Omasipala abashintshe unyawo ekuthuthukiseni amabhizinisi, kuloba uNtokozo Biyela
NAMHLANJE ngithanda sixoxe ngemiphumela yokhetho lwangesonto elidlule. Cha, angizami ukuphendula le ngosi ibe eyezepolitiki. Kodwa singelibalekele iqiniso elithi ezepolitiki ziwathinta kakhulu amabhizinisi nokuthuthuka kwawo.
Futhi omasipala yibona ngqo abanomsebenzi wokuletha intuthuko ebantwini ngokwakha amathuba okuthi osomabhizinisi basimame. Emasontweni edlule ngike ngagxila ekugqugquzeleni ukuthi njengabantu abamnyama asisukume sakhe umnotho wethu nezimboni zethu emadolobheni amancane. Siqonda kahle ukuthi okunye kwaloku ngeke kwenzeke uma kuwukuthi nomasipala bethu noma labo abasemagunyeni okuthuthukiswa kwezomnotho komasipala abayona ingxenye yalo mbono.
Abavoti bakhulumile ngevoti labo bathi sekwanele manje sebedinga uguquko lwangempela, hhayi izethembiso ezingathi shu. Bathi bafuna intuthuko abazoyibona ngamehlo, ikakhulukazi kwezamabhizinisi. Bonke omasipala banehhovisi lezokuthuthukisa amabhizinisi nomnotho kodwa lincane kakhulu igxathu elibonakalayo kwabaningi balaba omasipala ngoba ngokubona kwami inqwaba yabantu abaphethe lezi zikhundla abanalo icebo eliwumhlahlandlela wokusimamisa umnotho wamabhizinisi emikhwandlwini.
Sesifikile-ke isikhathi sokuthi abanikwe amandla bazibonakalise ukuthi beze noguquko oluzobonakala ngoba asisekho isikhathi sokudlala. Bonke omasipala kufanele bathuthukise amabhizinisi amancane ngendlela ebonakalayo, hhayi indaba yokugcina icala. Omasipala kufanele baqhamuke nezinhlelo zokuthuthukisa osomabhizinisi abancane nezindlela zokubafukamela unyaka wonke. Bonke omasipala kufanele babeke eminye yemisebenzi ngenhloso yokuthi kuhlomule abantu abamnyama ngayo.
Awukho umsebenzi okufanele wenziwe kwamasipala abantu abasha noma amabhizinisi amancane engeyona ingxenye yawo. Isikhathi sokujahisa osomabhizinisi abancane nentsha utalagu sesiphelile manje. Yiningi kabi intsha engasebenzi. Loku kuphoqa omasipala ukuthi bakhe izinhlelo zokuthuthukisa intsha bayibeke eqhulwini. Akusizi ukuthi kulezi zikhundla ezibhekene nezamabhizinisi noma ukuthuthukiswa komnotho noma intsha ziloku ziquve nabantu asebephelelwe yisikhathi.
Intsha inawo umbono ngokuthi yini engayisebenzela, ayidingi ukutshelwa ukuthi idingani. Kusizani ukuthi igenge endala esizoqeda uhambo lwayo maduze nje kube iyona eloku ithathela intsha izinqumo ngekusasa layo?
Nayo intsha kufanele ivuke manje emaqandeni, iyeke ukuloku ikhangeza noma incenga amathuba emisebenzi kubantu abangazimisele nje ngokuyisiza ithuthuke. Intsha kufanele yakhe isigungu sosomabhizinisi esizokhuluma ngezwi elilodwa uma iya komasipala noma iya kuhulumeni. Ngale kwaloko, iyoloku ibambe udonga lize liyoshona.
Ngiyethemba ukuthi onke amaqembu ezepolitiki nosopolitiki sebebonile ukuthi itshe seligaya ngomunye umhlathi, asisekho isikhathi sezethembiso. Sekufanele intuthuko ibonwe ngamehlo kuyo yonke imikhakha, ngoba uma kungenjalo nawu u-2024 emnyango.
Engingacebisa ngakho uhulumeni noma abaqondene nokuthuthukisa amabhizinisi, wukuthi abathole osomabhizinisi noma abaluleki kwezebhizinisi asebemnkantshubomvu kuhlalwe phansi kwakhiwe icebo elisha lokuthuthukisa imikhandlu abakuyo kwezamabhizinisi. Sekucacile ukuthi iningi labantu liyazela encwadini kuphela indaba yokuthuthukisa amabhizinisi kodwa alikaze lidayise ngisho iphakethe loswidi leli.
Ibhizinisi lifuna ube yingxenye yentuthuko yalo, uwe uvuka nalo. Yilapho kuqina ukhakhayi khona. Uma ucabanga ukuthi uyosebenzisa ulwazi lwencwadi kuphela, khohlwa.
Siyadinga ukubambisana. Abantu abamnyama beswele ulwazi, bathembe abantu abamnkantshubomvu ekuthuthukiseni amabhizinisi ukuthi babacobelele ngolwazi.
Angivumi neze ukuthi intsha yakuleli nabantu amnyama baqhubeke bahlekwe ezinye izizwe bathi into abayaziyo wukuthi uma sebebhalise ibhizinisi eCIPC, sebenebhizinisi noma sekufanele kwehle imvula yamathenda ize kubo. Cha, ngiyala, yinkohliso leyo. Asakhe ngeqiniso.
- UBiyela ungumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe, iMindset Shift Consulting.
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela