Izingqapheli zithi isazoqhubeka inkinga yokuntuleka kwemisebenzi uma uhulumeni engashintshi indlela enza ngayo. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMNOTHO waseNingizimu Afrika awukaze uphinde ukhule kusukela kwawa umnotho emhlabeni ngo-2008 nokungakho kusukela ngaleso sikhathi imisebenzi ilokhu incipha ezweni.
Lona wumbono kasomnotho uMnu uDuma Gqubule, ophawule ngenselelo yokuntuleka kwemisebenzi elokhu ikhula.
NgoLwesibili izibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa ziveze ukuthi isibalo sabantu abasebenzayo sehle ngo-660 000 ngekota yesithathu ka-2021, safinyelela ku-14.3 million. Abantu abaphelelwe wumdlandla wokufuna umsebenzi sinyuke ngabawu-545 000, nokusho u-16.4%. Abantu abebengabambi qhaza emnothweni banyuke ngo-443 000 phakathi kwekota yesibili neyesithathu. Sesisonke isibalo sabantu abangasebenzi sesiwu-34.9% sisuka ku-34.4% ngekota yesibili ka-2021.
UGqubule uthi ukuhluleka kweNingizimu Afrika ukusimama emva kokwenzeka ngo-2008, into amanye amazwe akade ayenza, yiyona mbangela enkulu yokushoda kwemisebenzi.
“Kusukela ngo-2008 kunabantu abawu-6m abaqede umatikuletsheni abajoyina abantu abafuna ukuthola umsebenzi kodwa kunaloko kulahleke imisebenzi ewu-500 000. Kusukela ngoMashi ka-2020, iwu-2m imisebenzi ephelile.
“Mina-ke ngisebenzisa lesi sibalo sokubheka izinga labangasebenzi esibuka izinto ngelibanzi (i-expanded unemployment rate), yona eveza ukuthi abantu abangasebenzi sebewu-46.6%. Loko kusho ukuthi uma ingekho into esiyisishintshayo, kungekudala wu-50% wabantu ozobe ungasebenzi. Kumanje, vele abantu abamnyama abangasebenzi bangaphezu kuka-50% kuthi abantu besifazane abamnyama bawu-65% kanti intsha iwu-77%,” kukhala uGqubule.
Uthi alukho ushintsho ngemigomo yomnotho olulethwe wuMengameli uCyril Ramaphosa, kuphela nje into ayenzayo wukugada isenti nesenti.
Wengeze ngokuthi lezi zinguquko ezenziwayo ezimbonini ezifana nekagesi neyezokuthutha inhloso yazo wukwandisa abemboni ezimele ukuthi kube yibo abalawulayo.
“Emva kokuhlasela kweCOVID-19 kunamazwe alinganiselwa ku-116 asiza abantu bawo ngezinhlelo zokuhlinzeka ngemali eziwu-784. Ukusiza umuntu ngemali kuhle ngoba kwenza umehluko obonakalayo ngokushesha.”
Uthi kumele kubuyekezwe le mali (uR350) nesibonelelo sezingane okusizwa ngayo abantu. Uphakamise ukuthi akube wuhlelo lweminyaka emithathu okuzoba yimali eqala kuR624, inyukele kuR895 ngonyaka wesibili kuthi ngowesithathu ibe wuR1 335.
“Enye indlela esingasiza ngayo umnotho wukuthi sisebenzise kangcono lolu hlelo lwemisebenzi yesikhashana i-Expanded Public Works Programme. KunoR3 billion esiwabele lolo hlelo, kumele abantu sibaqashe ngokugcwele ngoba uma umuntu eke wathola umsebenzi wakhe wokuqala kuba lula ukuthi akwazi ukukhula kusukela lapho,” kwengeza uGqubule.
Uthi kumele kutshalwe imali entsha emnothweni ukulungisa ingqalasizinda ehlukene, nathi kungaletha imisebenzi.
Uthi ziningi izindlela zokukhokhela zonke lezi zinhlelo njengoba ethi kunemali uhulumeni ahleli phezu kwayo angayisebenzisa. Uthi ngisho nesikweletu sezwe asisikhulu kangako uma kubhekwe namanye amazwe nezinto azenzile ukuze atakule abantu bawo.
“Awuhlali, ubambelele emalini abantu bakho besenkingeni. Kumele uhulumeni usize abantu bawo, kuphela nje bese kuyaqinisekiswa ukuthi iyagadwa le mali ngeso lokhozi, kungalindwa kuze kutholakale emva kweminyaka ukuthi kukhona inkohlakalo eyenzeka,” kuphakamisa yena.
USomnotho waseFNB uMnu uThanda Sithole uthi lezi zibalo zitshengisa umphumela wokutapa izimpahla okwenzeka ngoJulayi nomonakalo owadalwa wuhlobo lweCOVID-19 iDelta.

USithole uthi babona ukuthi ukukhula kwemisebenzi kuzolokhu kutotoba uma kubhekwa indlela umnotho ozama ukuvuka ngayo njengoba kusahlasele ubhubhane. Uthi nethemba kwabamabhizinisi alibuyi.
Wengeze ngokuthi ukushoda kwempahla, ukungathembeki kukagesi nohlobo olusha lweCOVID-19 i-Omicron kusabeka ukukhula komnotho engozini.