UGodongwana udonse izwe ngendlebe kwisabelomali sakhe sokuqala. USLINDILE KHANYILE uyabika

UNGQONGQOSHE wezeziMali eNingizimu Afrika uMnu u-Enoch Godongwana uxwayise ngokuthi akufanele izwe lizibophezele ezinqumweni zesikhathi eside ngoba lithembele emalini ezongena okwesikhashana. 

Ethula isabelomali saphakathi nonyaka wezimali, iMedium Term Budget Policy Statement (iMTBPS) izolo, uGodongwana ugcizelele ukuthi izinkinga zeNingizimu Afrika zijulile.

Uthe yize intela ezoqoqwa yiSouth African Revenue Service (iSARS) ngonyaka wezimali wango-2021/22 sekulindeleke ukuthi ibe ngaphezulu ngoR120.3 billion njengoba isizoba wuR1.5 trillion ngenxa yemboni yezimayini kodwa loko akusho ukuthi kumele kusetshenziswe imali budedengu.

“Intela ekhokhwe yizimayini yiningi ngenxa yokunyuka kwamanani okumbiwa phansi okuqhubekile ngesigamu sokuqala sango-2021. Nokho aseqalile ukwehla kancane amanani ama-precious metal (okumbiwa phansi njengegolide, isiliva, idayimane). Loku kusho ukuthi intela etholakala ngenxa yokunyuka kwamanani okumbiwa phansi yinto yesikhashana, ngakho kumele sigade esizibophezela kukona.

“Akumele sizibophezele ezintweni okuzofanele sihlale sizikhokhela ngenxa yemali ezongena isikhashana. Yikona loku okuyinsika yendlela esiphatha ngayo imali yethu. Sikholwa wukuthi imali engenayo inganyuswa ngokuphucula indlela esiqoqa ngayo intela,” kusho ungqongqoshe.

Uthe iSARS isiqalile ukusebenzisa imali eyabelwa yona ukuqasha ochwepheshe ebadingayo abanamakhono asezingeni eliphezulu ukwenza lo msebenzi. 

Enaba ngezinkinga izwe elibheke nazo, uGodongwana uthe umnotho sekulindeleke ukuthi ukhule ngo-5.1% ngalo nyaka wezimali. Ngale kwezinselelo zokuntuleka kwemisebenzi, ububha nokungalingani, uGodongwana ubalule ukungaphathwa ngendlela kwamabhizinisi kahulumeni njengezinye zezinto ezihlehlisela emuva izwe.

Eqhulwini lwalokhu ubalule u-Eskom, nathe ukungathembeki kukagesi njengoba kuhlale kuneziqubu zokucinywa kwawo kunesandla ekungakhulini komnotho. Uthe sesiphelile isikhathi sokutotosa amabhizinisi kahulumeni, nathe yingakho nje kungekho mali yokuwatakula abelwe yona.

“Kusukela ngo-2013 uhulumeni usesebenzise ngaphezu kuka-R290bn ukutakula amabhizinisi kahulumeni, nokwenze zangenziwa ezinye izinhlelo ezibalulekile. Manje ukuhlelwa kabusha kwamabhizinisi kahulumeni sekuzokwenziwa kusetshenziswa ukuthi uthini umbiko mayelana nokubaluleka kwaleyo nkampani.”

UGodongwana uthe kuzomele amanye ala mabhizinisi ahlanganiswe kuthi amanye angasenamsebenzi walutho avalwe.

Enaba ngo-Eskom, ungqongqoshe uthe ukulungiswa kwenkinga yokushoda kagesi kumqoka ekukhuliseni umnotho. “Into yokuqala nephuthumayo wukuqikelela ukuthi ugesi utholakala kahle, ukunciphisa ingozi yokucinywa kogesi nokusheshisa ukutholakala kogesi ongaphehlwa ngamalahle.

“Yonke imizamo yethu kule minyaka ewu-13 edlule ibigxile ekulungiseni u-Eskom esikhundleni sokuqinisekisa ukuthi sinogesi owanele ngokwandisa isibalo sabasiphakela ugesi.”

Ukhulume nangoshintsho oluzayo eTransnet Freight Rail njengoba isanda kumemezela ukuthi kusukela ngasekupheleni konyaka ozayo isizovumela abantu abazimele ukuthi bahlinzeke ngezitimela.

Ukhulume nangokubaluleka kokuthi kube ne-spectrum ukuze kuzoncipha namanani omoya wokudonsa i-internet, i-data, njengenye yezinto ezimqoka ekukhuliseni umnotho.

Kanti wengeze nokuthi ukugomela iCOVID-19 kubalulekile. Inhloso yesabelomali samaphakathi nonyaka wezimali wukubuyekeza izinhlelo uhulumeni azibophezele kuzona eminyakeni emithathu ezayo.

Ngokwalesi esethulwe wuGodongwana izolo, kulindeleke ukuthi imali ezosetshenziswa wuhulumeni ukubheka izidingo zezwe eminyakeni emithathu ezayo ibe wuR6.4trn. Kuzokwabiwa uR74bn ukubhekelela izinhlelo zokwakha amathuba emisebenzi kuhulumeni noR20.5bn ukuhlinzekela ukunyuswa kwemiholo yezisebenzi zikahulumeni.

KunoR3bn wokugada ingozi uma kudingeka kuthengwe eminye imogomo yeCOVID-19 noR11bn ozokwabelwa umshwalense kahulumeni, iSouth African Special Risks Insurance Association. Le nkampani isamatasa ikhokhela izindleko zamabhizinisi acekelela phansi ngesikhathi kutatshwa ngoJulayi.

UGodongwana uphinde wakhala ngokucwila ezikweletini, athe kubambezela izwe njengoba kumanje isikweletu siwuR4trn kanti inzalo nezindleko zalesi sikweletu kulindeleke ukuthi inyuke isuka kuR269.2bn ngo-2021/22 iye kuR365.8bn ngo-2024/25, nathe kungaphezu kwesabelomali somNyango wezeMpilo nowamaPhoyisa.

Mayelana nesibonelelo sikaR350 okufanele siphele ngoMashi, uGodongwana uthe bazomemezela kwisabelomali sangoFebhuwari emva kokuthi uhulumeni usushilo ukuthi kuzokwenzekani ngaso.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page