Usengozini umnotho waseThekwini ngoba isenkulu ingozi yezikhukhula ngaphandle uma kutholakala isisombululo ngokushesha. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUZOTHATHA izinyanga ezintathu ngaphambi kokuthi umnotho waseThekwini usebenze ngendlela obusebenza ngayo ngaphambi kokuhlasela kwezikhukhula ezibhoke ngesonto eledlule. Loku kulindeleke ukuthi kwehlise umnotho wedolobha ngo-1.8% njengoba idolobha lilahlekelwa wuR28 million ngosuku ngenxa yokuvalwa kwamabhizinisi ungakabalwa umonakalo owenzeke kwingqalasizinda.

Usezuze lukhulu unjiniyela ogxile ekuphuculeni impilo yabantu. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

NAKUBA sekuphele iminyaka ewu-20 esiza ewunjiniyela futhi ethuthukisa izindawo namalokishi kodwa usomabhizinisi odabuka ePhuthaditjaba, eFree State, usawuthanda umsebenzi wakhe. Ukusiza abantu bathole izinto ezincane abanye abazithatha kalula njengokukwazi ukuvula umpompi yinto emjabulisayo nokukwazi ukuxazulula izinkinga athuthukise abanye abantu yikona okumkhuthazayo.

Abalimi baxwayisa ngengozi uma ingasheshi ukulunga ingqalasizinda elinyazwe yizikhukhula. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUMQOKA ukuthi kusheshiswe ukulungisa ingqalasizinda ecekeleke phansi KwaZulu-Natali ukuze kuzophinde kuqhubeke kahle ukuthutha izimpahla eNingizimu Afrika ngoba uma kungenzeki loku kungagcina sekunomphumela omubi emnothweni, ikakhulukazi kwezolimo.

Balwa nokuntshontshwa nokuhlukunyezwa kwezingane ngewashi elisiza ukunqanda ubugebengu. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BEKUHLALE kumkhathaza ukuzwa izindaba zokwanda kwezigameko zokuntshontshwa kwezingane elokishini, kumphule umoya kakhulu ukuthi ezinye zazo ziyanukutshezwa noma zitholakale sezibulewe.

Kukhuthazwe osomabhizinisi ukuthi babheke amathuba embonini ye-Halal bangagcini ngemikhiqizo yokudla kuphela. INTATHELI yoMBELE iyabika

UKWAKHA amathuba emisebenzi entsheni, ukufukula umnotho waseNingizimu Afrika nokulwa nobubha ngezinye zezinto ezigcizelelwe yizikhulumi ebezisengqungqutheleni yokuhweba nokutshala imali iKwaZulu-Natal Trade & Investment Indaba and World Halal Day ebiseThekwini.

Kuliwa nokubheduka kwamatele aphatha imfuyo. INTATHELI yoMBELE iyabika

INYUNYANA yabalimi KwaZulu-Natali iKwanalu isinxuse bonke abafuyi ukuthi balandele yonke imigomo yesifo samatele bese besebenzisa nemigomo yezempilo ukugwema ukubhebhetheka kwalesi sifo esesiphinde sabheduka KwaZulu-Natali, eNorth West naseLimpopo.

Bagcine begxila ebhizinisini lejusi yezithelo obesekuyisikhathi eside bezama ukuchuma kwezamabhizinisi kungalungi. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BAKHULE bengabangani baze banquma ukuqala ibhizinisi lokukhangisa imikhiqizo yasezitolo ngo-2013. Ukungachumi kahle kwalelo bhizinisi kwenze balishiya phansi baqhubeka neminye imisebenzi ukuziphilisa.

Ezolimo zibe wumpheme wokuphephela kwabebengawutholi umsebenzi. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BESE kuyisikhathi eside izelamani zifuna umsebenzi kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Bekuthi noma zizama ukuqala amabhizinisi ehlukene kungalungi. Kuze kwasiza ukuhlangana kwazo nomngani wazo wakudala eziqale ibhizinisi lezolimo naye.

