Izisebenzi zikahulumeni azisazazi izinkinga ezibhekene nomphakathi, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUXAZULULA izinkinga ezikhungethe iNingizimu Afrika kudinga izisebenzi zikahulumeni ezinamakhono nolwazi olunzulu, hhayi kuphela nje ngomsebenzi okumele wenziwe kodwa nangesimo sempilo yezakhamuzi zezwe ngokuhluka kwendlela eziphila ngayo.

INingizimu Afrika ilahlekelwa wuR3.6 billion ngenxa yodizili owumkokotelo – iSars

AMAQOLA enza udizili owumbombayi abeka ukuphepha nomnotho wezwe engcupheni. Ukhomishana weSouth African Revenue Service (iSars) uMnu u-Edward Kieswetter uthi kulahleka uR3.6 billion ngenxa yalobu bugebengu.

INingizimu Afrika ayihlale iqaphile ngisho isiphumile kwi-grey list – umnyango

IBHANGE lomBuso lithi ukulunga kwezikhalo eziwu-22 ezafaka iNingizimu Afrika kwi-grey list akusho ukuthi izinhlaka ezisebenza ngemali nomthetho sekufanele ziphumule kodwa kufanele zihlale ziqaphile ngoba iFinancial Action Task Force (iFATF) izotheleka kuleli zwe ngo-Okthoba.

Imithetho emisha ngobuchwepheshe iqhakambisa izidingo zabantu kunepolitiki, kuloba uBusi Mavuso

KUNGIJABULISILE ngesonto elidlule ukubona kushaywa imithetho echaza ukuthi iminyango kahulumeni isivumelekile ukuziqokela abantu ezobasebenzisa uma idinga abantu abazoyihlinzeka ngobuchwepheshe.

Sigunyaziwe iSabelomali saseThekwini

NGEMVA kochungechunge lwezigcawu lapho uMasipala waseThekwini ububonisana khona nababambiqhaza abehlukene, okubalwa kubona osomabhizinisi, umphakathi, nezinhlangano zabakhokhintela, iSabelomali sikamasipala esiwuR70.9 billion sonyaka wezimali u-2025/26 sigunyazwe wumkhandlu ophelele ngomhlaka-29 wangoMeyi. 

I-Africa’s Travel Indaba ingenise uR547 million eThekwini

 I-AFRICA’s Travel Indaba 2025 (i-ATI) ibenomphumela omuhle emnothweni waseThekwini ingenisa cishe uR574 million, kanti abantu basebenzise ngaphezu kukaR232m. 

Uyancomeka umsebenzi ngeSabelomali – osomabhizinisi

ISABELOMALI sesithathu sango-2025/26 sisahlela ukusebenzisa imali ngendlela okwakuhlelwe ngayo kwesathulwa ngomhlaka-12 wangoMashi, yize ungasekho uR75 billion obuzongena ukube iqhubekile nokunyuka intela ebanjwa ezimpahleni, i-value-added-tax (i-VAT). 

Zizovalwa izinhlelo ezingawenzeli lutho uhulumeni – uGodongwana 

UHULUMENI uzobuyekeza indlela owaba imali ngayo kusukela ngo-2026/27 ngenhloso yokuvala izinhlelo ezingabalulekile futhi ezingenzi kahle ukuze uphucule indlela othenga  izimpahla  ngayo nowengamela ezobuchwepheshe nengqalasizinda ngayo.

I-TPT imi ngomumo njengoba kuqala isikhathi sokusama-orintshi eNingizimu Afrika

INKAMPANI elawula ukusebenza kwamachweba nokuthutha izimpahla eNingizimu Afrika iTransnet Port Terminals (iTPT) isiqalile ukulawula ngobunono ukuthutha kwezithelo ezinjengama-orintshi aseNingizimu Afrika aya kwamanye amazwe, okunyuke ngo-20% unyaka nonyaka kuze kubewu-Ephreli wango-2025.

Umnotho wethu uyahluleka kanti kufanele sikulungise loku, kuloba uBusi Mavuso 

ISINQUMO senye yezinhlangano ezibuyekeza indlela amazwe aphatha ngayo umnotho nokuthi akwazi kangakanani ukukhokha izikweletu zawo iS&P Global sokuphinde iklelise kahle iNingizimu Afrika uma ibheka okulindeleke kuyona siwubufakazi bokuthi yini eyingozi. 

