Uhulumeni usebenzise uR42 million ukunqanda amatele
YINTATHELI YOMBELE
UNGQONGQOSHE womNyango wezoLimo eNingizimu Afrika uMnu uJohn Steenhuisen uthi bathenge imijovo ewu-900 000 ngoR42 million ukugoma imfuyo.
U-Steenhuisen uveze lezi zindaba emhlanganweni nabafuyi bezilwane zenyama ebomvu eNtshonalanga Kapa ngesonto elidlule.
“Njengoba sisephezu kwezinhlelo zokukhiqiza imijovo eyethu, sibone kungcono ukuyithenga eBotswana ewu-900 000. Le mijovo izosisiza ukunqanda ukubhebhetheka kwamatele. Njengamanje adla lubi eGauteng, eMpumalanga, KwaZulu-Natali naseMpumalanga Kapa. Anomphumela omubi emnothweni nakubalimi ngoba abakwazi ukudayisa imfuyo ezindaweni ezibhedukelwe yilesi sifo,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/11/umnyango-wezolimo-ekzn-uqinisa-umkhankaso-wokunqanda-amatele/
Uthe abalimi abangayilandeli imithetho ebekiwe ukunqanda ukubhebhetheka kwamatele bazoboshwa.
“Iqiniso wukuthi kunabalimi abaqhubeka nokuziba izinhlelo okufanele zilandelwe ukugwema ukubheduka kwamatele. Abanye bayaqhubeka nokudayisa imfuyo esidlangalaleni noma sibatshelile ukuthi abame ezindaweni ezinamatele. Bayaqhubeka nokukhipha imfuyo ezifundazweni zabo, bayihambise kwezinye,” kusho uSteenhuisen.
Uthe bazoshicilela imithetho eqinile maduze mayelana nokudayisa imfuyo esidlangalaleni nokuhamba kwayo.
“Abalimi abaphula umthetho bazoshushiswa futhi bahlawuliswe ngoba izenzo zabo zomhobholo zilimaza umnotho. Ziqubula nezifo ezindaweni ezihlukene. Kumanje kuphazamisekile ukudayisa inyama ebomvu yaseNingizimu Afrika eChina,” kusho yena.
Yize kuqubuke amatele, uSteenhuisen uthe inyama ebomvu isaphephile ukuthi abantu bayidle.
Imenenja jikelele yeRed Meat Abattoir Association uMnu uGerhard Neethling ithe awaqali ukubheduka amatele kodwa ukusabalala kwawo ezifundazweni ezine kukhombisa ngokusobala ukuthi awaqashiwe ngeso lokhozi.
“Sinezinhlelo zokunqanda amatele kodwa kufanele umthetho uqine nokuqapha isimo kuqine ngoba abalimi bayalimala. Kuzoshayeka nomphakathi ngoba inyama ebomvu isiyabiza, kwazise aziningi izinkomo eziya emadeleni. Kuphazamisekile nokudayisa imfuyo ezweni naphesheya,” kusho yena.