INingizimu Afrika isolwa ngokungabi yindawo enhle yokutshala imali

Izithombe: wuCanva nezithunyelwe

Izingqapheli zithi azidle ekhaya kuqala ukudoba abatshalimali. USLINDILE KHANYILE uyabika

ININGIZIMU Afrika kumele iguqule imithetho eyenza kube wumqansa ukutshala imali uma izimisele ngokudoba abatshalimali futhi kumele ike igxile kwabazinze kuleli zwe.

Usho kanje uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana ekhuluma kwi-National Investment Dialogue emasontweni amabili edlule.

UGodongwana uthe: “Ngiyazi abantu abaningi uma kukhulunywa ngabatshalimali bacabanga abakwamanye amazwe. Ngikhumbula umhlangano we-ANC lapho sasimeme khona u-Iraj Abedian (usomnotho). Kulowo mhlangano, u-Iraj wathi kunenqwaba yezinkampani zaseNingizimu Afrika ezigcine imali ebhange engatshaliwe, hhayi ngoba zithanda.”

Wengeza ngokuthi u-Abedian wabanika izibonelo eziningi lapho izinkampani zaziqoka khona ukungatshali imali ngenxa yokuthi uhulumeni awenzi kube lula ukwenza loku.

UNgqongqoshe wezeziMali uMnu uGodongwana

Usomnotho waseFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi uyavumelana noGodongwana. Nokho ukhala ngokuthi zonke lezi zinto ezikhulunywayo azizintsha futhi yizinkinga ezikade zaziwa.

UMkhwanazi uthe ngo-2017 kunocwaningo olwenziwa, nolwakhokhelwa yiwona umNyango wezeziMali, olwalubheka izinkampani ezinkulu eziwu-50 ezihweba eJohannesburg Stock Exchange. Lwaveza ukuthi lezi zinkampani zilondoloze uR1.7 trillion ezingawutshalile.

“Ukuvuma lezi zinto esidlangalaleni kungenzeka mhlawumbe kube noshintsho kodwa akuyona into entsha lena futhi kade umNyango wezeziMalli wayazi,” kusho yena.

Embikweni we-Business Times ophume kuleli sonto, uMphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago ucashunwe engqungqutheleni ye-Centre for Development and Enterprise ethi ngoJulayi izibalo zaveza ukuthi kunoR1trn olondolozwe yizinkampani ezizimele ezingekho embonini yezimali.

Usomnotho waseFNB uMkhwanazi

UMkhwanazi uthe amabhange nezinkampani zezakhiwo zincamele ukubheka amathuba kwamanye amazwe afana noMauritius nase-Europe okulula kuwona ukutshala imali uma kuqhathaniswa naseNingizimu Afrika.

Kusukela namhlanje kulindeleke ukuthi ugesi usebenze kahle futhi ube khona yonke indawo ezweni nokuzobe kungokokuqala emva kwezinsuku eziyisithupha njengoba kade kubuyile ukucinywa kwawo ngenxa yenkinga yengqalasizinda yakwa-Eskom. 

UGodongwana wabala u-Eskom eqhulwini lwezinto okumele zilungiswe nokuthi kube nezinye izindlela zokuphehla ugesi kungathenjelwa kule nkampani kuphela.

UMkhwanazi uhambe emazwini kangqongqoshe njengoba naye ethe ingqinamba enkulu ekudobeni abatshalimali yinkinga kagesi. Mlalele echaza. 

Enye into osekunesikhathi osomabhizinisi bekhala ngayo wudaba lwe-spectrum. Ukubambezeleka kwaso kusho ukuthi izinkampani azikwazi ukusebenzisa kahle amathuba afika nobuchwepheshe njengoba kungenye yezinto ezisekele umnotho nokulapho amanye amathuba okukhula komnotho kumele aqhamuke khona. 

“Lena sekube yinkinga ngaphezu kweminyaka ewu-12. Sekube nongqongqoshe (emNyangweni wezokuXhumana) abawu-11, umuntu nomuntu efika nomgomo wakhe futhi bebukela phansi isidingo sokudayisa i-spectrum ukuze kuzoba ne-data (umoya wokudonsa i-internet) eshibhile,” kubalisa uGodongwana.

Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa uNksz uBusi Mavuso sisanda kukhala ngodaba lwe-spectrum nomphumela omubi esinalo. Sigxeke nenhlangano eyengamele ezokuxhumana eNingizimu Afrika i-Icasa, njengoba imemezele ukuthi izonqamula i-spectrum sesikhashana ekupheleni kukaNovemba.

UNksz uMavuso uthe lesi lesi sinqumo se-Icasa sizozwela kakhulu emabhizinisini asembonini ye-business process outsourcing, nathe yiyona ngxenye yomnotho enyuse isibalo sabantu abaqashiwe njengoba kuhlasele iCOVID-19.

“Umoya wokudonsa i-internet nokuxhuma amaselula ubaluleke kakhulu nasemalokishini lapho bengebaningi khona abantu abanezingcingo zasendlini nasebantwini abayitoho abangadingi izindleko zokuzibophezela ezivumelwaneni zesikhathi eside ukuze bakwazi ukuxhumana kahle nabanye abantu,” kusho yena.

Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Afrika uNksz uMavuso

UMkhwanazi uthe enye into edinga ukusukunyelwa ngudaba lwamalungelo omhlaba losomabhizinisi abazinze emakhaya nezinkinga ezibhekene namachweba kuleli zwe. Mlalele enaba.

UMkhwanazi uthe nakuba ezinye izinto zidinga isikhathi kodwa ezinye zingalungiseka kalula uma kungasheshiswa uma kuthathwa izinqumo.

Uphethe ngokuthi kumele kwandiswe ukubambisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele. Wenze isibonelo ngohlelo lokushaya ipasi nokuvuselela izincwadi zokushayela oselwenzeka nasemabhange.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page