UMengameli uCyril Ramaphosa uthi kumele amazwe asethuthukile alekelele asathuthuka ukwethula izindlela ezintsha zokuphehla ugesi

Izithombe: wuGoogle

Kuthiwa zinhle izinhlelo zokwethula ugesi ongaphehlwa ngamalahle inqobo nje uma zizovikela imisebenzi. USLINDILE KHANYILE uyabika

IZOLO kuphinde kwaqala ukucishwa kukagesi eNingizimu Afrika ngokwesigaba sesibili, nokuyinto u-Eskom othe izoqhubeka kuze kube wuMgqibelo. Lesi simemezelo sale nkampani ephehla ugesi siphinde sakhombisa ukuthi kuphuthuma kangakanani ukuthi izwe lithole ezinye izindlela zokuphehla ugesi.

Yingakho isimemezelo esenziwe wuMengameli uCyril Ramaphosa mayelana noR130 billion oqhamuka emazweni aphesheya nozolekelela leli zwe ukuthi likhiqize ugesi ongaphehlwa ngamalahle eminyakeni emithathu kuya kwemihlanu ezayo sibalulekile.

Ngale kokuthi lokhu kuzokwandisa abantu abaphekela izwe ngogesi kodwa kusho nokuthi iNingizimu Afrika izonciphisa ukukhiqiza umoya ongcolisa futhi ucekele phansi imvelo, nokuyinto amazwe omhlaba aphinde azibophezela kuyona njengoba bekunomhlangano wokudingida loku, iCOP26 eGlasgow, eScotland, ngesonto eledlule.  

URamaphosa uthe amazwe asathuthuka azodinga ukuxhaswa ngamazwe asethuthukile ukuze akwazi ukuletha lolu guquko nokuthi avikele imiphakathi nemisebenzi yabantu abathembele ekukhiqizeni ugesi wamalahle.  

Le mali izoqhamuka kwiFrance, iGermany, i-United Kingdom, iMelika ne-European Union.

UNgqongqoshe wezeziMali eNingizimu Afrika uMnu u-Enoch Godongwana ugcizelele ngeledlule ukuthi kumele ilungiswe inkinga yokushoda kukagesi ngoba yenza umnotho ungakhuli futhi ixosha abatshalimali.  

Abangayizwa indaba yokuyeka ugesi wamalahle bakhala ngokuthi imiphakathi ethembele kuloku izosala ihlwempu futhi nabantu bazophelelwa yimisebenzi.  

Umfelandawonye wezinyunyana iCosatu ithe iyakweseka ukwethulwa kwalolu guquko kodwa yagcizelela ukuthi ngeke kuse kuvele kuthiwe ugesi wamalahle ngeke usasetshenziswa kanjalo nje. 

Okhulumela iCosatu uMnu uSizwe Pamla uthe: “Kuyasithokozisa ukubona ukuthi kunabatshalimali abanentshisekelo yokuza kuleli. Kodwa siyakholwa wukuthi imiphakathi efana nowaseMpumalanga othembele kakhulu emalahleni uzodinga ukuxhaswa ukuze abantu bangasali dengwane ngendlela esabona kwenzeka ngayo eNewcastle. 

“Kumele kube nemali yokuqeqesha intsha kusetshenziswa amaSeta ngamakhono amasha futhi kumele izinto ezifana nama-solar panel zikhiqizwe lapha ekhaya, kungagijinywa ziyothengwa eChina. Sinawo amakhono okukhiqiza izinto kuleli zwe uma ubheka embonini yezimoto.” 

UPamla, okhulumela iCosatu 

Namakhomanisi ahambe emazwini ezinyunyana. UDkt u-Alex Mashilo, okhulumela iSACP, uthe kudingeka ukuthi kube nendlela yokuletha uguquko kodwa uthe kumele kube wuguquko olunobulungiswa. 

“Uguquko olunobulungiswa yilolu oluzoqinisekisa ukuthi akekho oxhashazwayo, yonke into ihlala obala ngemininingwane yemali ekhishwayo, kuvikelwe imisebenzi, kwakhiwe amathuba emisebenzi amasha kube futhi kuvikelwa nemvelo. Sinenkinga yokuntuleka kwemisebenzi njengoba becela ku-12 million abantu abangasebenzi, ngakho okwenziwayo kumele kuvikele imisebenzi,” yena.  

Alex Mashilo
UMashilo, okhulumela iSACP

INingizimu Afrika isinesikhath iqale izinhlelo zokwethula abaphehli bogesi abazimele abazosebenzisa ilanga nomoya kakhulu. Lolu hlelo kulindeleke ukuthi lukhiqize u-11 800MW eminyakeni embalwa ezayo. 

UNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi namaNdla uMnu uGwede Mantashe uxwayise ngokuthi akumele amazwe ase-Afrika avumele ukufakwa yingcindezi ngamazwe asethuthukile ngokuthi avele ashiye kanjalo ugesi ophehlwa ngamalahle.

Inkinga yokucinywa kogesi wu-Eskom loku yaqala ngo-2008.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page