Obevuka ngenkomishi yekhofi ekuseni usegaya elekhethelo elithi yena. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UKHULE ewumuntu okhonze ukuthi uma evuka azenzele inkomishi yekhofi elihlabahlosile. Namanje kuseyinto ayithandayo njengoba enzela nonina uma esuke egodukile.
Yilolu thando lwekhofi olunike uMnu uMondli Bhengu waseGqumeni, eBulwer, KwaZulu-Natali, umqondo wokuthi aziqalele ikhofi lakhe iMB Coffee.
I-MB Coffee iqale ngo-2019 ngemva kocwaningo lokuthi yini edingekayo uma umuntu efisa ukuba nomkhiqizo wekhofi lakhe.
“Ngathola ithuba lokuxoxa emsakazweni nomunye umfowethu onekhofi lakhe uSihle Magubane weSihle’s Brew. Ngangixoxa naye ngomkhiqizo wakhe nokuthi wabe eqale kanjani. Yaba mnandi ingxoxo yethu.
“Emva kwaloko, ngabona umbhalo ayewufake kuFacebook ebonga iziteshi ezabe zimsizile ukwazisa abantu ngekhofi lakhe. Wabe esebala nesiteshi engisebenza kusona iRadio Khwezi, nokwangijabulisa ukuthi wayesayikhumbula ingxoxo (yethu),” kukhumbula yena.
Uthekele ulwazi kuMagubane nowamchushisa ngezinto eziningi njengokuthi aqale ngokubhalisa inkampani. Akagcinanga lapho, waphinde wamchazela ngezinhlobo ezehlukene zamakhofi.
“Ngabe sengiqhubeka ngedwa ngifuna ulwazi oluthe xaxa. Ngabheka izinkampani ezenza ikhofi kuleli zwe, (ngayithola) enye eseBallito, okuyiyona engikhiqizela ikhofi lami.”

Yize ikhofi lakhe lenziwa eBallito kodwa usefunde nokuligaya ngenxa yokuthi bebebaningi abafisa ukulithenga.
UBhengu usebenzela iRadio Khwezi ophikweni lokukhangisa. Ukuncelisa kwakhe amawele, okuyibhizinisi lekhofi nomsebenzi aqashwe kuwona, akulula ngoba okwamanje iMB Coffee isatholakala kuyena kuphela njengoba esazama ukuyifaka ezitolo ezinkulu.
“Ngiyaziqhenya ngekhofi lami ngoba lihlukile alifani namanye. Indlela elinuka ngayo likwenza ufise ukuliphuza ngokuzwa nje iphunga. (Line-caffeine) eningi, nokwenza ungalali uma uliphuze ebusuku.
“Ngikhumbula i-oda lami lokuqala ngikade ngisazigayela mina ngomshini omncane engangiwuthengile, laphela lonke lelo khofi. Kwakunzima kakhulu ngaleso sikhathi ngoba cishe konke ngangizenzela mina. Lalifika ngamasaka bese ngiligaya njalo uma ngiphuma emsebenzini, ngilipakishe ezikhwameni. Konke loko kwakungigqilaza ngoba nomshini wami wokugaya wawumncane udinga ngigaye ngibuye ngiwupholise.
I-MB Coffee isatholakala ngesikali esiwu-250g obiza uR95. Lo mkhiqizo usatholakala ngohlobo olulodwa iMB Signature Blend. Amanye amakhasimende kaBhengu aqhamuka eFree State naseGauteng nokungabantu abathenga kuyena bese eliposa ikhofi.
“Manje ngisezinhlelweni zokulikhulisa leli khofi ngokuthi ngibe nesitolo esizodayisa lona nezinto ezidliwa nalo njengamakhekhe nama-rols. Uma kungase kuphumelele loku, ngiyojabula kakhulu ngoba okwamanje ayikho inzuzo engiyitholayo ngoba ngisalikhulisa njengawo wonke amabhizinisi uma esanda kuqala,” kuphetha uBhengu.
Facebook:: MB Coffee
Instagram: mondlibhengu_30
Twitter: mondlibhengu_30
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo