Sithathe amagxathu aya phambili kodwa saphinde sahlehla ngo-2021, kuloba uBusi Mavuso

UMA sibheka emuva ngo-2021, ngicabanga ukuthi sizobona izinto ezimbili ezicacile. Bekuwunyaka inkinga kagesi eqonge ngawo futhi kuwunyaka lapho siqale khona ukulunqoba ubhubhane. Njengoba sibheke onyakeni omusha nje, kokubili kuzosisiza.
Ungadideki, lo nyaka yiwona obumubi kakhulu uma kukhulunywa ngokutholakala kukagesi. Kuthe kufika uNovemba bese sike sacinyelwa ugesi amahora angaphezu kwawu-1 000, nobekungokokuqala seloku yaqala le nkinga. Kepha futhi bekungunyaka lapho kuthathwe khona igxathu elicacile lokuyiqeda le nkinga ngokubuyekeza u-schedule 2 we-Electricity Supply Act, novumela izinkampani ukuthi zizikhiqizele ugesi ongafinyelela ku-100MW zingenalayisensi yako.
Kumele lo gesi uqale ukutholakala ezinyangeni eziwu-12 kuya kweziwu-18 ezizayo, nokuzoshintsha kakhulu indlela ugesi ophehlwa ngayo kube yindlela engangcolisi imvelo, ngamanani aphansi futhi kwazeke ukuthi uyohlale ukhona.
Uma kwengezwa uhlelo lokukhiqizwa kukagesi ngabaphehli abazimele abangasebenzisi amalahle, loko kwandisa izindlela ugesi otholakala ngazo, nokumqoka ekutheni ube khona njalo.
Lona wunyaka esithathe ngawo igxathu elibonakalayo lokulwa neCOVID-19 ngokuhlinzeka ngomgomo wayo. Njengoba sibheke ekupheleni konyaka, ngeke sifinyelele ku-70% wabantu abagomile, okuyisibalo esasizibekele sona njengoba ngesonto eledlule bekusagome abawu-44%. Emva kokuphuza ukuqala, uhulumeni wenze kahle ukuthola umgomo owanele futhi kwaba nezivumelwano zokuwusabalalisa ezisayinwe nemboni ezimele.
Kepha sibhekane nenselelo ekufinyeleleni kubantu abaningi. Ziningi izizathu ezenze loku okukhona kuzona ezokuthutha, ezomnotho nendlela abantu abacabanga ngayo ngomgomo. Iningi labantu liphila impilo ecikizelayo nokwenza usuku nosuku lube nzima kanti nokuba nesikhathi sokuyogoma akulula.
Bayanda abaqashi abathi kuzoba yimpoqo ukugoma kanti okwamanje kubukeka kuyisona sikhali esizosiza ukwandisa abantu abagomile. Kodwa sidinga nezinye izindlela zokusondeza umgomo kubantu ukuze izindleko zokuyogoma zinciphe kubona futhi kwengezwe nezinto ezingogabigabi njengama-voucher.
Ngiyafisa ukuthi ngelinye ilanga singathi lona yiwona nyaka obumubi kakhulu uma sikhuluma ngemisebenzi. Kepha nginovalo lokuthi asenzi okwanele ukuguqula isimo salezi zibalo ezithusayo zokungasebenzi kwabantu eziphume ngekota yesithathu, nezikhombisa ukuthi cishe uhhafu wabantu ubungasebenzi uma kusetshenziswa indlela yokuchaza abantu abangasebenzi ebanzi.
Izibalo zokukhula komnotho ziluchaza kahle udaba lokuntuleka kwemisebenzi; njengoba umnotho wehle ngo-1.5% phakathi kwekota yesibili neyesithathu.
Njengoba sizohlaba ikhefu lamaholidi, ngifisa ukuthi sibuye sinomdlandla wokubhekana nenkinga yomnotho ehlasele izwe. Ngikhulume kaningi kule ngosi ngezinguquko ezidinga ukwenziwa. Ezinye, njengezithinta ugesi, okunye kwazo sekwenziwe, nakuba sisadinga ukuthi siguqule u-Eskom nokufaka nendlela ezimele yokuthenga ugesi kubantu abashibhile.
