Ukusika iphethini kuyise kuthela izithelo kumlimi omncane
WUTHOBILE ZWANE
UMFELANDAWONYE waseNkandla, KwaZulu-Natali, odlondlobalayo kulo mkhakha ukhuthazwe wukubuka kuyise wabasunguli bawo obeziphilisa ngokulima iminyaka.
Omunye wabasunguli abayisithupha beZincinze Co-operative uMnu uSabelo Magwaza, oneminyaka ewu-28, uthi bayisungula ngo-2023 begqugquzelwa wukuthi bakhula uyise elima futhi ayikho enye into eyaziwayo kubo ngaphandle kokulima.
Uthi banomhlaba wokulima ongamahekthare amathathu abatshale kuwo iklabishi, u-anyayisi, ispinashi namazambane. Sebezofaka nopelepele. Uthi into abahluke ngayo bakhiqiza umkhiqizo osezingeni eliphezulu futhi bayaqinisekisa ukuthi bakhipha ukudla okuhle.
Uthi abantu abathenga kakhulu izitolo eziseLindela abadayisa ematafuleni, ikakhulu iklabishi nabantu abasemphakathini.
Uthi ubusika yisona sikhathi esimatasa kakhulu kubona futhi bakwazi ukwenza imali eningi.
Akakufundelanga esikoleni ukulima kodwa wathi ephothula uMatikuletsheni wenza i-Business Management eMfolozi College egcina ku-N5 wangabe saqhubeka ngenxa yezinkinga ahlangabezana nazo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/05/umlimi-osemusha-uhlakulela-impumelelo/
“Ukuphuma ukuya emadolobheni siyotohoza, sihluleke, sabona ukuthi ubaba unemali kunathi ekhaya. Sabona ukuthi siqale nathi,” kusho yena.
Exoxa ngegama le nkampani iZincinze Co-operative uthi baliqamba ngegama likayise ngoba yonke into ethinta ukulima ibiqhamuka kuyena. “Saliqamba sithembe ukuthi liyokhula leli gama, naye ubaba azibone ewumuntu obalulekile nakuthina,” kusho uMagwaza. Muzwe echaza:
Uthi baqala bebabili ukulima nomfowabo, uyise wabaseka ngolwazi. “Ubaba useneminyaka engaphezulu kweyishumi elima, akayazi into yokusebenzela umlungu,” kusho uMagwaza.

Uthi izinselelo abahlangabezana nazo ngeyamanzi ngoba endaweni yabo amanzi ayahlupha, amandla okuthenga izikhuthazi nokuswela ulwazi; njengoba babengazi ukuthi umhlabathi ubuye uphunyuzwe ngokutshalwayo.
“Siswele amathangi. Sinalo elilodwa esaliphiwa, sathenga izinjini ngenxa yokuthi amanzi siwasebenzisa nomphakathi siyazama ukuthi sigcwalise ebusuku,” kusho yena. Muzwe echaza
UMagwaza uthi okumjabulisa kakhulu ngokuba nebhizinisi wukuziphatha nolwazi olusuke luza kuwena ozitholela lona.
Abaqashe muntu okwamanje ngoba bawumndeni omkhulu osebenza ndawonye. “Sijwayele ukuthola omama abasisizayo, babe babili. Akujwayelekile ukuthi kufike abantu abasha bezofuna ukusebenza nathi, kujwayele ukubangomama abakhulile,” kusho uMagwaza.
Uthi abantu abasha uma ubatshela ngokulima bayahleka uma bezwa ukuthi uze uvune emuva kwezinyanga ezimbalwa.
“Bona (abantu abasha) babuka le mali eseduze kodwa kuze kuphele lezo nyanga ezintathu leyo mali benganayo kodwa behleli bengamaqoqo emigwaqweni,” kusho yena.
UMagwaza ukholwa wukuthi uma kungase kuqoqwe intsha, inikwe ulwazi ngokulima kungasiza.
Uthi intsha ayiyeke ukuthatha ezolimo njengomsebenzi wabantu abangafundile noma njengowamakhehla kodwa ibuke imali ngoba yiyona esuke iyibhekile.
Facebook: Cabbage Farming