Kuzoba wumqansa ukunconzula iSabelomali – ongoti bomnotho 

CISHE isikweletu sikahulumeni sizonyuka kakhulu kunokulindelekile njengoba umNyango wezeziMali kuzodingeka ukuthi uzame ukuvala isikhala semali engaphezudlwana kukaR42 billion ebizongeniswa wukunyuka kwentela yezimpahla i-value-added tax (i-VAT), okungeke kusenzeka.  

INingizimu Afrika iwumholi omusha wezifunda zezikhungo zentela

UHAMBE kahle umhlangano obuphethwe yiSouth African Revenue Service (iSars) i-41st Regional Steering Group yeWorld Customs Organization (iWCO) East and Southern Africa ophele ngoLwesihlanu.

Amabhizinisi aseKZN asebenzisa i-Africa’s Travel Indaba ukusabalala

AMABHIZINISI amancane asemkhakheni wezokuvakasha KwaZulu-Natali abeke amathemba awo embukisweni omkhulu wezokuvakasha i-Africa’s Travel Indaba (i-ATI)  yalo nyaka ukuze kuvuleke amathuba amasha okukhula nokwaziwa kakhulu.

Amabhizinisi azoqhubeka nokubambisana ne-Operation Vulindlela, kuloba uBusi Mavuso  

I-OPERATION Vulindlela ingazishaya isifuba ngendima esikhathuliwe ukuxazulula inkinga kagesi, ukuphucula ezokuthutha izimpahla, ukuhlinzeka izisebenzi zakwamanye amazwe ezinamakhono izimvume zokusebenza eNingizimu Afrika nokunye okuningi.

IBhange loMbuso liphikisa isinqumo senkantolo evune Ithala

ITHALA selizoqhubeka nomsebenzi walo wokwamukela amadiphozithi emva kokuthi iNkantolo ePhakeme eMgungundlovu inqume ukuthi kufanele leli bhange lidedelwe liqhubeke nomsebenzi walo esikhundleni sokuthi lenganyelwe wumlawuli owaqokwa yiBhange loMbuso. 

UMasipala waseThekwini awusongile izandla ngezinkinga zamanzi

KUBANTU abaningi abahlushwa wukuphela kwamanzi eThekwini kubukeka sengathi akukho okwenziwayo ukuxazulula le nkinga kodwa uSomlomo kaMasipala waseThekwini uMnu uThabani Nyawose uthi ziningi izinhlelo abeza nazo zokuqinisekisa ukuthi abantu bathola amanzi ahlanzekile.

Kuzothuthukiswa uhlelo lokusebenza esikhungweni sezingcingo sezamanzi

NGENHLOSO yokuqinisekisa ukusizakala kangcono kwamakhasimende nokuhambisa kangcono izidingo, kuzothuthukiswa uhlelo lokusebenza lwesikhungo sezingcingo soPhiko lwaManzi neNhlanzeko, okuzofaka uhlelo lwesimanje oluzosiza ukubhekana nezinselelo ezining

Okuchazwa wukuhoxisa ukukhuphula i-VAT

EMVA kokuthi ungqongqoshe womNyango weziMali eNingizimu Afrika ememezele ukuhoxisa ukunyusa intela yezimpahla i-value-added-tax (i-VAT), obekuzokwenzeka ngenyanga uphiko oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSars) ichaze ukuthi lesi sinqumo sokuhoxisa ukunyusa i-value added tax (i-VAT) ngo-0.5%, kuzobanamuphi umphumela.

Sidinga umnotho ozovula amathuba omsebenzi entsheni, kuloba uJabulani Sikhakhane

SESINYUKE kakhulu isibalo sabafundi baseNingizimu Afrika abaphothula uMatikuletsheni kodwa iningi labo elingondingasithebeni ngoba alisebenzi futhi alidluleli ezikhungweni zemfundo ephakeme nezokuqeqeshela amakhono.

INingizimu Afrika ayinyakaze ukunciphisa umphumela wentela yeMelika embonini yezimoto, kuloba uBusi Mavuso

IMBONI yezimoto yaseNingizimu Afrika iwumgogodla womkhiqizo wezimboni zomnotho wethu. Yiyona ekhiqiza u-60% wezimpahla esizidayisela amanye amazwe futhi yiyona mboni enkulu kunazo zonke kwezikhiqiza izimpahla ezweni.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page