Ukuwa kwendlu kube wukuvuka kwenye kuwa ibhizinisi labo base beqala elinye. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBHEDUKA kwegciwane iCOVID-19 kuholele ekutheni abashadile baseBenoni, eGauteng, bavale ibhizinisi lokudla kwabaholela ukuthi baqale ibhizinisi lokuhlanza izindlu nefenisha.
UMnu uSibusiso Mzobe, odabuka ePimville, eSoweto, eGauteng, nomkakhe uNkk uNokulunga Mzobe, odabuka eMatatiele, eMpumalanga Kapa, baqale i-One Day Made Cleaning Services ngoDisemba nyakenye.
UNkk uMzobe uthi: “Sinomyeni wami besinebhizinisi lokudla ebesikudayisa erenki yamatekisi, nokuthe uma kubhoka iCOVID-19 (saphoqeka) ukuthi silivale ngenxa yokuthi amakhasimende abeseyindlala ngemva kokuqiniswa kwemithetho ye-lockdown ukunqanda ukubhebhetheka kwalo mkhuhlane.”
Babe sebebonisana ngokuthi bazomisa kanjani njengoba bebengasenayo indlela yokuziphilisa.
“Yilapho-ke esivumelane ngokuqala ibhizinisi lokuhlanza (izindlu zabantu ngaphakathi), kubalwa (nefenisha), amafasitela nayo yonke ifenisha yasendlini. Siwasha nezimpahla zamakhasimende ethu, sizi-ayine bese sizibeka ngononina,” kulanda yena.

Ukwanda kobugebengu eNingizimu Afrika ngenye yezinselelo ezinkulu ebhizinisini labo, ngoba bagcina belahlekelwa amakhasimende asuke engathembi ukuthi bazokwenza umsebenzi ngokwethembeka.
“Amanye amakhasimende abuye angakhululeki ukusishiya sodwa (sisebenza) emizini yabo. Nathi asiwenzi umsebenzi endaweni esisuke singayethembi kahle.
“Nenkinga yemali iseyinselelo enkulu ngoba yenza singabi nazo izinsizakusebenza ezanele,” kuqhuba uNkk uMzobe.
Amanani omsebenzi wabo aqala kuR300 kuya kuR1 500, kuye ngokuthi umsebenzi odinga ukwenziwa ungakanani.
Uthi: “Umsebenzi esiwenzayo awulula neze, kangangokuthi kuyasithatha usuku lonke ukuhlanza ingaphakathi lendlu eyodwa ngoba sisuke sifuna ukugculisa ikhasimende lethu. Yiloko okwenze saqasha abantu abane abasisiza ukwenza umsebenzi.”

Uthi ibhizinisi libafundise ukubeka imali nokungayisebenzisi ezintweni ezingenasidingo.
Ucebise abafuna ukuqala ibhizinisini ukuthi babe nesizathu esinqala sokulifuna bese bevumela ukuthi leso sizathu sibagqugquzele ukuliqala nokuqhubeka nalo.
“Okunye okusizayo wukuzihlolisisa ubheke ukuthi uwuhlobo luni lomuntu nokuthi yikuphi omandla kukona bese ugxila kukona,” kweluleka yena.
“Sifuna ukuthi mhlawumbe sigcine sesinezisebenzi eziwu-10 ukuze sikwazi ukusebenza nakwezinye izifundazwe, njengoba okwamanje sisasebenzela eGauteng kuphela. Sifisa ukugcina sesinehhovisi lokusebenzela,” kuphetha uNkk uMzobe ngezinhlelo zabo zangomuso.
Facebook: One Day Made Cleaning Services
Instagram: mauricemzobe
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo