‘Imali iyabekwa, ayibhubhudlwa’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele umlingisi uNtombifuthi Dlamini odume ngokudlala indima ka‘Shlobo’ kuZalo kwiSABC 1

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo ngangiphiwa. Ngezikhathi zethu sasiphiwa ozuka (u5c), okwakuyimali enkulu kabi.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi ibhange? 

Ngaqala ngineminyaka ewu-18, ngayivula eStandard Bank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Into engayifunda wukuthi imali kufanele ungayisebenzisi noma yikanjani, ungayisebenziseli izinto ezingenasidingo kodwa uyisebenzisela izinto ezibalulekile. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ukusebenza ngo-2005 eSibaya Casino Theatre Show, ngangihola u-R5 000. Ngawunika uMa ngathi akabheke ikhaya ngoba wuyena ongikhulisile.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukunikela ekhaya lezintandane nabantu abahlwempu.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Alikho.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/25/ungayibhubhudli-imali-cabangela-ikusasa/

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Ngake ngalutheka. Ngathi ngizihambela eWorkshop eThekwini ngafika kubantu abadlala le nto yezixuku. Ngabona kudlalwa, ngafaka imali kanti angazi ukuthi badlala ngami. Ngabona imali yami isihambile engangoR1 200. Leyo mali  ngangiyogrosa ngayo.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Umama wangiyala wathi ngoba sengiqala ukusebenza imali isetshenziswa kahle futhi imali isetshenzelwa kanzima.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakha umuzi wasekhaya, ngilungise lapho okungalungile khona. Enye ngingalekelela abantu abaswele emphakathini lapho engingakwazi ukusiza khona.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Wukuthi uma uthola imali, funda ukuyibeka, ungayidli noma yikanjani ngoba ekugcineni njengoba sisemehlweni awonke umuntu sike sithi uma sivelelwe yinto okuqala nje bayabheka ukuthi sinani, njengokuthi uma (ngifa) ngizongcwabeka yini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page