Washiya umsebenzi wasehhovisi, wayosebenza umhlabathi
WUTHOBILE ZWANE
INCWASIMENDE eneziqu yaseMpumalanga Kapa yashiya umsebenzi owawuyigqokisa isudi wokuhola ibhizinisini elizimele yakhetha ukugqoka amabhuzu agcwele udaka ngoba ilandela ubizo lwayo.
UMnu uThulani Magida waseKeiskammahoek, eMpumalanga Kapa, wasungula iJuta Agritech ekhiqiza, i-butternut, iklabishi, i-squash, u-anyanisi, amazambane, ikhabe, ifuye nezingulube.
Usebuyisele impilo emhlabathini kumahektha awu-20 ayengasetshenziswa, wawuguqula waba yinsika yomnotho nezinye izindlela zokuziphilisa emphakathini. Udayisa izingulube eziyisishiyagalombili njalo ezinyangeni ezimbili.
Uthi ukhulele emakhaya noyise ewumlimi, ngako ubefuna ukuguqula umhlaba ongasetshenziswa ngendlela efanele ukuze ukwazi ukuletha umnotho ngakubo.
Leli bhungu llihlome nge-Master’s Degree in Agricultural Economics ne-MBA. Emva kokusebenza emNyangweni wezoLimo nasenkampanini ezimele esiza abalimi ukuhweba, washiya umsebenzi ngo-2023, wayolima ngokugcwele.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/05/umlimi-osemusha-uhlakulela-impumelelo/
“Ziningi izinto ezangigqugquzela ukuthi ngiqale ukulima, ngiqale ngo-2022. (Kuzona kubalwa) ukuthi iNingizimu Afrika ilahlekelwa yimisebenzi futhi nesimo sempilo emiphakathini asikho sihle. Ngabona ukuthi angizame ukudala amathuba omsebenzi ngokusebenzisa izinsiza ezingasetshenzisiwa,” kusho yena.

UMagida uthi ukuncintisana ezimakethe kunzima. “Asinazo izinsiza noma igama abalimi abahwebayo abanalo kodwa kufanele sincintisane endaweni efanayo. Ukuqala kwami, ngabhekena nezinselelo ezijwayelekile: usizo lwemali lwaluncane, ukushoda kwezisebenzi nokufinyelela emakethe. Ngasebenzisa (impesheni yami) ukuze ngiqhubekele phambili futhi ngikhulise umsebenzi,” kukhumbula uMagida.
Ngale kwalezi zinselelo, usebambe iqhaza elikhulu ukuqasha izisebenzi eziwu-44 ngaphandle kokusizwa ngemali eningi, okuyimpumelelo enkulu kuyena.
Uthi ubona ikusasa lebhizinisi lakhe libayisikhungo esihlanganisa abalimi abancane ukuze bafinyelele ezimakethe ngobuchule bokuhlanganisa imikhiqizo ngaphansi komkhiqizo owodwa.
“Isifiso sami wukwakha indawo lapho abalimi abasebasha bengathola khona konke abakudingayo futhi inani elivela epulazini lingalahleki,” kusho yena.
Iseluleko sakhe kubantu abasha abafisa ukuqala ibhizinisi sithe: “Ukube ngangikwazi ukuqala ibhizinisi lami ngokushesha, ngabe ngaliqala. Ungasabi ukuqala, ezolimo zigcwele amathuba futhi kunobuchwepheshe obujabulisayo obusetshenziswa ekulimeni kulezi zinsuku. Kulinde izingqondo zenu ezisheshayo ukuze niyisebenzise.”
Instagram: @Juta_Agritech