Ukhuthazwe ‘yizinhlupheko’ zakhe ozibophezele ekuthuthukiseni ezempilo eNingizimu Afrika. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUFEZEKE iphupho leminyaka eqokwa njengomphathi wesibhedlela esigxile ekulapheni abantwana ikakhulukazi abanezifo ezingajwayelekile. Loku kuhambisana nesifiso ayezibekele sona ngesikhathi esaqeqeshelwa ukuba wudokotela, nayezibekele ukuthi ufisa ukusifeza emva kweminyaka ewu-15.

Sigxile ekulweni nokuntuleka kwemisebenzi entsheni iSabelomali saKwaZulu-Natali. USIMANGALISO NTSHANGASE uyabika

YIZE umnotho waKwaZulu-Natali ukhombisa izimpawu zokusimama ngokuphelele kodwa amathuba emisebenzi esifundazweni aphansi kakhulu. Isibalo sabantu abaqashiwe sehle ngo-5.1% ngekota yesithathu yango-2021. Intsha yiyona eshayeke kakhulu, njengoba isibalo sentsha engasebenzi siku-59.3%.

Uhola elinye lamahhovisi amqoka ekusebenzeni ukuze intando yabantu ithele izithelo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngalo msebenzi nangokukhula kwakhe

ENEMINYAKA ewu-11 walulazwa wuthishomkhulu wesikole esixube izinhlanga ayesanda kufika kusona ngoba ephase ngamalengiso umsebenzi wesiNgisi. Uthishanhloko wacikwa wukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ephuma esikoleni esiselokishini kodwa afike aqwaqwade izingane zabelungu emakhanda.

Abawuvali umlomo abasizwe wumncintiswano wenkampani enkulu ukukhulisa ibhizinisi labo. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

YIZE bengadlanga umhlanganiso ohlelweni lokucija osomabhizinisi ngolwazi lokuphatha nokusimamisa amabhizinisi abo oluhlelwa yiFood Lover’s Market kodwa bathi ukuba kulona kwenze umehluko omkhulu ebhizinisini lokukhiqiza i-sauce.

Ungene ngendlela engajwayelekile kwezamabhizinisi osenenkampani edayisa izikhwama naphesheya kwezilwandle. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUFUNA ancame into ayeyidinga kwamnika umqondo wokusungula inkampani eyenza izikhwama eziyinguganaboya. Insizwa yaseRustenburg, eNorth West, yasungula ibhizinisi lezikhwama ngemva kokungasitholi isikhwama eyayisidinga.

Yiphupho nje elingeke lifezeke ukulawula intengo kaphethroli, kusho ongoti. USLINDILE KHANYILE uyabika

AKUKHO okutheni okungenziwa wuhulumeni ukulawula intengo kaphethroli ngoba ingxenye enkulu yayo yilena engekho ezandleni zawo njengoba kuya namandla erandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika. Kunjalo nje mancane namathuba okuthi ayeke ukubamba intela exhasa iRoad Accident Fund (iRAF) neSouth African National Roads Agency (iSanral).

Wengamele udedangendlale wepulazi oqeqeshelwe ezolimo nosimamayo kule ndima. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBAMBA ngezandla zombili wonke amathuba awanikwayo kuletha imiphumela emihle kumlimi osemncane. Ayiminingi iminyaka aseyisebenze embonini yezolimo kodwa ukuzikhandla nokuzimisela kwakhe emsebenzini awenzayo kwenze wanikwa isikhundla sokuba yimenenja jikelele yepulazi elikhulu nelinezisebenzi ezingaphezu kuka-500.

UGodongwana nemizamo yokulekelela izakhamuzi ukuthi zingaklinywa yizindleko zempilo. USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI uzobhunga ngendlela okuklanywa ngayo inani likaphethroli ukubheka ukuthi ayikho yini indlela yokulibuyekeza. Loku ngeminye yemizamo ezokwenziwa ukuzama ukunciphisela abantu izindleko zempilo eziqonga mihla namalanga.

