayo ukusebenzisa amathalente abantu bakithi ukusabalalisa imikhiqizo yabo ngoba bayazi ukuthi thina asikhonzile ukuziqalela izinto kodwa sithanda izinto esezilungile?

Kungani sinovalo ukuqala izinto ezingezethu noma sinamava nobuchule bokuyenza?  Usho ukuthi sinovalo ngaleyo ndlela noma asizethembi ngaleyo ndlela ukuthi kungcono siloku saqhubeka sakhe umnotho wezinye izizwe. Ngithe uma ngifaka lo mbuzo ezinkundleni zokuxhumana kwavela imibono eminingi ngalo mbuzo wami.

Baningi abangundazile nje bangaphuma nampendulo. Abanye bashona ezintangeni, abanye bathe akhona amabhizinisi anjalo asungulwe ngabantu abamnyama; yikona nje ukuthi awadumile kangako.

Impela ngiyavuma akhona kodwa yini eyenza ukuthi angabi nedumela njengesiwaziyo aphethwe abelungu? Ngicabanga sesifikile isikhathi sokuthi thina bantu abamnyama siqale sakhe olwethu uhlobo lwala mabhizinisi ukuze sazi ukuthi njengoba singena nje sizothenga lolo hlobo lomkhiqizo sixhasa omunye umuntu wakithi, hhayi izimpunyela ezihlala le phesheya kwezilwandle.

Miningi imikhiqizo esingayisebenzisa ukuqala lolu hlobo lebhizinisi. Singasebenzisa ubuhlalu noma izinto esizibazayo noma ezokuvunula, sizisabalalise umhlaba wonke lo ngokuthi sithole abanye abantu bakithi abahlala phesheya kube yibona abazidayisayo benze inzuzo emazweni abahlala kuwona.

Kuyadabukisa ukubona ukuthi izivakashi zabelungu zifika ezweni zithenge zona lezi zinto zethu ngamanani aphansi bese zibuyela nazo phesheya, zifike zidayise lezi zinto zethu ngetshe lemali.

Uthola ukuthi abathengi baphesheya abanankinga ukukhipha leso samba semali ukuthenga lezo zinto ngoba behehwa wubuhle bazo kodwa abazi ukuthi empeleni azibizi ngaleyo ndlela.

Le nto ingikhumbuza indlela nathi esithenga izimpahla ezithengwe eChina ezinamagama ngetshe le mali kodwa abasuke bezithenge khona eChina basuke bezicoshe phansi.

Kumele sihluze ingqondo sisebenzise amandla ethu okuthenga ukwakha umnotho wethu thina bantu abamnyama, hhayi owabanye abantu.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page