INingizimu Afrika ithekela ulwazi kwiG20 ukusimamisa ezolimo
WUBONISWA MOHALE
UKUZA kweG20 eNingizimu Afrika kuyithuba lokuthi izwe lifunde amasu amasha okukhiqiza ukudla nokuvikela imvelo. Usho kanje ungqongqoshe womNyango wezoLimo ezweni uMnu uJohn Steenhuisen emhlanganweni weG20 obuseThekwini ngoLwesihlanu.
U-Steenhuisen uthe njengoba isimo sezulu siguquguquka ngamandla babona ukuthi kufanele bezenezindlela ezintsha zokulima ukuze kuhlale kunokudla okwanele.
“Njengoba iNingizimu Afrika yengamele iG20 kulo nyaka sizokwenza isiqiniseko sokuthi siqoqa ulwazi lwezolimo oluzosiza ukunyusa ukukhiqiza ukudla emasimini ethu. Sifuna ezolimo lusize ukudala imisebenzi ikakhulu ezindaweni zasemakhaya, lapho kugcwele kakhulu abalimi abatshala ukudla okudliwa yimindeni. Sizoyibheka isayensi ukuthi ithini nobuchwepheshe ukuze sizokwenza izinguquko ezifanele,” kusho yena.
Uthe bazoqaphela nokuthi akusetshenziswa imithi eyingozi ukubulala izinambuzane nezinye izilokazana ezibulala izitshalo.
Amazwi ananelwe wungqongqoshe womNyango wezoLimo KwaZulu-Niatal uNkk uThembeni kaMadlopha-Mthethwa, othe banezinhlelo zokugqugquzela abantu ukuthi balime kuyo yonke iKZN.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/28/usizo-lwemali-yokuguquguka-kwesimo-sezulu-ibeluseqhulwini-kwig20/
“Ucwaningo lweHuman Sciences Research Council luveza ukuthi abantu abawu-20 million eNingizimu Afrika abanako ukudla okwanele. Loku kusho ukuthi usemningi umsebenzi okufanele siwenze ukuqinisekisa ukuthi abantu bayakwazi ukuzilimela ukudla okunomsoco abakudlayo,” kusho yena.
UNkk ukaMadlopha-Mthethwa uthe bazofunda kubalingani babo bakwamanye amazwe ukuthi benzanjani ukuqinisekisa ukuthi abantu bayalima futhi ukudla kudayiswa kuzo zonke izimakethe.
“Sinesigungu esibizwa nge-Food Security Task Force, esizobheka amasu okuqinisekisa ukuthi kunokudla okwanele emhlabeni jikelele, kuliwa namanani aphezulu okudla futhi kuziwa nezindlela ezintsha zokulima njengoba isimo sezulu siloku siguquguquka njalo. Mina ngifuna ukulima kube semfashinini, ikakhulu kubantu abasha nabesifazane,” kusho yena.
Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithe ayadingeka amasu amasha okulima njengoba isimo sezulu siguquguquka. Ithe banezinhlelo zokusiza abalimi abatshala ukudla, abafuye izinkomo, iziklabhu, izimbuzi nofishi ukuze bakwazi ukukhula.
Unxuse izikhungo ezisiza abantu ngemali ukuthi zingafuni imicikilisho eminingi kubantu abasuke benezinhlelo ezibonakalayo ukuthi zizosebenza ngoba usizo lwezimali luseyinkinga kwabaqala amabhizinisi.