Kepha ziningi ezinye izinguquko ezingakenziwa. Ukudayiswa kwe-spectrum kumele kuphothulwe ngonyaka ozayo. Kufanele silungise imigomo elawula imvume yokuza kuleli zwe eloku iqhubekile nokwenza kube nzima ukuthi izinkampani zihehe amakhono esiwadingayo futhi inqinde nokusebenza kwemboni yezokuvakasha.
Kufanele siqede izinto ezikhinyabeza amabhizinisi ngezindlela ezihlukene kusukela emininingwaneni yemithetho elawula iBlack Economic Empowerment kuya emithethweni elawula ukudayisa nokuthenga imali yakwamanye amazwe.
Kufanele siqhubeke silungise amabhizinisi kahulumeni anjengoTransnet, okufanele ilethe abemboni ezimele ukuzophucula ukusebenza kwamachweba nezitimela.
Kumele siqale uhlelo lokutshala kwingqalasizinda esiludingayo sisebenzisa imali eqhamuka embonini ezimele, nengakhuthazwa ukuthi itshale ezinhlelweni ezihlelekile.
Inkinga yokuntuleka kwemisebenzi idinga ukukhula ngomqondo okuzokwenza sibuyekeze imithetho yokusebenza. Kumele sizimisele ngokuletha uguquko oluzokwenza ukuqasha kube lula futhi kwandise amathuba emisebenzi. Kumele sibhekane nezinto eziphazamisa abaqashi ekwandiseni imisebenzi.
Kumele futhi silungise indlela okuxoxiswana ngayo ngamaholo okufaka nokuphoqa ngisho nabaqashi abasuke bengaba yingxenye yezingxoxo zokulula izivumelwano.
Njenganjalo, sithatha igxathu eliya phambili bese sithatha elihlehlayo. Ngikholwa wukuthi ngo-2021 kukhona inqubekelaphambili ebhekile esiyibonile. Ngonyaka ozayo kuzofanele sikusebenzise loko siqede ubhubhane nenkinga kagesi.
Kukhona ezinye izinguquko okumele zenziwe ukulungisa indaba kagesi ukuqinisekisa ukuthi u-2022 uba wunyaka wokuvuselela umnotho. Ngimagange ukusebenzisana nabalingani kuhulumeni, izinyunyana nezinhlangano zomphakathi ukufeza lokhu.
Ngifisela amalungu ethu nabalingani bethu ukuthi baphumule kahle nonyaka omusha omuhle.
Kuyathusa ukuthi abantu abaqashiwe behle ngo-660 000 ngekota yesithathu kulo nyaka uma kuqhathaniswa nonyaka odlule, ikakhulukazi uma ubheka ukuthi ngonyaka odlule izwe lalivaliwe. Loku kukhombisa ukuthi ithemba lehlile kosomabhizinisi, hhayi nje ngenxa yeCOVID-19 nodlame lwangoJulayi kuphela. Osomabhizinisi abakholwa wukuthi kuzoletha inzuzo ukutshala nokukhulisa izinkampani.
Okubuhlungu wukuthi izisombululo kade zabonakala futhi zavunywa kudala kodwa ukwethula izinguquko ezizosheshisa ukukhula komnotho futhi kudaleke nemisebenzi kuloku kubambezeleka.
Ngonyaka odlule umNyango wezokuVakasha wethule iTourism Relief Fund ukusiza amabhizinisi akule mboni akhahlanyezwe yiCOVID-19. Okubuhlungu kubonakala sengathi sesivaliwe lesi sikhwama. Kumqoka ukuthi sivuselelwe noma kwethulwe esinye.
I-COVID-19 idunge amaholidi kaDisemba iminyaka emibili ilandelana, okuyinto ekhathaza kakhulu ngoba imboni yezokuvakasha ingenye yabaqashi abakhulu abaqashe abantu besifazane nentsha.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa