Ukhuthazwe ‘yizinhlupheko’ zakhe ozibophezele ekuthuthukiseni ezempilo eNingizimu Afrika. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUFEZEKE iphupho leminyaka eqokwa njengomphathi wesibhedlela esigxile ekulapheni abantwana ikakhulukazi abanezifo ezingajwayelekile. Loku kuhambisana nesifiso ayezibekele sona ngesikhathi esaqeqeshelwa ukuba wudokotela, nayezibekele ukuthi ufisa ukusifeza emva kweminyaka ewu-15.

Sigxile ekulweni nokuntuleka kwemisebenzi entsheni iSabelomali saKwaZulu-Natali. USIMANGALISO NTSHANGASE uyabika

YIZE umnotho waKwaZulu-Natali ukhombisa izimpawu zokusimama ngokuphelele kodwa amathuba emisebenzi esifundazweni aphansi kakhulu. Isibalo sabantu abaqashiwe sehle ngo-5.1% ngekota yesithathu yango-2021. Intsha yiyona eshayeke kakhulu, njengoba isibalo sentsha engasebenzi siku-59.3%.

Uhola elinye lamahhovisi amqoka ekusebenzeni ukuze intando yabantu ithele izithelo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngalo msebenzi nangokukhula kwakhe

ENEMINYAKA ewu-11 walulazwa wuthishomkhulu wesikole esixube izinhlanga ayesanda kufika kusona ngoba ephase ngamalengiso umsebenzi wesiNgisi. Uthishanhloko wacikwa wukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ephuma esikoleni esiselokishini kodwa afike aqwaqwade izingane zabelungu emakhanda.

Abawuvali umlomo abasizwe wumncintiswano wenkampani enkulu ukukhulisa ibhizinisi labo. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

YIZE bengadlanga umhlanganiso ohlelweni lokucija osomabhizinisi ngolwazi lokuphatha nokusimamisa amabhizinisi abo oluhlelwa yiFood Lover’s Market kodwa bathi ukuba kulona kwenze umehluko omkhulu ebhizinisini lokukhiqiza i-sauce.

Ungene ngendlela engajwayelekile kwezamabhizinisi osenenkampani edayisa izikhwama naphesheya kwezilwandle. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUFUNA ancame into ayeyidinga kwamnika umqondo wokusungula inkampani eyenza izikhwama eziyinguganaboya. Insizwa yaseRustenburg, eNorth West, yasungula ibhizinisi lezikhwama ngemva kokungasitholi isikhwama eyayisidinga.

Yiphupho nje elingeke lifezeke ukulawula intengo kaphethroli, kusho ongoti. USLINDILE KHANYILE uyabika

AKUKHO okutheni okungenziwa wuhulumeni ukulawula intengo kaphethroli ngoba ingxenye enkulu yayo yilena engekho ezandleni zawo njengoba kuya namandla erandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika. Kunjalo nje mancane namathuba okuthi ayeke ukubamba intela exhasa iRoad Accident Fund (iRAF) neSouth African National Roads Agency (iSanral).

Wengamele udedangendlale wepulazi oqeqeshelwe ezolimo nosimamayo kule ndima. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBAMBA ngezandla zombili wonke amathuba awanikwayo kuletha imiphumela emihle kumlimi osemncane. Ayiminingi iminyaka aseyisebenze embonini yezolimo kodwa ukuzikhandla nokuzimisela kwakhe emsebenzini awenzayo kwenze wanikwa isikhundla sokuba yimenenja jikelele yepulazi elikhulu nelinezisebenzi ezingaphezu kuka-500.

UGodongwana nemizamo yokulekelela izakhamuzi ukuthi zingaklinywa yizindleko zempilo. USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI uzobhunga ngendlela okuklanywa ngayo inani likaphethroli ukubheka ukuthi ayikho yini indlela yokulibuyekeza. Loku ngeminye yemizamo ezokwenziwa ukuzama ukunciphisela abantu izindleko zempilo eziqonga mihla namalanga.

Ubeke phansi ushoki negeja, waqala ibhizinisi lendawo yokuvakasha nokungcebeleka. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKHULE ewumuntu okhonze izinselelo ezintsha nongathandi ukwenza into eyodwa isikhathi eside. Loko kuholele ekutheni asheshe ashiye ukuba wuthisha. Uthe xinti kwezolimo. Nakhona akangahlala isikhathi eside njengoba esegxile ebhizinisini lendawo yokuvakasha nokungcebeleka.

Zigila izimanga izelamani ezangena kwezolimo zizolekelela unina. Manje sezidayisela isikhondlakhondla sesitolo ubisi. Esinye sazo sixoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBONA unina ewa evuka ekhulisa inkampani yezolimo ayiqale ngo-2005 kukhuthaze izelamani zaseFree State zaze zafisa ukufaka isandla ukumlekelela ukudlondlobalisa umsebenzi.