Ubeke phansi ushoki negeja, waqala ibhizinisi lendawo yokuvakasha nokungcebeleka. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKHULE ewumuntu okhonze izinselelo ezintsha nongathandi ukwenza into eyodwa isikhathi eside. Loko kuholele ekutheni asheshe ashiye ukuba wuthisha. Uthe xinti kwezolimo. Nakhona akangahlala isikhathi eside njengoba esegxile ebhizinisini lendawo yokuvakasha nokungcebeleka.

Zigila izimanga izelamani ezangena kwezolimo zizolekelela unina. Manje sezidayisela isikhondlakhondla sesitolo ubisi. Esinye sazo sixoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBONA unina ewa evuka ekhulisa inkampani yezolimo ayiqale ngo-2005 kukhuthaze izelamani zaseFree State zaze zafisa ukufaka isandla ukumlekelela ukudlondlobalisa umsebenzi.

Owangena embonini yokuphatha izindawo zokudla zekhethelo engaqondile usewuqweqwe njengoba manje ephethe eyomhlaba jikelele. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WANGENA embonini yezokudla neziphuzo eyitoho ngoba enzela ukuthuthukisa ulwazi lwakhe ukuze angagcini ngayeluthola esikoleni, lapho ayeqeqeshelwa khona umkhakha wokudayisa nokukhangisa, kanti akabuzanga elangeni ukuthi uzogajwa wuthando lwale mboni. Wagcina ehlala unomphelo kuyo.

Unabele kweminye imisebenzi ngoba ebambe ngamazinyo ibhizinisi lendawo yokulala ukuthi lingawi. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUBHEDUKA kwegciwane iCOVID-19 ezweni kugcine kuphoqa uhulumeni ukuthi avale izwe ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwalo. Loko kube nomphumela omubi kosomabhizinisi, ikakhulukazi abasafufusa, abagcine bephoqeka ukuvala amabhizinisi abo kungasebenzeki.

Abasafufusa abasukumele imicikilisho yeSABS ukuze bezokhula. UTEBOGO MOKWENA uyabika

KUNINGI okungatholwa wosomabhizinisi abasafufusa ophikweni olwengamele ukuhlola nokuqinisekisa imikhiqizo iSouth African Bureau of Standards (iSABS). Kepha wonke usomabhizinisi ofisa ukuhlomula kulolu phiko kudingeka abe namakhasimende amaningi ebhizinisini lakhe.

Ukushaya indiva abebemngabaza eqala ukudayisa izimbali elokishini kuthela izithelo kosedlondlobala kuleli bhizinisi. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

ABANINGI bamhleka usulu eqala ibhizinisi lokudayisa izimbali elokishini ngoba kuyibhizinisini okukhonya ezinye izinhlanga kulona. Abanye babeya ubusha bakhe, bebodwa ababemngabaza ngoba enza into angayifundele.

Ukuphelelwa wumsebenzi ngemva kokudilizwa nokungawutholi omunye kumphoqe ukufeza iphupho elidala lokuzisebenza ngomuso. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUWA kwenye wukuvuka kwenye. Kube njalo nasensizweni yaseTembisa, eGauteng, okuthe ngokudilizwa emsebenzini ngenxa yokubheduka kweCOVID-19, kwavuleka ithuba lokuzisebenza ukuxosha ikati eziko. Idilizwe nje, ibisineminyaka emine isebenza kule nkampani.

Ugila izimanga ekuphatheni nasekuthuthukiseni imisakazo owagajwa wuthando lewayilense ngenxa yokulalela ‘is’tori’ noninakhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

NJENGASEMIZINI eminingi ngaleso sikhathi, ukhule kubo kulalelwa imidlalo yomoya emsakazweni uRadio Zulu, osubizwa ngoKhozi FM. Kuthe eseqeqeshelwa umsebenzi ekolishi wejwayela iMetro FM ayeyilalela imini nobusuku njengoba wayengawuvali umsakazo nasebusuku.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page