Oncelisa amawele unebhizinisi lokukhiqiza ifenisha kanokusho. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

EQEDA izifundo zokupheka eDurban University of Technology uNkk uPhumelele Mbatha wayesevele azi ukuthi lo mkhakha ayewukhethile kwakungesiwona awuthandayo.
Nokho ngemva kokusebenza isikhashana, kwakhula uthando lokuba nebhizinisi lakhe lokubaza izimpahla zasendlini. Namhlanje uwumnikazi wePerfect Match Furniture, ayisungule ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kokuvalwa kwezwe.
Nakuba esenebhizinisi kodwa akayekile emsebenzini wakhe, lapho esebenzela khona elinye lamabhange eyi-marketing specialist. Le nkampani izinze eGoli nokuyilapho zonke izimpahla zabo zikhiqizwa khona bese zihanjiswa emadolobheni ahlukene uma kunekhasimende elithengile.
“Umsebenzi engawenza uma ngiqeda eDUT wangivula amehlo kakhulu ngezokukhangisa nokuhlelwa kwemicimbi. Yikona okwangenza ngabuyela esikoleni ngayofunda futhi i-Bcom Marketing and Management Science (e-IMM Graduate School). Kuningi lo mkhakha ongivule amehlo, kukona nokwaholela ekutheni ngigcine ngivula ibhizinisi lezimpahla zasendlini eselikhulile kakhulu kusukela livuliwe,” kusho yena.

Noma amabhizinisi amaningi ephazamisekile ngenxa yokuvalwa kwezwe, uNkk uMbatha uthi iCOVID-19 ifike ibhizinisi liselisha, ngakho alizange lithinteke kangako ngoba ubevele esaliphemba. Ngokuqhubeka kwesikhathi nokulekelelwa yizinkundla zokuxhumana akhangisa kuzona, iPerfect Match Furniture isikhule kakhulu njengoba ethola amakhasimende cishe kuzona zonke izifundazwe ezweni.
Uthi: “Ibhizinisi ngiliqale ngokwenza ama-headboard ngoba ngibuka ukuthi akekho umuntu ongenawo umbhede. Ngabuka ukuthi abantu badinga ama-headboard amahle. Kwase kuvela isikhala sezinye izimpahla zasendlini okubalwa amatafula, izihlalo (zetafula), (izihlalo zasekhisini), amakhabethe okubeka ithelevishini nakho konke nje okubaziwe okudingwa yindlu ukuze ibe yinhle. Senza ngisho osofa. Namabhokisi (omshado) sinawo. Ngisho osofa sebegugile, siyabaqala phansi.”

Nokho akuzange kube lula ngenkathi eqala ngenxa yokuba ngowesifazane omnyama emkhakheni ogcwele abantu besilisa basemazweni angaphandle. “Bona abesilisa bangaphandle bakhuthele kakhulu, sisebenza kahle nabo kodwa mina ngoba ngingowesifazane kumele ngisebenze kakhulu kunabo.”
Namhlanje iPerfect Match Furniture isinezisebenzi ezinhlanu, ezibamba umsebenzi kusukela ekukhiqizeni kuye kufike ekudiliveni izimpahla eseziphelile.
Izimpahla ze-Perfect Match Furniture inani lazo lihambisana nempahla ikhasimende elisuke liyikhethile. Kubhekwa uhlobo lwepulangwe, indwangu esetshenzisiwe nokunye okusetshenzisiwe.
Manje uNkk uMbatha ubhekene nenselelo yokuhlukanisa isikhathi sebhizinisi lakhe nesomqashi.
“Njalo uma ngishayisa emsebenzini kumele ngiye kobheka lapho kwenziwa khona izimpahla ukuze ngibone zonke izimpahla zamakhasimende ukuthi sezenziwe zafika (kuphi) nokubheka ukuthi umsebenzi wenziwe ngendlela efanele yini. Kona akulula kodwa kuyaphoqa ukuthi ngibambe ndawo zombili okwamanje ngisakhulisa leli bhizinisi.”
Facebook: Perfect Match Furniture
Instagram: perfect_match_furniture
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

