Intombi kayise idala amathuba entsheni engenamathuba
WUTHOBILE ZWANE
EMHLABENI ovundile waseNazaretha, ngaseMaseru, eLesotho, intokazi esencane ezimisele iphendule isipho sosuku lwayo lokuzalwa saba yibhizinisi lezolimo elikhulayo.
UNksz uRethabile Kou usungule iThabile’s Farm Enterprise elima umbila, ifuye izimvu kudedangendlale womhlaba ongamahekthare awu-20, lapho kuqoshwa khona indaba yokubekezela, ifa nenjongo.
“Ngaqala nginezimvu eziwu-14. Ubaba wangipha zona ngosuku lwami lokuzalwa ngihlanganisa iminyaka ewu-21. Kusukela lapho, angibange ngisabheka emuva,” kusho le ntokazi eneminyaka ewu-26.
Uthi wuyise owamfundisa ukulima futhi watshala uthando lokufuya izimvu kuyena. “Ngisakhula ngangimbuka enza imisebenzi yakhe yokulima nsuku zonke, njengokuphakela imfuyo nokuhlanza. Njengoba ubeloku eyisibonelo nomngani wami, ngaqala ukuyithanda indlela ayenakekela ngayo imfuyo yakhe. Ngangimsiza lapho engikwazi khona. Kulapho ugqozi lwami lwavela khona,” kusho uNksz uKou.
“Ekukhuleni kwami, ubaba wayetshale kakhulu. Ithuba engalithola, ngavele ngalibamba ngazo zombili. Ngangazi ukuthi kufanele ngiziveze kuyena nakimina ukuthi ngingakwazi ukuyenza le nto,” kulanda le ntokazi ene-Bachelor of Engineering in Mining yaseLiaoning University of Technology eChina.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/12/10/abalimi-abancane-baqhubeka-lapho-kwaqala-uyise-khona/
Uthi ukuntuleka kwemisebenzi, okuyinselelo evimba abantu abasha abaningi eLesotho, kwamholela ekutheni ajule ngafisa ukukwenza ngokulandela ezinyathelweni zikayise.
“Ngangifuna ukuzenzela into yami, ngiqashe intsha. Enye yentsha ifundile yaze yafika ezingeni le-PhD kodwa imisebenzi ayikho. Ngazitshela ukuthi ngeke ngivumele ukusweleka kwemisebenzi kumise impilo yami. Ukubanomzali ongesekayo njengobaba nabanye abantu abasondelene nami kwenza kwabalula kimi,” kusho uNksz uKou.

Uthi uyise yinsika yakhe. Ubelokhu ewumeluleki wakhe kanti ukholelwa kuyena kusukela kwashona unina eneminyaka eyishumi. UNksz uKou uthi kuningi akufunde kuyise futhi uhlala efunda kanti uthemba ukuthi mhla ethatha umhlalaphansi ngeke ayeke ukumcobelela ngolwazi. Uthi nokwenza ucwaningo nokulandela izindaba zabanye abantu kwi-internet kumkhuthaze kakhulu.
Uthi imbono wakhe awumi nje ezitshaleni nasemfuyweni. Uzibophezele ekufukuleni intsha. Uqasha abantu abasha ukuthi basebenze naye epulazini futhi afafaze umyalezo othi kunempumelelo kwezolimo futhi ziletha ushintsho.
“Ngenxa yezingqinamba eziningi engibenazo seloku ngaqala, ukuyeka akukaze kubeyinto engiyicabangayo. Ngakhubeka, ngawa, ngavuka ngazithintitha. Ukulima kungilaphe ngezindlela engingakaze ngizicabange. Ngiphilela kona,” kusho yena.
UNksz uKou ufisa ukuqala ukulima ezinye izitshalo ezinjengobhontshisi namabele ngoba zidayisa kahle ukufeza isifiso sakhe sokubawumlimi omkhulu wama-merino, uhlobo lwezimvu. IThabile’s Farm Enterprise isiqashe izisebenzi ezimbili ngokugcwele nabelusi ababili.
Iseluleko sakhe sicace bha. Uthi qala kancane, hlala unomdlandla nothando kanti ungalokothi ulinde izimo ezinhle.
“Lindela ukuhluleka kodwa uvuke (uzithathe). Ngeke uthole imiphumela ngokushesha kodwa ukulima kuthembekile noma yini oyifakayo. Sekuyisikhathi sokuthi abantu besifazane abancane baqale ukukholelwa kubona. Kufanele bakhombise umhlaba wonke ukuthi nathi siyakwazi ukungena kuzo zonke izinhlobo zamabhizinisi, okubalwa okuthiwa ‘aphethwe ngamadoda’,” kucebisa uNksz uKou.
Instagram: @thabie_kou
Tiktok: @ thabie_kou