Owangena embonini yokuphatha izindawo zokudla zekhethelo engaqondile usewuqweqwe njengoba manje ephethe eyomhlaba jikelele. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WANGENA embonini yezokudla neziphuzo eyitoho ngoba enzela ukuthuthukisa ulwazi lwakhe ukuze angagcini ngayeluthola esikoleni, lapho ayeqeqeshelwa khona umkhakha wokudayisa nokukhangisa, kanti akabuzanga elangeni ukuthi uzogajwa wuthando lwale mboni. Wagcina ehlala unomphelo kuyo.

Unabele kweminye imisebenzi ngoba ebambe ngamazinyo ibhizinisi lendawo yokulala ukuthi lingawi. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUBHEDUKA kwegciwane iCOVID-19 ezweni kugcine kuphoqa uhulumeni ukuthi avale izwe ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwalo. Loko kube nomphumela omubi kosomabhizinisi, ikakhulukazi abasafufusa, abagcine bephoqeka ukuvala amabhizinisi abo kungasebenzeki.

Abasafufusa abasukumele imicikilisho yeSABS ukuze bezokhula. UTEBOGO MOKWENA uyabika

KUNINGI okungatholwa wosomabhizinisi abasafufusa ophikweni olwengamele ukuhlola nokuqinisekisa imikhiqizo iSouth African Bureau of Standards (iSABS). Kepha wonke usomabhizinisi ofisa ukuhlomula kulolu phiko kudingeka abe namakhasimende amaningi ebhizinisini lakhe.

Ukushaya indiva abebemngabaza eqala ukudayisa izimbali elokishini kuthela izithelo kosedlondlobala kuleli bhizinisi. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

ABANINGI bamhleka usulu eqala ibhizinisi lokudayisa izimbali elokishini ngoba kuyibhizinisini okukhonya ezinye izinhlanga kulona. Abanye babeya ubusha bakhe, bebodwa ababemngabaza ngoba enza into angayifundele.

Ukuphelelwa wumsebenzi ngemva kokudilizwa nokungawutholi omunye kumphoqe ukufeza iphupho elidala lokuzisebenza ngomuso. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUWA kwenye wukuvuka kwenye. Kube njalo nasensizweni yaseTembisa, eGauteng, okuthe ngokudilizwa emsebenzini ngenxa yokubheduka kweCOVID-19, kwavuleka ithuba lokuzisebenza ukuxosha ikati eziko. Idilizwe nje, ibisineminyaka emine isebenza kule nkampani.

Ugila izimanga ekuphatheni nasekuthuthukiseni imisakazo owagajwa wuthando lewayilense ngenxa yokulalela ‘is’tori’ noninakhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

NJENGASEMIZINI eminingi ngaleso sikhathi, ukhule kubo kulalelwa imidlalo yomoya emsakazweni uRadio Zulu, osubizwa ngoKhozi FM. Kuthe eseqeqeshelwa umsebenzi ekolishi wejwayela iMetro FM ayeyilalela imini nobusuku njengoba wayengawuvali umsakazo nasebusuku.

Okhule ehlale egundile usewumsamariya wabanezinkinga ezihlukene zezinwele. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

INTOKAZI yaseMgungundlovu, Kwazulu-Natali, ikhule inenkinga yezinwele eziqinile nezilukeka kanzima. Loku bekwenza ithwale kanzima uma iluka, kangangokuthi ibiphoqeleka ukuhlala egundile ngenxa yokungabatholi abenza ikhanda abakwazi ukwenza uhlobo lwezinwele zakhe.

Onebhizinisi elingandile kwabamnyama nelinamakhasimende emadolobheni ufisa ukungenisa emakhaya manje. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

ISIKHATHI esiningi uqashwa ngabantu basemalokishini, basemadolobheni nabahlala ezindaweni zabadla izambane likapondo owenza imipheme yezimoto, phecelezi ama-carport. Aseyindlala amakhasimende awathola ezindaweni zasemakhaya yize eseke waqashwa eNquthu, Empangeni naKwaNongoma.

Kukhala isicathulo sembokodo kwesinye seziqiwi ezinkulu ezweni emkhakheni abantu besifazane abayivelakancane kuwona. Umphathi wesiqiwu uxoxe noLUCAS LEDWABA

KWATHI ngobunye ubusuku behamba beqapha isimo eKruger National Park njengenjwayelo, yena nabalingani bakhe bazithela phezu komhlambi wezindlovu zikhwelana.

Uthando lokuba wusomabhizinsi nokuba nengane kumnike umqondo webhizinisi lokudla elihlukile. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BEKUMKHATHAZA ukuthi izingane ezisanda kuzalwa zikhuliswa ngokudla okuhlala isikhathi eside esitolo, kwenye inkathi osekudlulelwe yisikhathi. Loku kumhluphe kakhulu uma esenomntwana waze wafikelwa wumcabango wokuqala ibhizinisi lokudla kwezingane ezisanda kuzalwa okungahlali isikhathi eside njengokwasezitolo.

Ukuziphantela ngokudayisa amasekeni angavamile kumzalele ibhizinisi lobhaskidi engahlosile. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

AMASEKENI yizimpahla ezidelelekile ngenxa yokuthi zisuke sezike zagqokwa kodwa kunenhlobo yamasekeni edlisayo futhi eyivelakancane. Lawa ngamasekeni ayinguganaboya ohlobo lwezimpahla ezazidume kudala, phecelezi i-vintage. Ukuba yikhethelo kwalamasekeni kwenza abe yinyama kumakhasimende azi izinto.

Uthembele endleleni akhule ngayo ukuguqula izinto enhlanganweni aseyiphethe okumapeketwane izinto kuyona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UHOLA impilo yakhe nezindawo aziphathayo ngemigomo emithathu – ukwenza okufanele, yiqiniso nokuhlonipha umthetho. Yile migomo athembele kuyo njengoba esanda kuthatha izintambo njengesikhulu essiphezulu seDurban and Coastal Mental Health (iDCMH).

Kuyasijabulisa okuphakanyiswe yiKhomishini kaZondo, kuloba uBusi Mavuso

UKUKHISHWA kombiko wokuqala weKhomishini kaZondo ngesonto elidlule yinto ebalulekile kuhulumeni wethu wentando yabantu. Kusinikeza amarekhodi aqinisekisiwe ngezinto ezimqoka ngokwenzeka ngokugwamanda umbuso futhi kwengeza emgqigqweni wokuvuselela izinhlaka nezinhlangano zethu nokuletha ubulungiswa. Ibhalwe kahle futhi igeqa amagula ngomsebenzi owenziwe yikhomishini eminyakeni emine edlule.

Wenza ezibukwayo ekuphatheni ezikoleni ezizimele owangena ebuthisheni engaqondile. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UMA abantu abamnyama bengasebenzi kulezi zindawo abangalindelekile kuzona ukuze bakhombise ukuthi ukwazi umsebenzi akuyi ngobuhlanga kusho ukuthi nabo bazobhebhezela inkoleloze ethi abantu abamnyama uyabahlula umsebenzi.

Liyadlondlobala ibhizinisi lokuthunga bomama abasizwe yiTransnet. INTATHELI yoMBELE iyabika

NGOKOMKHANKASO wayo wokusiza abantu besifazane baselokishini abadinga ukulekelelwa ngamakhono abo, iTransnet Port Terminal (iTPT) inikele nge-container nemishini eyisishiyagalombili enhlanganweni yomfelandawonye wokuthunga yaseChesterville, eThekwini, KwaZulu-Natali.

IMeya yaseThekwini uMnu uMxolisi Kaunda wesese ngendlela iTheku ebelilungele ngayo amaholidi kaKhisimusi okwenze ukuthi idolobha lishayelele isipikili ngokuba yisizinda sokuvakasha. Ngalesi sikhathi sobumnandi, esiqala mhla ka-15 ngoDisemba 2021 kuya mhla ka-4 Januwari 2022, izindawo zokuhlala zaseThekwini bezigcwele ngamaphesenti awu-80 kanti nezindawo zokudla ezisemalokokishini nakwezinye izindawo bezigcwele phama izivakashi. Ngempelasonto yangoKhisimusi iyodwa nje, izibalo ziveze ukuthi kutheleke izivakashi eziwu-200 000, zangenisa imali ecela kuR150 million. Ezivakashini ezifikile eziwu-34 percent bekungezaKwaZulu-Natali, eziwu-31 percent kungezaseGauteng, eziwu-12 percent kungezaseMpumalanga Kapa neziwu-8 percent zaseNtshonalanga Kapa.

Ngesonto elidlule obeyisikhulu esiphezulu eTelkom uthe khumu esikhundleni, wedlulisa izintambo kuMnu uSerame Taukobong. Unconywa ngapha nangapha ngamagalelo akhe kule nkampani kahulumeni yezokuxhumana. Ngezinye zezinto azenzile, sichicilela kabusha ingxoxo aba nayo noMbele ngo-2020. Waxoxa noSLINDLILE KHANYILE

UNEMINYAKA eyisikhombisa nezinyanga ezinhlanu ehola inkampani yezokuxhumana nezingcingo iTelkom kodwa ungafunga ukuthi yima esanda kuthatha izintambo indlela asathi uma ekhuluma ngomsebenzi wakhe uzwe umfutho, uthando, intobeko nesasasa kanti nasebusweni akusho yena, uyazibonela ukuthi usawuthakasela umsebenzi wakhe.

Ukwanda kwezindawo zobumnandi kumnike umqondo webhizinisi lendawo yokulala elokishini. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUCWANINGA ngempilo yabantu yansuku zonke kwenza wabona ukuthi ziningi izindawo zobumnandi emalokishini ekubeni ziyindlala ezokulala, nokuphoqa ukuthi abantu ngisho sebejabule kwaze kweqa baye edolobheni ukuyobeka uhlangothi emahhotela akhona.

Ukungawutholi umsebenzi awufundele kube yisibusiso. Ungene kwezolimo kanti useziphilisa ngokukhiqiza amaveji. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

NJENGENINGI lentsha yakuleli ufunde waphothula iziqu kodwa akangawuthola umsebenzi. Impilo ibe nzima ezama indlela yokuziphilisa, waze wasizwa wumcabango wokungena kwezolimo. Manje uyasimama kule ndima njengoba esenenkampani ekhiqiza amaveji.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page